ZULU.2709.sisarah (2)
Buza kuSis'Sarah
Ushadile
Ngineminyaka engu-42 kanti owesilisa engithandana naye uno-57. Wadivosa njengami, unabantwana abayisithupha kanti ngisanda kuthola ukuthi kukhona ashade naye onabantwana ababili.
Ubengifihlela lokho. Usebenza kude nekhaya kanti uke acele ukuba ngimvakashele kanye noma kabili ngesonto. Ubethokoza uma engibona kodwa muva nje akakhombisi ukungithanda.
Akasayi nami ocansini ngisho noma singaba ndawonye amasonto amabili noma amathathu. Uma engekho angimtholi ocingweni kanti uyaxolisa lapho sesibonana.
Ngicela usizo!
KS, Kriel
lNgabe usayidinga empilweni yakho indoda enjena" Yakufihlela ukuthi ishadile - ekubeni nothando lwayo awusaluboni kahle. Side isikhathi iphila ngokukukhohlisa kanti izenzo zayo zikuphatha kabi.
Kunqande manje lokhu! Ungakuvumela kanjani ukukhohliswa" Ufanelwe okungcono kakhulu kunalokho. Nakhu okumele uzibuze kona... ngabe usayophinde uyethembe empilweni yakho"
Ungashada kanjani nomuntu onomlando onjena"
Unesikhwele
Ngineminyaka engu-23, eyomyeni wami ingu-30. Sihlala sixabana ngoba umyeni wami akafuni ukungibona ngimuhle, uyangishaya futhi unesikhwele. Sengizame ngehluleka ukubonisana naye.
Sengicabanga ukumshiya kodwa nginenkinga ngoba angisebenzi, nguye osondlayo. Wucansi kuphela alwaziyo.
Ngicabanga ukuphindela ekhaya kodwa ngesaba abantu. Angifuni ukulahlekelwa wumuzi angithengela wona. Ngenzenjani"
SP, Umlazi
lUkuthandana nomuntu onesikhwele kuyalukhubaza uthando. Kungabuye kube wuphawu lokungazethembi kwalowo muntu. Lokho bakucindezela ngokuba yiziqhwaga kwabathandana nabo... nokuyinto eyenzeka kuwena.
Uma ubona kufanele ukuba umshiye, khumbula ukuthi kungumthwalo wakhe ukondla izingane. Kumele akwenze lokho. Ngaphambi kokuthatha izinqumo ezithile, funa usizo lwabomthetho mayelana nomuzi ukuze wazi ukuthi uzotholani.
Uzihluphelani ngabanye abantu" Uwena ophila le mpilo oyiphilayo, uwena ohlukumezekayo. Usemusha, kumele uthathe isinqumo ngempilo ozoyiphila.
Anginazimpendulo eziqondile engingakunika zona, kodwa sesifikile isikhathi sokuzisesha uthole ukuthi ufunani ngempilo yakho.
Angimkhohlwa
Ngineminyaka engu-39 kanti sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye ngahlukana nobaba wengane yami. Akuvumi ukuba ngimkhohlwe kanti naye usangithanda. Sisashayelana izingcingo sixoxe kanti sixabana uma sengifuna imali yengane noma ecela ukuba ngimvakashele.
Inkinga yami wukuthi anginandaba nabanye abantu besilisa, ubaba wengane yami kuphela osenhliziyweni yami. Ngamshiya ngoba esenenye intombi. Ufuna sibuyelane. Ngenzenjani"
NMM, KwaMashu
lUma kungavumi ukuba uyikhohlwe le ndoda emva kweminyaka eyisishiyagalolunye nahlukana, sesifikile isikhathi sokuba ucabange eyokuba nibuyelane.
Wayishiya ngoba inenye intombi, asithembe ukuthi ngeke iliphinde lelo phutha. Awunandaba nabanye abantu besilisa kanti nichitha isikhathi ngokungabuyelani.
Asithembe ukuthi kuzonihambela kahle ingane yenu ithokoziswe wukuphila nobaba wayo.
Isethembiso esaphulwa
Ngineminyaka engu-30 kanti ngidonsa isigwebo seminyaka engu-20. Sengidonse iminyaka eyisishiyagalombili. Nginentombi engumama wengane yami, ngibathanda kakhulu. Intombi yami yangithembisa ukuthi izongilinda ngoba iyangithanda.
Kodwa ayiphenduli uma ngiyibhalela. Ngabagcina ngo-2001. Ngihlala ngicabanga ngabo kanti ngiba nesikhwele uma ngicabanga ngentombi yami.
MJC, Bloemfontein
lBaningi abesilisa abasemajele abanenkinga efana neyakho kanti okubuhlungu wukuthi abesimame bangabathembisa abesilisa bathi bazobalinda kodwa bambalwa abakwenzayo lokho.
Abanye bayabona ukuthi impilo iyaqhubeka babone kungelula ukulinda iminyaka engu-20.
Ngiyazi ukuthi kubuhlungu ukungazi ukuthi intombi yakho yenzani, mhlawumbe kungakuhle uyibhalele uzwe ukuthi isakuthanda yini.
Kungenzeka ikuphendule, kanti uma kwenzeka ikunika impendulo engazwani nawe, yamukele uqhubeke nempilo yakho.
Umngani oyinkinga
Ngineminyaka engu-27 kanti eyesoka lami ingu-25. Ngiyalithanda kanti kubukeka sengathi nalo liyangithanda. Kodwa umngani walo uhlale elitshela ukuthi ngimdala kufanele lifune intombi elingana nalo. Walizamela intombi eneminyaka engu-18. Nginovalo lokuthi isoka lami lizohlukana nami ngenxa yomngani walo. Ngenzenjani" Ngabe kumele ngibuqede ubungani babo" Ngabe ngenza iphutha ngokuthandana nalo"
NH, Madadeni
lAngazi ukuthi sekuphele isikhathi esingakanani uthandana nesoka lakho kodwa kuzwakala sengathi alinandaba nokushiwo umngani walo. Kungenzeka ukuthi umngani wesoka lakho unomona ngothando lwenu - ngabe naye uyakuthanda"
Xoxisana nesoka lakho ngendaba yeminyaka yakho ukuze ukhululeke. Ukuba mdala kunalo akunankinga kanti kungenzeka ukuthi nalo alinandaba nalokho. Lichazele ukuthi ukuphawula komngani walo ngeminyaka yakho nokumfunela kwakhe enye intombi kwakuphatha kabi.
Kodwa qaphela! Uma isoka lakho lithi alinandaba neminyaka yakho, kwamukele lokho ungazami ukulihlukanisa nomngani walo. Kungenzeka ulahlekelwe yilona uma ubahlukanisa.
Angimthandi umyeni wami
Ngineminyaka engu-27, ngishade nowesilisa oneminyaka engu-30. Singakashadi kwakukhona engangithandana naye sahlukana ngoba engenaso isikhathi sami. Inkinga yami wukuthi ngangisalithanda isoka lami ngesikhathi sihlukana. Angimthandi umyeni wami kanti ngihluleka nawukuzenzisa. Ngisalishayela ucingo isoka lami uma ngingedwa ekhaya kanti lokho kuyangithokozisa.
NM
lUdidekile ntokazi kanti uzidalele wena le nkinga. Isoka lakho walishiya ungakashadi ngoba kunesizathu sokuba ulishiye. Manje, emva kweminyaka, usushadile unengane kodwa usaqhubeka nokuxhumana naleli soka lakho! Wawushadelani nomuntu ongamthandi"
Uma umshiya manje ubuyela esokeni lakho, kungenzeka lenze lokho okwanihlukanisa ekuqaleni.
Ungazikhohlisi ngokuthi isoka lakho lizoshintsha. Sengathi washada ngoba ufuna ukulizwisa ubuhlungu kanti usuzikhohlisa ngokuthi isimo sizoba ngcono phakathi kwenu. Thola ukwelulekwa ungakathathi zinqumo. [z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - September 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
