zulu.271.starsnov
BONA ZULU November 2008
Sincane isikhathi sokuba uqede konke ofuna ukukwenza. Hlelisisa izinto ukuze uthole injabulo. Lokhu kuzokwenza uqhubeke uphumelele ebunzimeni. Khombisa ikhono lobuholi bakho kunoma yini oyenzayo ukuze bakweseke.
Yisikhathi esihle kuwena uma uzojoyina uhlelo lomsebenzi okumanje selukhombisa inqubekela-phambili. Zuza okuthile kubaphathi bakho. Kuhle ukwazisa ukubaluleka kokubambisana.
Ukuze kube khona ukuphepha empilweni, bambelela kulokhu osuwake wakubona ukuthi kuyakusebenzela. Kuningi ozokuzuza ngokuzibambela mathupha kokwenzayo kodwa futhi ungatatazeli. Thatha izinqumo emva kokucabangisisa.
Inhlanhla ingakuwe, ungabi namahloni okuqhamuka nemiqondo emihle ephusile. Ngenxa yemibono yakho emihle, nokwenzayo kuzothola ukuhlonishwa - nokuyiyona into enhle ekhombisa inqubekela-phambili.
Ukungazethembi sekuphelile. Yisikhathi sokuzidalela amathuba azokwakhela intuthuko. Uzokwazi ukuphothula imisebenzi ebikade isimile. Asikho isikhathi sokuchithwa!
IZINKANYEZI
Kungaba yinto enhle ukuzichithela isikhathi uhlale nabantu abazoba wusizo. Lokhu kungakwenza ukuba uphumelele empilweni yakho, ukwazi futhi nokugwema abantu abangelona usizo kuwena.
Uzokhombisa ikhono elivelele ekuphatheni nasekuthatheni izinqumo. Lokhu kuzoholela empumelelweni yanoma yini oyenzayo kulesi sikhathi sezinyanga eziyishumi nambili ezilandelayo.
Nasemsebenzini uzokwazi ukuzibonakalisa, ube nempilo enhle futhi.
Impilo yabomndeni kuzokuba ngenhle nethokozelekayo, Uzokwazi futhi ukusombulula izinkinga zabomndeni kube khona ukuthula ekhaya.
Yisikhathi sokuba uthokozele uthando nesithandwa sakho ngokukhombisa inhliziyo emnene nokuzethemba.
Lona futhi ngunyaka lapho uzobona enkulu intuthuko ngokwamandla ezomoya nenkolo.
BENSON MHLONGO umdlali webhola
(November 9, 1980)
Xazulula izinkinga onazo. Lokhu kuzokunika ithuba lokubhukula - uzothola namathuba amahle empilweni, ngakhoke hlelisisa kahle ikusasa lakho. Lesi yisikhathi sempumelelo.
Nakuba isimo sakho sezezimali singesihle, kodwa ngenxa yokusebenzisa umqondo ngokuyikho, uzokwazi ukuyixazulula leyo nkinga. Azi ukuthi udinga isixazululo sesikhathi eside. Ngakhoke qhamuka nohlelo lokonga oluzokusebenzela.
Lesi yisikhathi sokuba uphokophele ozimisele ukuphumelela kukho. Ugqozi onalo lungakwakhela ushintsho oluhle oluzokulethela impumelelo empilweni. Khombisa ukuzihlonipha uma uzimisele ngokuba ungachezuki endleleni yempumelelo.
Lesi yisikhathi sokulungisa ngempumelelo isimo sasekhaya. Uzothola izinto ezizokongela imali wenze nezivumelwano ezinhle zokuhwebelana. Izinkinga zizoxazululeka, kube lula nokuqhubekela phambili.
Izinto zizokuhambela kahle kakhulu. Ezinhlelweni zezothando kubukeka sekusondele ukuba ziphothulwe ngempumelelo. Uzothola abangani abasha ngokuxhumana nabantu. Kuningi okuzokulethela intokozo.[z]
