zulu.2703.celebs
Sonke siye sibe namahloni lapho omama bethu besikhombisa izithombe zethu ezathathwa sisebancane. “Yimi lo - nganginje”? siye sisho njalo lapho sibona ushintsho ezitayeleni zokugqoka nezezinwele.
Cabanga ukuthi lokho kunjani uma usungumuntu odumile ongusaziwayo.
Awubheke lezi zithombe - ngenhlanhla sikutshelile ukuthi ngezobani. Bheka ukuthi ungabona yini ukuthi wobani lezi zihlabani ngesikhathi ziseyizingane…
Bangobani?
Izolo bebengaziwa muntu…
Lesi sihlabani saqokelwa umklomelo we-Oscar ngokudlala indawo yengqalabutho yezomculo.
Wayengomunye wabaculi besilisa ababethengisa kakhulu ngeminyaka yo-1990.
Usezakhele igama ngokudlala izindawo zamaqhawe amaningi njengokudlala ekaSteve Biko.
Wazakhela elikhulu igama ngokudlala indawo kadokotela emdlalweni ophambili.
Ubani owayazi ukuthi le nsizwa ngelinye ilanga yayizoba yisilomo sabesimame ngomculo wayo…
Lo mculi ngineqiniso ukuthi esemncane wayezifela ngeSnoopy.
Phenya ikhasi ubone ukuthi bangobani
BONA ZULU – July 2007
Wake waba neshwa lokutholakala ne-passport yakuleli engekho emthethweni.
Uthathwa njengesihlabani esakhombisa enkulu impumelelo kwezomculo, kodwa manje usevelele ngokubi.
Zonke izithombe kuleli khasi ngabeSCOOP SYNDICATION
U-Anna Mae Bullock waduma umhlaba wonke ngegama lika…
Wazakhela imali ngokuthengisa izicathulo…
…izihlabani zanamuhla
Lona ngu…
ANGELA BASSETT
(Wazalwa ngo-August 16, 1958)
UBassett waqala ukuthokozisa abantu esemncane kakhulu.
Emva kokuthola udumo emafilimini afana nathi Boyz N The Hood nethi Malcolm X, wehlula osaziwayo bezithombe abafana noRobin Givens noHalle Berry ukuze adlale indawo kaTina Turner efilimini ethi What’s Love Got To Do With It. Le ndawo yamenza waqokelwa umklomelo we-Oscar.
Waphinde wadlala indawo kaBernadine kwiWaiting To Exhale, owathengiswa ngumyeni wakhe, wase eshisa imoto yomyeni wakhe nezingubo zokugqoka, kwathi okwasalayo wakudayisa nge-dollar elilodwa. Kwethi How Stella Got Her Groove Back, uBassett udlala indawo yowesimame oneminyaka engu-40 othandana nowesilisa waseJamaica osemusha.
UTHI UBUWAZI? UBassett nguMkhrestu ozelwe kabusha oyilungu le-LA’s West Angeles Church Of God In Christ nokuyilapho ekhonza khona nomdlali wezithombe owaziwayo uDenzel Washington.
Lona ngu…
BILL COSBY
(Wazalwa ngo-July 12, 1937)
UWilliam Henry Cosby Jr. wayeyisihlabani sikasomahlaya futhi engumdlali wemidlalo yeTV ngaphambi kokuba ababukeli baseSA bamazi njengo-Heathcliff Huxtable kwiCosby Show ngeminyaka yo-1980.
UCosby nguye owayelawula le show kanti wathi ikhambi lempumelelo yakhe - “wukuba ngikwazi ukufinyelela kubantu bonke.”
UTHI UBUWAZI? UCosby usegxekwe kakhulu ngokuphindelela kwakhe ephawula ngokukhathazeka ngalabo abamnyama baseMelika abathathwa njengama“role models” abathatha ezemidlalo, ifeshini nokudlala ezithombeni njengezinto ezibaluleke ngaphezu kwemfundo, nokuzihlonipha kanjalo nokuzithuthukisa.
Lona ngu…
SNOOP DOGG
(Wazalwa ngo-October 20, 1971)
Uyinkakha yomculo we-rap futhi onguphrojusa, nomdlali wezithombe owaqanjwa ekuzalweni kwakhe ngokuthi nguCalvin Cordozar Broadus oteketiswa ngokuthi ngu“Snoopy” ngoba ngesikhathi eseyingane wayengeve ewathanda amakhathuni kaCharlie Brown. Wasebenzisa igama elithi Snoop Dogg kwezomculo ngo-1996.
Wakhulela eLong Beach, eCalifornia, eyilungu leqembu elalaziwa ngokuthi amaCrips futhi engumuntu owayeboshwa njalo emva kweminyaka emithathu yokuqala ephothule imfundo yakhe yase-high school. Uthando lwakhe lomculo lwagqama waqala wacula noDr Dre.
Nakuba eqhubeka nokuphambana nomthetho - ngo-April wagwetshwa iminyaka emihlanu ngenxa yezibhamu nezidakamizwa - kumanje useshintshile ekuculeni i-rap yalabo bamaqembu emigulukudu.
UTHI UBUWAZI? I-albhamu yakhe eyakhishwa ngoNovember 1993, yaba ngeyokuqala yomculo we-rap ukushaya unombolo 1 emashadini omculo.
Lona ngu…
WHITNEY HOUSTON
(Wazalwa ngo-August 9, 1963)
UHouston waba yisihlabani sokuqala somculo ukuba izingoma zakhe zibe ngunombolo 1 zilandelana izikhathi eziyisikhombisa kumasingili aseMelika. Isingili ayenza ngo-1992 kaDolly Paton ethi I Will Always Love You yaba enkulu kunawo wonke emlandweni womculo.
Emva kwalokho wahlangabezana nesimo sokudicileka phansi kwesithunzi sakhe njengoba ngo-2006 kwaphuma emaphepheni isithombe se-bathroom yakhe sineziceke zokudla, amabhodlela angenalutho kabhiya nezipuni ezazinezinsalela ze-cocaine.
UTHI UBUWAZI? UHouston kunamahlebezi okuthi uqopha i-albhamu entsha azimisele ngayo ukushaya ibuya emculweni.
Lona ngu…
R KELLY
(Wazalwa ngoJanuary 8, 1967)
Lo mculi weR&B osewine amaGrammy Award amaningi nongumbhali womculo nguRobert Sylvester Kelly kanti wayengomunye wabaculi besilisa ababethengisa kakhulu ngeminyaka yo-1990. Ezinye zezingoma aduma ngazo ngezifana nezithi Bump N’ Grind, I Believe I Can Fly nethi I’m Your Angel (okuyingoma ayicula noCéline Dion).
UTHI UBUWAZI? UKelly waqopha ingoma ethi Rise Up nokuyingoma ayiculela labo abafa esibhicongweni saseVirginia Tech. Le ngoma yakhishwa ngokusemthethweni ngo-May 15, 2007.
Lona ngu…
WESLEY SNIPES
(Wazalwa ngoJuly 31, 1962)
Unguchwepheshe wezobuciko bokuzivikela ngokulwa kanti le nsizwa enguSnipes idlala ikakhulu izindawo ezinzima emafilimini afana nathi: Passenger 57, Drop Zone, Money Train, US Marshalls namanye.
KwiBlade udlala indawo yokuzingela i-vampire. Usewake wagqunywa amaphoyisa ezama ukungena esikhumulweni sezindiza iJohannesburg International Airport nge-passport yomgwinyathi yakuleli. Wavunyelwa ukuba abuyele emumva ekhaya njengoba wayenayo i-passport yaseMelika. Kuze kube yimanje akekho owaziyo ukuthi kungani uSnipes angena kuleli nge-passport yomgwinyathi.
UTHI UBUWAZI? USnipes usewake futhi wadlala indawo yokuba yi-drag queen (edlala noPatrick Swayze noJohn Leguizamo) efilimini ka-1995 ethi To Wong Foo, Thanks for Everything! Julie Newmar.
…izihlabani zanamuhla
Lona ngu…
MICHAEL JORDAN
(Wazalwa ngoFebruary 17, 1963)
UMichael uthathwa njengomdlali ophambili we-basketball osewake waba khona kanti ngomunye wabadlali abaphambili kwezemidlalo abakwazi ukuba badayiseke. Imali ayithola ngemikhiqizo yakhe njengezicathulo zakhe ama-Air Jordan ibalelwa kuma-hundred million dollars ambalwa.
Ngesikhathi esenza izimanga kulo mdlalo, waqopha irekhodi ngokusayina inkontileka yonyaka ebiza ngaphezu kuka-$30 million ngesizini.
UTHI UBUWAZI? Ukugxuma kwakhe kwamtholela igama lokuthi ngu-“Air Jordan.”
Lona ngu…
LIONEL RICHIE
(Wazalwa ngoJune 20, 1949)
URichie wayecula phambili eqenjini lamaCommodores. Emva kokushiya kuleli qembu ngo-1981, waziculela ngayedwana.
Ezinye zezingoma zakhe ezashisa izikhotha ngezithi Truly, Say You Say Me, Dancing On The Ceiling, Se La nezinye.
UTHI UBUWAZI? Kuze kube yinamuhla uRichie useqoqe imali engaphezu kuka-$3.1 million yokwenza ucwaningo lomdlavuza wamabele. Ugogo wakhe kwatholakala ukuthi unomdlavuza wamabele eseneminyaka engu-80 kodwa waphila waze waba neminyaka engu-104 kanti uthi nguye kuyena oluphawu lwethemba.
Lona ngu…
TINA TURNER
(Wazalwa ngoNovember 26, 1939)
Lesi sihlabani somculo asidingi kwethulwa. Kubathandi bomculo sidume ngokuthi yi“Ndlovukazi yeRock & Roll”. Izingoma zaso ezashisa izikhotha zibandakanya ezithi Private Dancer, What’s Love Got To Do With It, It’s Only Love (nokuyingoma ayicula noBryan Adams) nethi We Don’t Need Another Hero.
Wathatha umhlalaphansi ekuhambeleni izindawo ayocula ngo-2000 kodwa usaqhubeka nokubonakala emphakathini. NgoMay wayesekhonsathini yokuqoqela izingane izimali zosizo eLondon.
UTHI UBUWAZI? Ngo-1986, uTina Turner wadlala phambi kwezihlwele ezingu-184 000 eMaracana Soccer Stadium, eRio de Janeiro, eBrazil.
Lona ngu…
DENZEL WASHINGTON
(Wazalwa ngoDecember 28, 1954)
Le nsizwa esike yawina ama-Oscar kabili yaqala ukugqama ngesikhathi idlala emdlalweni weTV othi St. Elsewhere.
Ngo-1987 emva kokuvela kweminye imidlalo emincane yeTV, amafilimu nasemidlalweni yeshashalazi, uWashington wadlala indawo kaSteve Biko kwiCry Freedom kaRichard Attenborough.
UWashington usanda kubonakala kweminye imidlalo eminingana kubandakanya nethi Man On Fire, The Manchurian Candidate nothi-Inside Man okuyifilimu eyaqondiswa nguSpike Lee ebophele abadlali abafana noJodie Foster noClive Owen.
UTHI UBUWAZI? I-Revolutionary Armed Forces Of Colombia yaqoka uWashington njengomunye wabantu abathathu (abanye okungabaqondisi u-Oliver Stone noMichael Moore) abafuna ukuxoxisana nabo ukuze kukhululwe abantu baseMelika abathathu ababanjwa yileli qembu kusukela ngo-2003. [z]
