zulu.2717.paperclip
BONA – August 2005
NGEMUMVA nje kancane kwesikhathi esingangonyaka, uKyle MacDonald waseMontreal eCanada, wayene-paperclip ebomvu nephupho. Ayikho into eyayitheni ngale-paperclip, yayizifanela nesiwajwayele kodwa efuna ukuyenza umuzi.
Lo mbhali owayeneminyaka engu-26 eziphilisa ngokudiliva ama-pizza nokupakisha amagrosa abantu esuphamakethe, wayehlala nentombi yakhe komunye umuzi nabanye ababili. Umshikashika womkhankaso wephupho lakhe wawuqala ngoJuly 2005.
Lokhu ayekuqalile wayengakwenzeli ukubona ukuthi kuzomsebenzela yini - kodwa wafuna ukugcina esenomuzi wakhe.
UKyle wazisungulela iWebsite yakhe nokuyilapho ayecela ukushintshisana nge-paperclip ebomvu ukuze yena athole noma yini. Inhloso yakhe wayefuna ukuba athole izinto ezinkulu nezingcono kuze kube kufezeka iphupho lakhe lokuba nomuzi wakhe.
Waqale wayishintshanisa le paperclip ngepeni eliluhlaza elimise okwenhlanzi. Emva kwalokho washintshanisa ngepeni ukuze athole i-doorknob enobuso obuhlekayo. Lokho wabuye wakushintshanisa ngesitofu sokukhempa.
Ngosizo lweWebsite
yakhe, uKyle wasishintsha naso isitofu esishintshanisa nge-generator, nayo wayishintshanisa ngokuba athole i-“instant party pack,” eyayihambisana nobhiya. Okwalandela lapho kwaba wukuba uDJ wendawo anike uKyle i-snowmobile nge-party pack.
NJENGAMANJE konke kusahamba kahle. UKyle kumanje usene-snowmobile esingathi ngokwezinga laseSouth Africa singafaniswa nesithuthuthu sikanokusho.
Ngesikhathi bexoxisana naye abeTV yaseCanada, wathi uzimisele ngokuba ashintshanise i-snowmobile sakhe ukuze athole iholidi ndawana thile.
“Ngingaya noma kuphi ngaphandle kwaseYahk,” kusho yena encokola, eqondise edolobheni elincane elisesifundeni seBritish Columbia. Kukhona owaphendula kulokhu wathatha i-snowmobile wanika uMcDonald uhambo lwamahhala oluya eYahk.
Lolo hambo walushintshanisa nge-lorry nayo ayishintshanisa ngestudyo sokuqopha.
Emva kwalokho owesimame wasePhoenix, eColorado, eMelika owayefuna ukurekhoda i-albhamu yakhe, waqashisela uKyle umuzi wakhe isikhathi esingangonyaka.
UKyle waba negunya lokuba nokhiye bakule ndawo nakuba yena wayezifunela eyakhe indawo!
Ngaleso sikhathi wayesebonakale kwiTV eCanada naseJaphani nakwiGood Morning, America, esezwakale nasemisakazweni kanti eLos Angeles wezwiwa ngomunye umlisa emsakazweni wagcina esephambili kule nsumansumane kaKyle.
Lowo kwakunguCorbin Bernsen, weLA Law, Major League namanye ama-movie amaningi.
UBernsen waxhumana noKyle emtshela ukuthi wayebhala futhi eqondisa i-movie wathi angakwazi ukumnika indawo angayidlala. UMacDonald kwamthokozisa lokhu. Kodwa wayengazimisele ukushintshisana ngokuthile ngaphandle kokuthengiselana.
UMacDonald wasigcina isicelo sikaBernsen kwiWebsite yakhe.
Emva kwalokho uMacDonald washintshanisana ngemali yerenti yonyaka wonke nomculi u-Alice Cooper. Emva kwale-movie uKyle wathenga isikhathi kuCooper esithengela i-snowglobe yeqembu lomculo iKiss.
KUYEZWAKALA, enye yalezo zingilazi noma izinto zikapulasitiki, ozinyakazisa bese zenza ukuba sengathi kuwa iqhwa.
Lokhu akwehlukile kakhulu kune-paperclip uKyle aqala ngayo.
Kusukela ngezikhathi uCorbin Bernsen ayethola izinto zamahhala ngohambo lokuthuthukiswa kweLA Law, wayeseqoqe ama-snow globe cishe angu-6 500. Ngakhoke uMacDonald wanika uBernsen i-globe yeKiss wakhuthaza nabavakashela iWebsite yakhe ukuba bamthumelele ama-globe amaningi ukuze abanike izithombe zakhe azisayinile.
Ngaleso sikhathi, umkhandlu wedolobha laseKipling, esifundeni saseCanada eSaskatchewan, wakhombisa uthando kulokhu.
Ngesikhathi umxhumanisi wezokuthuthukiswa uBert Roach, ezwa ngesicelo sikaMacDonald, wenza isicelo emhlanganweni womkhandlu olandelayo ukuba iKipling idonse uMacDonald.
Leli dolobha lathenga indlu eyayingahlali muntu kuMain Street layinikeza uMacDonald. URoach ngeke nakancane adalule imali yayo ngoba uMacDonald uthi akafuni ukwazi.
Leli dolobha lafaka futhi isicelo sokubeka i-paperclip ebomvu emgwaqweni omkhulu ongena kulo nokuba kube nemincintiswano yokuvumbulula amakhono ezokwenziwa ngendlela yama-Idols ukuze kutholakale ozodlala indawo ethile kwi-movie. Ababezowungenela, kwakuzodingeka ukuba banikelele kwezomnyango wamapaki akuleli dolobha nasezinhlanganweni ezintulayo.
UBernsen uthi uma umuntu ofanele eqhamuka kule-show yamakhono angamdlalisa indawo ephambili.
Okunye okubaluleke kakhulu wukuthi phakathi kuka-2006, uKyle MacDonald wayithola indlu yakhe.
UKyle, othi uthola izicelo zivela ezitudyo zaseHollywood zokuba enze indaba yakhe ibe yi-movie, uzobe ezihlalele ekhaya lakhe elisha nentombi yakhe uDominique Dupuis, ebhala incwadi ngalezi zigigaba zakhe.
Nakuba athola umuzi nge-paperclip ebomvu kodwa naye izindleko zezidingo zomuzi uzozikhokhela.[z]
Indoda eyathola umuzi
nge-paperclip
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
Kunjalo! UKyle MacDonald waqala nge-paperclip - emva konyaka, wagcina esenomuzi wakhe…
Isimanga sendaba
BONA ZULU – October 2006
u
Uthini Umthetho
Ngingabuyelwa kanjani yimpahla yami?
INKINGA: Ngesikhathi ngiboleka R5 000 kumashonisa, wangicela ukuba ngisayine ikontileka lapho ngangivuma khona ukubambisa ngemoto yami ngize ngikhokhe imali.
Ngesikhathi sengiyikhokhile yonke - kanye nenzalo - wenqaba ukungibuyisela imoto yami wathi yalimala ngesikhathi isegaraji eyipakile wathi ufuna ukuyilungisa.
Njengamanje emva kwezinyanga eziningana, usenqaba ukungibuyisela imoto yami kanti futhi akakayilungisi lapho yalimala khona. Ngenzenjani?
ISELULEKO SOFEZELA: Ngenhlanhla umthetho ubeka ngokucacile ngale nkinga onayo.
Wasayina isivumelwano esasibambisa ngemoto yakho kumuntu owayekuboleka imali.
Wabambisa ngemoto yakho ngokwesivumelwano, ukuze ayigcine ngokwegunya lomthetho.
Kulokhu, umuntu owakuboleka (simbiza nge-“pledgee”) kudingeka ukuba ayinakekele ayibheke leyo nto okubanjiswe ngayo (kulokhu okuyimoto yakho) kanti konke okwenzeka kuyo kuba ngumthwalo wakhe.
Uma isikweletu sesikhokhwe saqedwa oyi-pledgee kufanele ayibuyise impahla okwakubanjiswe ngayo isesimweni eyayikuso ngesikhathi eyinikwa. Kungakuhle uma lowo mashonisa unga-mbhalela incwadi erejistiwe umcele ukuba abuyise imoto yakho zingakapheli izinsuku ezingu-7. Qiniseka ukuthi uyabubeka ubufakazi bokuyirejista.
Uma umashonisa engayibuyisi imoto yakho, kuzodingeka ubonane nommeli akusize.
Enkantolo uzothola ithuba lokucela ukuba aphoqelelwe ukuyibuyisela kuwe ngokushesha.
Ummeli wakho kufanele amkhiphele amasamanisi okuba akubuyisele imoto yakho nokuba uthole amademeshe.
Kufanele kube yimali yokukhanda imoto yakho. Kufanele wenze ama-quote ezindawo ezintathu ezihlukene ezikhandayo.
Ngaphandle kokungabaza uzophumelela. [z]
BONA ZULU – October 2006
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 – ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
t
i-paperclip
