zulu.2716.parenting
Okwabazali
umhlahlandlela wokwenza kahle
UKUDAYA izinwele kungaba yingozi... Kuphuma izinyo njalo uma ukhulelwe...Uphathwa yisilungulelo... Sesifikile isikhathi sokwazi okuliqiniso nokungamanga ngokukhulelwa...
" Ukudaya izinwele kungaba yingozi.
IQINISO! Ucwaningo lososayensi lukhomba ukuthi ukudaya izinwele ikakhulu uma unezinyanga ezintathu ukhulelwe kungaba yingozi.
Lokhu kwenzeka uma udayi ufakwe wangena esikhumbeni. Isikhumba simunca amakhemikhali akudayi angene egazini lakho. Lawo makhemikhali adlulela enganeni.
Uma udaya izinwele, sebenzisa udayi emva kwezinyanga ezintathu ukhulelwe udaye nge-vegetable dye engenawo amakhemikhali.
" Ukudla okuphuzi nokusawolintshi kungenza ingane izalwe ine-jaundice
AMANGA! Ukuba phuzi kwesikhumba sengane akudalwa wukudla okudla ukhulelwe.
Lowo mbala usuke usegazini lengane. Wenziwa wukuphela kwama-cells amadala kodwa isibindi sisiza ngokuwuqeda lowo mbala. Uma ukhulelwe, yisibindi sakho esenza lo msebenzi enganeni.
Uma ingane izalwa, kungathatha isikhathi ukuthi isibindi sayo siwenze ngendlela efanele umsebenzi. Kungenzeka kubonakale umbala ophuzi esikhumbeni sengane emva kwezinsuku ezimbili izelwe noma osukwini lwesihlanu uma ingane izalwe kungakabi yisikhathi.
I-jaundice ayinabungozi kodwa kudingeka ukuba uye kudokotela ngoba uma imandla kakhulu angakusiza yelashwe.
Akuvamile ukuthi kuze kudingeke ukuba yelashwe kanti okusemqoka wukuyincelisa ibele njalo ingane ukuze ibe namanzi anele emzimbeni.
Kuthatha amasonto amabili ukuthi i-jaundice iphele enganeni ezalwe ngesikhathi sayo kanti kwezalwe ngaphambi kwesikhathi kuthatha izinyanga ezimbili. Isibhedlela singasebenzisa indlela yokwelapha ebizwa nge-phototherapy lapho ingane ibekwa khona endaweni ekhanyisiwe ukuze umbala ophuzi egazini layo uphumele emchamweni.
" Kuphuma izinyo njalo uma ukhulelwe
IQINISO! Kusemqoka ukunakekela amazinyo ngesikhathi ukhulelwe ngoba ama-hormones angenza izinsini zakho ziphathwe yizifo ezinjenge-gingivitis kalula. Ungahlushwa amazinyo uma unalezo zifo agcine esephumile.
Waphathe kahle amazinyo akho: yengeza i-calcium ekudleni kwakho udle i-yogurt noshizi. Xubha amazinyo uwahlanze ngentambo yawo okungenani kabili ngosuku.
"Uphathwa yisilungulelo uma ingane inezinwele
AMANGA! Ngokwezempilo, isilungulelo sichazwa njengokushisa okuba kwi-oesophagus okudalwa yi-acid esesiswini esuke ingene emphinjeni.
Uma ukhulelwe isilungulelo siba mandla kakhulu ngoba ingane ithatha indawo eningi esiswini i-hormone yokukhulelwa ebizwa nge-progesterone yenze ukuba i-valve ephakathi kwesisu ne-oesophogus ingasebenzi kahle. Ngaleyo ndlela kuba lula ukuba i-acid esesiswini iye emphinjeni.
Ukudambisa isilungulelo: cela usokhemisi wakho akunike ibhodlela leGaviscon, umuthi wesilungulelo ongawuthenga ophephile kwabakhulelwe.
Okunye, gwema ukudla kakhulu noma ukulala emva kokudla.
"Isikhumba sakho siba sihle uma ukhulelwe
AMANGA! Okwenzeka komama abakhulelwe akufani.Kungenzeka isikhumba sakho sishintshe ngenxa yoguquko kuma-hormones. Abanye omama baba nezinduna uma bekhulelwe kanti ziphela uma sebebelethile. Kungenzeka ube nama-stretchmarks isikhumba sibabe, kanti abanye omama ababi nankinga uma bekhulelwe.
Siza isikhumba sakho: phuza amanzi kakhulu usebenzise isiswakamisi ebusweni nasemzimbeni.
Uma ubuso bakho bomile, izindlala ezibizwa nge-sebaceous glands ziwukhiqiza kakhulu uwoyela ovala iziqu zoboya ube nezinduna kanti uma isikhumba sakho singaswakeme ngokwanele kwesingezansi, singoma sibe nama-stretchmarks sibabe.
BONA ZULU - January 2007
Okomama
nobaba....
Ukukhulelwa
iqiniso namanga
Omama abakhulelwe bavame ukukhala ngezeluleko nangolwazi oluningi abaluthola kwabanye abantu uma kukhulunywa ngokukhulelwa nokubeletha. Ngabe abakuzwayo kuyiqiniso kangakanani"
YOBE!
Oshicilelweni lwethu lukaNovember 2006 sabhala ngama-purees amnandi sathola ukuthi uchunge olusha lokudla kwabantwana lwakwaWoolworths yilona oluphuma phambili. Kodwa iphutha esalenza kwaba wukuthi sithi lolu chunge "lunama- preservative."
Lokho akusilo iqiniso. Uchunge lokudla kwakwaWoolworths ALUNAMA- PRESERVATIVES. Lufreshi, kanti kufanele ulufake efrijini.
Lutholakala kuzo zonke izitolo zakwaWoolworths, kanti kukhona okunezithelo nenyama yemvu, kutholakala ngamaqoqwana angosayizi abahlukahlukene.
BONA ZULU - January 2007
nguNONHLANHLA KHUMALO
u
t
Ifundelani enkulisa"
Kuyisibusiso ukushiya ingane nomkhulu nogogo uma umama nobaba besebenza. Kodwa ngabe uyazi ukuthi ingane ingasizakala kangakanani enkulisa"
UKUBHALISA ingane enkulisa ewenza ngendlela egculisayo umsebenzi kungadla ephaketheni kodwa ngeke uyikhalele leyo mali. Inkulisa ingayisiza ingane yakho...
1: Ithola abangani
Ziningi izifo ezingatheni ingane engazithola uma ifunda enkulisa. Kodwa enkulisa izohlangana nezingane ezizalwa emindenini ehlukahlukene. Enkulisa kuxoxwa izindaba ithole nabangani.
2: Ihloma ngekhono lokufunda
Zonke izingane ziyakudinga ukuba sekilasini ngaphambi kokuqala isikole. Ingane ngeke ilesabe ikilasi uma iqale ngokufunda enkulisa, ngeke ikuxwaye ukushayelwa imithetho nguthisha kanti izokhululeka uma inezinye izingane.
3: Amakhono okuphila
Enkulisa izingane zihloma ngekhono lokuxhumana nezinye. Zifunda ukwenza izinto ngokuzimela zifunde nokuba nozwelo kwezinye - kusemqoka kakhulu lokho!
Zibuye zifunde nokwabelana nabanye abantu zizwakalise imizwa yazo.
4: Ukunyakazisa umzimba
Iningi lezinkulisa linemidlalo elungele odado. Leyo midlalo isiza ngokwakha amakhono anjengokusebenzisa isandla neso, nokuyinto engasiza ingane ekwenzeni izinto ezinjengokufasa izicathulo.
5: Kumnandi!
Enkulisa kukhona izinto zokudlala okungenzeka ungabi nazo ekhaya. Enkulisa izingane zifunda ngokudlala kanti ayikho into eziyithokozela njengaleyo.
BONA ZULU - January 2007
Okomama
nobaba....
Ukudla nokuzi-phatha kwengane
UKUPHATHWA yikhanda kuyinto ejwayelekile kunoma ngubani. Kodwa uthi bewazi ukuthi u-60 percent wabaneminyaka engaphansi kuka-16 uphathwa yikhanda" Izinhlungu ziyafana kwabancane nakwabadala. Kodwa ngabe le nkinga idalwa yini"
Ukukhandleka
Izingane nazo ziyakhandleka ngokwengqondo kodwa-ke izizathu ezenza lokho kuzona zihlukile kwezabadala. Ukuthuthela ekhaya elisha noma ukuqala kwesinye isikole kungazikhandla kanti okunye okungazikhandla wukudlula emhlabeni kwelungu lomndeni noma ukufa kwesilwane esifuywa ekhaya.
Uma ungumzali kubalulekile ukuba ukhulume nezingane ngokuzikhathazayo.
I-Migraine
Izingane ziyaphathwa yi-migraine. Akekho onolwazi lokuthi idalwa yini kodwa lolu hlobo lwekhanda kwabanye luba mandla kakhulu kwabanye lube kahle kanti umsindo, amalambu akhanya kakhulu nephunga kuba yimbangela yalo.
Ukugula
Ukuphathwa yikhanda kungaba wuphawu lwesinye isifo. Yi-meningitis, izifo ezihambisana namagciwane nezinye izifo okungaba yimbangela yokuphathwa yikhanda. Umuntu ophethwe yikhanda angaba nenhliziyo encane noma ashise kakhulu.
Ukuvakashela kudokotela
Izinhlungu zingaba mandla kakhulu noma zibekezeleleke. Bonana nodokotela uma ingane ihlale ikhala ngokuphathwa yikhanda.
Konke kwaqala mhla uthishanhloko wenye i-primary school ethatha isinqumo sokushintsha i-menu ye-tuck shop yesikole. Esikhundleni sikashokoledi, ama-chips, iziphuzo ezihlohlozayo nokudla okungenamsoco kwadayiswa ama-sandwich nokokubamba umoya okunempilo. Abafundi babonakala bephapheme ekilasini emva kwalokho bangakhombisa zimpawu zokukhathala.
Nawe ungakwenza lokho ekhaya. Qiniseka ukuthi ingane yakho iphatha umphako onomsoco zonke izinsuku. Ngaleyo ndlela ngeke kudingeke ukuba ithenge engakudla esikoleni.
Okunye ongakwenza wukucela kuthishanhloko ukuba kudayiswe ukudla okunempilo esikoleni.
Ukudla okungenamsoco izingane ezikudlayo kunokuningi okwengezwe kukona, kudayiwe, kunezinongo nama-preservatives. Imbangela yokuthi ukudla kwazo kube nazo zonke lezi zinto esizibalile wukuthi kusuke kwenzelwa ukuba kunambitheke izingane zikuthande. Kufanele kubuye kuhlale isikhathi eside nokuyisizathu esenza kube nama-preservatives avimbela ukubola. Ukudla kwezingane kunoshukela nosawoti owengeziwe okuyizinto ezingadingeki ezinganeni ezisakhula.
Mama, ngiphethwe yikhanda...
BONA ZULU - January 2007
KUMNANDI!
J Izithelo ezifreshi ezonyisiwe zingaba yisidlo esikahle sokubamba umoya.
J Kulula ukuphatha ama-veg adliwa engaphekiwe.
J Ama-rice cake nama-bread stick awanawo amafutha amaningi, usawoti nezinye izithako ezitholakala ezidlweni ezingenamsoco.
J I-yogurt ikahle ezinganeni ngoba ine-calcium eqinisa amathambo.
J Xuba ujusi wezithelo namanzi ngoba une-fructose engushukela osezithelweni.
t
BONA - September 2006
Okomama
nobaba....
BONA - September 2006
