zulu.2707.ethel
Ayikho into eyayingamvimba
Noma umngakanani, usengalifeza iphupho lakho
indaba nezithombe nguNEVILLE MAAKANA/NEWSFIRST
SINETHULELA u-Ethel Mtsetweni ohlala elokishini laseGiyani eLimpopo nendodana yakhe, umakoti wakwakhe nezingane ezimbili ezingabazukulu. Uneminyaka engu-75, kodwa uGogo u-Ethel ukhombisile ukuthi iminyaka ayisho lutho. Usanda kukhipha i-albhamu yomculo woKholo wesiShangane enemicu engu-12 esihloko sithi, A Hi Fananeni Na Tinyeleti (“Okusho ukuthi Masikhazimule NjengeziNkanyezi).
Le albhamu idayisa kahle kakhulu eLimpopo kanti isike yadlalwa emsakazweni iMunghana Lonene FM.
“Lokhu kimina wukufezeka kwephupho enganginalo ngisemncane lokuba ngumculi.”
UGogo Ethel wazalelwa wakhulela emishini yaboKholo ePfukani ngaseGiyani ngoMarch 4 1932. (Usuku lwakhe lokuzalwa luqondana nelokuzalwa kweqhawekazi lomculi uMiriam Makeba).
“Ngazalelwa emndenini wamaKholwa. Umkhulu wayenguMfundisi,” kusho uGogo u-Ethel. “Ngaqala ukucula esontweni nokuqamba izingoma zomculo woKholo ngisemncane.”
Ngaphambi kokuba abe neminyaka engu-25, wayeseqambe izingoma zomculo woKholo ezingaphezu kuka-80. Kodwa akazange alithole ithuba lokuziqopha.
Ukufu-ndisa
Wabhalisela ubuthishela eLemana College Of Education ngo-1955, waqala ukufundisa ePfukani primary school ngo-1960.
“Sengifundise odokotela, abammeli, ngisho nabantu basephalamende imbala kanti bonke bayangazi,” kusho yena ehleka.
UGogo Ethel ophuma emndenini wabantwana abayisikhombisa - abafana namantombazane, wathatha umhlalaphansi ekufundiseni ngo-1999.
“Njengoba ngihleli ekhaya, nginaso sonke isikhathi emhlabeni. Ngizitshele ukuthi ngeke ngificwe wukufa ngingawuqophanga umculo wami. Izingane zami zethuka lapho ngizitshela ngesinyathelo sami sokukhipha i-albhamu,” kusho yena.
I-albhamu yokuqala
Ngonyaka odlule uGogo Ethel ‘wathintitha uthuli’ ezingomeni zakhe ayeziqambe kudala waqonda estudiyo ukuyoqopha i-albhamu yakhe yokuqala ngqa.
Le CD yakhe ukuthengisa kwayo kuthuthukiswa yizingane nabazukulu bakhe kangangoba omunye wabo wayithumela kuDJ Beka Ntsanwisi weRadio Munghana Lonene.
“Ngangihleli ekhaya ngesikhathi ngiyizwa emsakazweni. Angizange ngiwakholwe amadlebe ami. Ngakhala izinyembezi zenjabulo,” kusho uGogo Ethel.
Usephumelele ukufeza iphupho lakhe kanti kumanje ucabanga ukukhipha enye i-albhamu kulo nyaka. Unelinye futhi iphupho azimisele ukuba lifezeke.
“Ngifuna ukuculela lowo owayengumongameli wethu uNelson Mandela,” kusho yena ehleka.[z]
NewsFirst
BONA ZULU – February 2008
Ungumculi wakuleli wakamumva osanda kuqopha iCD yakhe - uneminyaka engu-75!
UGogo Ethel esikhombisa iCD yakhe.
