zulu.2710.licence
Uthini Umthetho
Ngaphathwa kabi
INKINGA: Sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 ngisebenza njengosokontileka ozimele emnyangweni wezokukhangisa kwelinye lamabhange amakhulu.
Kwakungakaze kuzwakale zikhalo ngomsebenzi wami ngesikhathi ibhange liqala ukungenzela izinto enginga-ziqondanga kahle.
Embikweni wonyaka omayelana nendlela abasebenzi abasebenza ngayo, ngaxoxisana nomuntu owayengazi lutho nge-graphic design noma ama-program ekhomphyutha esiwasebenzisayo futhi engaqeqeshelwe ukubheka indlela engisebenza ngayo.
Abaphathi bami abanginikanga umsebenzi wami engiwenza nsuku zonke, nasebhange kwehliswa nomholo wami.
Emva kwalokho ngatshelwa ukuthi indlela engisebenza ngayo ayigculisi bathi ulwazi lwami lwezobuchwepheshe aluphelele.
Angizange ngichazelwe kabanzi ngalesi sitatimende ekubeni nosizo angilutholanga. Ngavele nganganakwa-nje.
Isivumelwano sethu nebhange saphela kanjalo ngatshelwa ukuthi ikontileka yami izovuselelwa ngezinyanga ezintathu emva kwalokho ngiyekiswe umsebenzi.
Baqhubeka banganginika umsebenzi.
Sengiwumhlobiso nje. Ngabe kukhona engingakwenza"
ISELULEKO SOFEZELA:
INkantolo yabaSebenzi nabeCCMA bavame ukucelwa ukuba bacubungule izikontileka ezichaza ngobudlelwane bomqashi nosoKontileka oziMele, kanti osekuvelile wukuthi lezi zikontileka zenzelwe ukuncisha umqashwa ithuba lokuvikelwa yiLabour Relations Act noma iBasic Conditions Of Employment Act.
Uma kubhekwa amacala, iNkantolo isebenzisa indlela yokuhlola ebizwa nge "dominant impression test" okuyiyona ecacisa ukuthi umuntu ubengusokontileka ozimele yini noma eqashiwe kuleyo nkampani.
Odabeni lwakho, sikholwa wukuthi yilokho kuhlolwa okuzoveza ukuthi wawuqashiwe ngaleyo ndlela uthole ukuvikelwa yiLabour Relations Act neBasic Conditions Of Employment Act.
Mancane amathuba okuba ibhange likuvume lokho kanti singakweluleka ngokuthi uzame ukuthola ummeli ozobhekana nebhange.
Uma unenkinga yokuthola ummeli, xhumana nehhovisi labeScorpion Legal Protection eliseduze nawe elizokusiza likutholele ummeli. [z]
BONA ZULU - January 2007
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Ekugcineni isize yavela indlela yokubamba labo abaphula imithetho yemigwaqo bephindelela bebeka engcupheni izimpilo zabanye
NGEMIZAMO yokukhipha abashayeli abayingozi emigwaqweni, kule nyanga kuzohlolwa indlela yokuhlawuliswa kwabo eTshwane. Uma kwenzeka iba yimpumelelo, lolu hlelo luzosabalaliswa kulo lonke elakuleli ngo-2008.
Le ndlela entsha isuselwe kuleyo yase-Australia nase-United Kingdom.
NgokukaCollen Msibi woMnyango wezokuThutha kuZwelonke, umshayeli ngamunye uzothola amaphuzu angu-13 ekuqaleni konyaka. Uma kuphela unyaka engazange ahlawuliswe, ekuqaleni konyaka olandelayo uzothola amanye amaphuzu angu-13 nephuzu eliyibhonasi abe nesamba samaphuzu angu-27.
Laba abashayela kahle bayothola umvuzo bazakhele amaphuzu amabhonasi. Amaphuzu ayosuswa kulabo abenza amaphutha emgwaqweni njalo ngonyaka.
Ungacabangi ukuthi ungaqongelela amaphuzu, mhlawumbe esikhathi seminyaka emihlanu ngethemba lokuwasebenzisela isikhathi esizayo lapho usuwenza iphutha emgwaqweni - njengokubanjwa udakiwe.
Ngaphezu kokulahlekelwa amaphuzu, kuzodingeka ukuba ukhokhe inhlawulo.
UMsibi uthi ngezenzo zokuphulwa kwemithetho yemigwaqo, umthetho uzoqhubeka uthathe indawo yawo ngokujwayelekile.
Njengamanje umnyango wezokuthutha ngeke ukwazi ukunika imininingwane ekutheni yimaphi amaphutha emgwaqweni ayohambisana nemiphumela yokuphucwa amaphuzu.
"Okwamanje sihlanganisa ibhuku lalabo abaphula umthetho womgwaqo nokufanele kube selilungile ekuqaleni
kwalolu hlelo," kusho uMsibi.
Umshayeli onemoto engarejistiwe, uzophucwa amaphuzu amabili aphinde ahlawuliswe u-R500 ngokusho kwabeWheel 24.
Uma izincwadi zakho zokushayela uzishiye ekhaya, uzolahlekelwa amaphuzu amabili bese uhlawuliswa R500. Uma utholakala ungalifasile ibhande, uzolahlekelwa yiphuzu elilodwa bese uhlawuliswa R250.
Kodwa uMsibi uthe lezi yizibonelo-nje - umnyango kazwelonke usemkhankasweni wokunquma izinhlawulo ezimileyo nokulawula imboni yezikole zokufunda ukushayela. Ngokwalolu hlelo, kuzophinde kuqeqeshwe kabusha abashayeli bahlolwe futhi emva kokwephula imithetho," kusho yena.
Lolu hlelo olusha luzoxhumana kuzo zonke izifunda. Abanezincwadi zomgwinyathi bazokhishwa kulolu hlelo.[z]
indaba nguTEDDY GOMBA
izithombe nguJUDAS HLONGWANE
Luzosebenza kanjani uhlelo olusha lomgwaqo
Abaqaphele abashayela kabi!
KWESOKUDLA: Kuthenjwa ukuthi lolu hlelo olusha lomthetho womgwaqo luzoqeda ukuziphatha kabi kwabashayeli emgwaqweni.
NGEZANSI KWESOKUDLA: UCollen Msibi woMnyango wezokuThutha kuZwelonke.
BONA ZULU - January 2007
