zulu.2704.S'Thandiwe (2)
UKUBA yisihlabani wumsebenzi kule ntandokazi yeTV uS'Thandiwe Kgoroge. Njengoba edlala indawo kaSiyanda emdlalweni Isidingo ugqoka izingubo zakhe zefeshini ephambili - kanti nokuzalwa kwengane yakhe yesithathu kule nyanga kuba yingxenye yalo mdlalo.
US'Thandiwe oneminyaka eko-30 ushade noTony Kgoroge ongomunye wabaqondisi bemidlalo yeshashalazi bakuleli abaphambili kanti emva kokuchitha iminyaka eyisikhombisa kwiGenerations (uS'Thandiwe) usekubheke ngabomvu ukudlala izindawo eziphambili kumabonakude nakuma-movie nokuba nomndeni omkhulu - nokuzibandakanya kakhulu kwezamabhizinisi.
"Ngaphatheka kabuhlungu ngishiya kwiGenerations ngoba kulapho ngaqala khona emidlalweni kamabonakude kanti kwase kusegazini kimina ukudlala indawo kaZoleka noZinzi," kusho yena.
"Iminyaka eyisikhombisa yisikhathi eside kakhulu umuntu edlala indawo eyodwa. Ngase ngizimisele ngokuqhubekela phambili. Nginomyeni ongithandayo nomndeni wami kanti nasekhaya kuhamba kahle ekubeni nelebuli yami yezefeshini nayo iyacathula iyakhula.
"Indawo abangethembisa yona emdlalweni Isidingo kwakungelula ukuba ingiphuthele - eye-accountant esebenzisa izimali ezishisiwe nezombusazwe ukuze izakhele umcebo.
"Ophrojusa bakuthokozela ukusebenzisa ukukhulelwa kwami kulo mdlalo, kanti imibono yabo ngoSiyanda iyahambisana nami: ungowesimame ozimisele ngokuthola yonke into."
Manje njalo phakathi nezinsuku ngo-6.30 ntambama, uS'Thandiwe kuyamthokozisa ukukhombisa ukuthi uSiyanda angenza noma yini ngenxa yembungculu eyisigelekeqe emdlalweni Isidingo kodwa futhi kube khona akuzuzayo.
Ngisho no-Barker Haines (Robert Whitehead) uyakuthokozela ukuhilizisana kwabo e-boardroom okungukushintsha izindlela ezimbi zokuziphatha.
Ngesikhathi uSiyanda esebhukula encintisana naye, izinhlelo zakhe zokuthuthuka, ziyazedlula ngisho ezikaBarker.
"UBarker onomqondo onzulu kwezamabhizinisi nokuyinto uSiyanda ayifunayo, ukuthandana kwabo kulawulwa nayinto eyedlula ngisho ucansi - imali," kuchaza uS'Thandiwe.
Isigubo nesithunzi sikaSiyanda sihambisana ncamashi nesalabo abathathwa njengabaphumelele empilweni yoqobo namuhla abagqoka izingubo zakhe zefeshini kanokusho yePoetry Museum.
US'Thandiwe waqala ngokuba aqashe i-rail yokuphanyeka izingubo zakhe zefeshini esitolo esincane sezingubo zikanokusho eDoornfontein, emva kwalokho wasizwa yizeluleko zabangani bakhe abanjengoSechaba Mogale weLoxion Kulcha wase evula esakhe isitolo endaweni yaseMelville. Kumanje unochwepheshe womsiki wengqephu amqashile kanjalo nosebenza ngobuhlalu.
Baningi osaziwayo emkhakheni wezokungcebeleka asebake bazigqoka izingubo ezinelebuli yakhe ezinemibhalo yamavesi ezinkondlo zakhe kusukela zaqala ukuba khona ngoDecember 2004.
"Okwamanje sifana nabantu abasacathula, kodwa ngenza konke okusemandleni ukuba umsebenzi welebuli yami uthuthuke uye ufinyelele ezingeni lokuthengiswa nakwamanye amazwe," kusho uS'Thandiwe.
Uzimisele futhi ukuzakhela igama eHollywood. Ngaphambi kokuba ajoyine Isidingo ngehlobo nyakenye waphuthelwa yindawo efilimini ethi Tsotsi, nokuyilapho ayezodlala njengowesi-mame ocebile, ingane yakhe eyantsho-ntshwa ngomunye weqembu lezigelekeqe ezisencane.
"Siyefana kokuningi nalo muntu wesimame. Uma isela lingantshontsha ingane yami ngingaliqalekisa," kusho kuvuma yena.
"Umngani wami uNambitha Mpumlwana nguye owathola leyo ndawo kanti uyidlala kahle kakhulu."
Okwamanje yena noSiyanda kufanele babelethe umntwana ngokomdlalo kanjalo nangokwempilo yoqobo.
"Enginganitshela kona wukuthi uBarker akusiye uyise!"
Ubaba kaS'Thandiwe ngumfundisi. US'Thandiwe wazalelwa e-Ohio eMelika ngesikhathi abazali bakhe beyofunda khona. Yena emva kwesikhathi wafunda esikoleni semfundo ephakeme eCanada.
Emva kwalokho umndeni wakhe wabuyela emumva KwaZulu Natal nokuyilapho yena wenza izifundo ze-drama e-University Of Natal eMaritzburg.
"Ngisemncane, emidlalweni yeshashalazi kaSonto-sikole njalo ngangiba ngowokuqala ukuthi: 'Ngizoba wuMaria'. Emva kokuphothula u-matric kwakuzoba wukuyodlala emidlalweni yeshashalazi noma ukwenza umsebenzi wosonhlalakahle.
"Kodwa umama wangexwayisa wathi ngeke ngikwazi ukwenza umsebenzi wosonhlalakahle ngoba ngeke ngimelane nosizi oluhambisana nawo.
"Njengamanje ukudlala emidlalweni yeshashalazi, kungenza ngikwazi ukubonisa imizwa yami. [z]
USiyanda womdlalo Isidingo
indaba nguDOUG GORDON
1 BONA ZULU - June 2007
KWESI-
KHULU: US'Thandiwe Kgoroge yintokazi enhle esesitayeleni!
US'Thandiwe uyazifela ngoBarker Haines nengqephu kanokusho kanti uzimisele ngokuzakhela igama eHollywood...
Umsebenzi wokuba yisihlabani
KWESOBUNXELE nangeZANSI: US'Thandiwe nezinye zezimpahla zokugqoka zochunge lwefeshini yelebuli yakhe.
BONA ZULU - June 2007 2
