zulu.2714.free
20 AMAHAMPA
Okwabesimame banamuhla
I-Femagene Intimate Gel isiza umzimba ngokuba yehlise ukuluma, ukushisa, ukungaphatheki kahle nezilonda endaweni yangasese kwelapheke kalula.
Le mithi iyatholakala futhi kuma-handbag packs eFemagene Wipes. Ukusebenzisa izinsipho ezijwayelekile noma izibulali magciwane kule ndawo yangasese kungayibeka engcupheni yokuba isheshe ingenwe wukufa okudalwa amagciwane namaphunga amabi ekubeni iFemagene Intimate Soap isiza ekugcineni i-pH ilingana ngokwendalo.
UBONA unikezela ngamahampa angu-20 abiza R140 iyinye aqukethe iFemagene Intimate Gel, Femagene Intimate Soap neFemagene Intimate Wipes.
Vele ubhale kwi-postcard igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Femagene Intimate Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140.
I-BAR FRIDGE EYODWA NAMAHAMPA ANGU-9
Ibhulakifesi elinempilo
AbakwaKellogg SA basanda kwenza ucwaningo lokuqhathanisa ubungako bomsoco kumaKellogg’s Corn Flakes nephalishi.
Lolu cwaningo lwaveza imiphumela ekhombisa ukuthi ama-corn flakes aqukethe ama-micronutrients amaningi (Vitamins A, B1, B2, B3, B5, B6, B12, C ne-iron) kunephalishi.
UBONA unikezela ngeBauer bar fridge ebiza R1 800; amahampa amane abiza R200 (anezinkomishi ezine, izindishi zama-cereals ezine ne-container yokufaka ama-cereals eyodwa); namahampa amancane amahlanu (aqukethe izindishi zama-cereals ezine nebhokisi elilodwa lama-corn flakes) abiza R80 iyinye.
Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa kowenhlanhla, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Kellogg’s Corn Flakes Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
BONA ZULU – November 2005
Okwamahhala
6 AMAHAMPA
Swakamisa isikhumba sakho
Imikhiqizo ye-Almay’s Clear Complexion yenza ukuba izishishili zisuke ngokushesha, isize futhi ekuqedeni amabala ngaphambi kokuba aqale kanti ikuphatha kahle ekubeni ayisomisi isikhumba.
I-Almay Oil Control Clay Mask imunca amafutha amaningi ngesikhathi isiza ekuqiniseni nasekucoliseni izimbobo zesikhumba.
I-Almay Hydrating Mask iswakamisa isikhumba ngomswakama odingekayo nobalulekile isenze sicoliseke ngokuthambisa izimbimbi zokuguga.
I-Almay Gentle Exfoliator iqukethe izinhlayiya zokuhlanza isikhumba ezisusa amafutha amaningi nokungcola ngesikhathi isusa ama-cells afile esikhumba. UBONA unikezela ngamahampa ayisithupha abiza R515 iyinye. Ukuze ungenele owokutonyulwa kowenhlanhla, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Almay Clear Complexion and Masks Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
3 AMAHAMPA
Ithi hamba sikhumba esomile
Uchunge lwemikhiqizo yokunakekelwa kwesikhumba ye-E45 luqukethe imikhiqizo yokuswakamisa esiza ekulweni nokoma kwesikhumba isigcine sithambile sibe nomswakama ngokwendalo.
I-E45 Cream iyisiswakamisi esimunceka kalula esigcina isikhumba sakho sithambile yenze kube lula futhi ukusinakekela. Iswakamisa isikhumba amahora angu-48 emva kokuyifaka.
I-E45 Bath Oil ishiya isikhumba sibushelelezi sinomswakama kanti ituswa kakhulu ezimweni zesikhumba esomile njengakwi-eczema.
UBONA unikezela ngamahampa amathathu. Iyinye ibiza R1 000 kanti iqukethe imikhiqizo ye-E45 - ama-slippers, i-gown ne-headband. Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola eyodwa yawo, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/E45 Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
izipho zikaR17 890
100 IZIFUNDO
Izifundo zokuqeqeshelwa ukugcina ikhaya
I-Edu-Self izonika abafundi bakaBONA abangu-100 izincwadi ezine zokuqeqesha eziphathelene nokugcinwa kwekhaya.
Zonke izifundo zingesiNgisi, isiSuthu, isiZulu nesiBhunu kanti kukhona nezithombe ezichazayo ezenza kuthokozeleke ukufunda. Incwadi ngayinye ekugcineni ine-test eyenza uzihlole ngamakhono amasha owafundile kanye nemininingwane yokuthi ungasithola kanjani isitifiketi sokugcinwa kwendlu.
Uma ubhala ukuze uthole omunye wale mititilizo, uzibeka ethubeni lokuwina ifriji entsha. Ukuze ube semgqeni wokutonyulwa kowenhlanhla uthole eyodwa yalawa masethi ezincwadi angu-100 abiza R30 iyinye, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Edu-Self Giveaway, Box 35402, Northway, 4065.
Usuku lokuvala:
30 November 2005
Ungayingenela futhi le mititilizo nge-cellphone yakho. Bhala uBONA, ushiye isikhala, ubhale uFREE, ubhale ALMAY, noma BAUER, noma E45, noma EDU-SELF, noma FEMAGENE, noma SWANKIE, bese uthumela ku-34110. Ngenela kaningi ngokuthanda kwakho.
I-SMS ibiza R2 iyinye. [z]
30 AMAHAMPA
Bukeka kahle, uzizwe ukahle
Thokozela lokho kuvikeleka okuhlala isikhathi eside uzizwe ufreshi usuku lonke ngochunge lwemikhiqizo yeSwankie yeziqedaphunga ezingama-roll-on avikela ukujuluka.
Amakha esiqedaphunga sakho mawahambisane neSwankie Cream Body Perfume, enephunga elimnandi elihlala isikhathi eside, nezokwenza isikhumba sakho sithambe, sibe bushelelezi, siswakame sibe sihle usuku lonke nasebusuku imbala.
Khetha kulezi zinhlobo zamakha eziyisithupha: In Love, Romance, Mist, Classique, Sensual ne-Eternal. UBONA unikezela ngamahampa angu-30 abiza R100. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa kowenhlanhla, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Swankie Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
BONA ZULU – November 2005
