zulu.2711.tents
Kungani kunakwa izinto ezincane
Asifune tende lapha!
Ngabe unephathi" Kungani ungagxumeki itende emgwaqweni" Izakhamuzi zaselokishini sezicikwa yilaba bantu abangenandaba nomthetho nokuzenza zimangale ukuthi kungani amaphoyisa angenzi lutho ngalokhu ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho. Lokhu kungayihloniphi imithetho sekuthatha elinye igxathu...
indaba nguTEDDY GOMBA
OMUNYE umuntu wathi, "ukungahloniphi yisona sono esikhulu kunazo zonke," yikho lokho okucekela phansi isizwe. Ngamanye amazwi, akuzona izinto ezinkulu, hhayi ubugebengu obukhulu, okubukela phansi ukuzinza kwesimo sezwe, kodwa bonke labo abaphula imithetho emincane bephindelela.
Izakhamuzi zaseSoweto zingakufakazela lokhu ukuthi lezi zinto ezincane ziphazamisa kanjani.
Cishe njalo ngezimpelasonto uzothola ukuthi kukhona ogxumeke itende lephathi, elomshado noma lomngcwabo. Kuhle. Kodwa inkinga wukuthi bawagxumeka emgwaqweni osetshenziswa wumphakathi nokukhombisa ukungayikhathaleli imithetho kamasipala, nokuxakekisa abanye omakhelwane.
Omunye wezakhamuzi wasilandisa ngesigameko lapho omunye umakhelwane onamatekisi amba khona umsele onqamula emgwaqweni ngenhloso yokuvimbela abanye abashayeli bezinye izimoto ukuba bangaklwebhi noma bashayise amakhumbi akhe uma epakile. "Omunye umshayeli wemoto owayengenalwazi ngalo msele, washayela imoto yakhe yaye yayongena kulo mgodi yalimala," kusho kukhumbula esinye isakhamuzi sikhombisa okukhulu ukudinwa.
Kukhona futhi omunye umnini womuzi owagxumeka itende phakathi nomgwaqo emshadweni wendodakazi yakhe.
"Lelo tende lama lapho izinsuku ezintathu zonke," kusho kukhumbula omunye womakhelwane. "Akazange ameme ngisho oyedwa womakhelwane emshadweni. Wasenza saxakeka ngento esasingazuzi lutho kuyona."
Imvume
U-Edna Mamonyane wamaphoyisa kamasipala eGoli uthi nakuba eqonda ukuthi abantu bayaphoqeka ukugxumeka amatende emigwaqweni ngoba amajalidi abo mancane kakhulu, kodwa kufanele baqale entweni elula - ukukhombisa inhlonipho.
"Kufanele uxhumane nekhansela langakini bese kubakhona i-petition esayinwe omakhelwane bakho bekunika imvume yokuligxumeka.
"Sifuna umphakathi wazi ukuthi uma uphambuka uzobhekana nomthetho.
"Uma wehluleka wukuhambisana nale mithetho, lokho kungaholela ekutheni umuntu ahlawule R1 000.
"Ukwenza isibonelo, zonke izicelo ziyocutshungulwa ngamaphoyisa kamasipala, kuthi lapho kutholakala ukuthi lowo mgwaqo usemzileni wamatekisi, lowo muntu angayitholi imvume," kusho uMamonyane.
"Iziphathimandla zethu zizosusa noma yiliphi itende eligxunyekwe ngaphandle kwemvume nakuba zingeke zikwazi ukuba zibe khona kuyo yonke imigwaqo zikhathi zonke. Ngakhoke sicela izakhamuzi ukuba zisishayele ucingo uma kugxunyekwe amatende emigwaqweni phakathi kwezindlu, ngoba iziphathimandla zethu mhlawumbe kungenzeka zingawaboni. Ngeke sikuvumele ngempela ukuba izakhamuzi zizenzele ezikuthandayo,"
Abawuhloniphi umthetho
Kubonakala sengathi ukwesabisa ngokubahlawulisa akwenzi lutho ukunqanda laba bantu abangacabangi abaphula umthetho.
Uchwepheshe wezomthetho uphrofesa Shadrack Ghutto uthi iSA iphuma esikhathini esingesihle nokuyilapho imithetho yezwe yayenzelwe ukuphatha uhlobo oluthile ngendlela ehlukile.
Lokhu kungalingani kudale ukuba abanye abantu bangawuhloniphi umthetho nokugcinwa kwawo.
Wabexwayisa ngokuthi lokho akusiyo neze into abangazithethelela ngayo.
"Noma ngubani ongawuhloniphi umthetho uyithuluzi ezandleni zalabo abafuna ukubukela phansi umbuso," kusho yena.
"Njengokungenwa izidakamizwa, ukungagcinwa komthetho kuqala kancane - kube nokudideka lapha nalaphaya - ngesikhathi esifushane, lokho okuncane kudale okukhulu."
Mawabonakale
Oyi-urban consultant uNeil Fraser uthi, uma amaphoyisa kamasipala efuna ukuwuphoqelela umthetho, kufanele aqale akhombise ukusebenza ngokuzinikela kube yiwo akuvimbelayo lokhu.
"Umthetho ungaphoqelelwa kuphela uma amaphoyisa ebonakala emigwaqweni," kusho yena.
"Ukubonakala kwamaphoyisa emphakathini kwenza abantu basabe ukwenza ubugebengu, ngaleyo ndlela lehle izinga labo.
"Ngabe amaphoyisa kamasipala anakekela ngokwanele"" kusho kubuza yena.
"Sengike ngabona amaphoyisa amaningi kamasipala edolobheni ehamba ngezinyawo esemkhankasweni wawo. Lokho yinto enhle, kodwa kwathi ngisalinde irobhothi ukuba lishintshe, amatekisi ayemile ekhoneni nangaphesheya kwezimpambano zomgwaqo ehlisa abantu - konke lokho ekwenza phambi kwamaphoyisa kamasipala.
"Awakushayanga-ndiva lokho ngoba ayezitshela ukuthi aphumele ukuzohlawulisa abahamba ngezinyawo."
Okwezakhamuzi zaseSoweto... kubukeka sengathi kusazodingeka ukuba zilinde isikhathi eside ngaphambi kokuba iziphathimandla ziqale zibhekane nemithetho yabantu ababudedengu abangawazisi umthetho - njengabagxumeka amatende nabamba imisele enqamula imigwaqo. [z]
