zulu.2724.penpals
BONA – August 2005
BONA – August 2005
U-Klaas Sebothoma (34) uthanda ukubhalelana nabesimame abangaphuzi nabangabhemi beminyaka ephakathi kwengu-25-30 abazimisele ngomendo. Ukhonze ukufunda nokulalela umculo. Ikheli lakhe lithi: Box 385, Groothoek, 0628. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UThapelo Thipe, wase-Box 202, Laaiplek, 7365, ngumzalwane ozelwe kabusha ongumSuthu oneminyaka engu-29 futhi osebenzela uhulumeni eWestern Cape. Uthanda ukuxhumana nezintokazi zabeSuthu zeminyaka engu-21-28 ezingaphuzi futhi ezingabhemi ezizimisele ngomendo. Ukhonze ukubukela iTV, ukuya esontweni, ukudlala ibhola, ukucula nokuvakasha.
UBafana Tshabalala (33) ukhonze ukulalela i-hip-hop ne-R&B, ukudlala nokubukela ibhola, ukufunda nokubhala. Uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-18-25. Ikheli lakhe lithi: Mangaung Correction Centre, Private Bag X101, Fichardt Park, 9817. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu, isiSuthu noma isiNgisi.
UBongani Dyantyi, North End Centre, Private Bag X2950, Sydenham, 6056, ngowesilisa ongayedwana oneminyaka engu-22 onesifiso sokuxhumana nabesimame.
UNicademius Motsoeme (40) nguthisha onguMkhrestu ongaphuzi futhi ongabhemi othanda ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-30-35 ezingaphuzi futhi ezingabhemi ezingamaKhrestu ezikhonze isonto. Akanendaba noma bangaba nezingane. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe. Ikheli lithi: Hlomani Learning Centre, Krugersdorp Correction Centre, Private Bag X2023, Mogale City, 1740.
U-Ezekiel “Zakes” Mafane, No 203293159, wase-Kutama Sinthumile Correction Centre, Private Bag X2006, Louis Trichardt, 0920, uzokhululwa ngo-2009 kanti uthanda ukwakha ubuhlobo nabesimame abazimisele ngempilo. Akakhathazeki ngisho ngabe lowo muntu unengane eyodwa. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu, isiSuthu, isiTswana, isiNgisi noma isiPedi. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UTselane Motumi (40) unendodana eneminyaka engu-19, uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-49-55 abangaphuzi futhi abangabhemi. Uthanda ukufunda, ukubukela i-TV nokuya esontweni. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma isiNgisi. Ikheli lakhe lithi: Box 9851, Maseru, 100, Lesotho. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UDaniel M. Mothopo (41) ukhonza eZayoni kanti ukhonze umculo woKholo. Uthanda ukubhalelana nanoma ngubani. Abaphuzayo nababhemayo bangazihluphi. Izincwadi mazihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: No 201100970, SACM, Private Bag X2006, Louis Trichardt, 0920. [z]
Thola Umngani
