zulu.2699.letterjan
Angizisoli
NGEMINYAKA emibili yokuqala yothando lwami kwakumnandi. Kwathi lapho ngikhulelwa waqala ukungikhombisa ukuthi uyinhloboni kapende.
Ekuhambeni kweminyaka, ngabona ukuthi ngangiphoqeka ukuba ngibe naye ngoba ngangimsaba, hhayi ngoba ngangimthanda.
Okunye engakubona kulokho wukuthi ukuchitha iminyaka eyisithupha yonke ngihlukumezekile kwakufana nokuhlukumeza ingane yami njengoba isoka lami lalingishaya phambi kwayo.
Kwafika lapho ngikhathala khona ngalishiya isoka lami.
Nalo lalingakulindele lokho. Njengoba ngangingasebenzi lalicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukuziphilisa mina nengane yami ngemali yesondlo sikahulumeni.
Kodwa ngeshwa ngalikhombisa ukuthi ngingakwazi. Imali yesondlo yayingu-R180. Ngangithatha R50 kuleyo mali ngithenge amaswidi nama-snacks ukuze ngikudayise.
Zinyanga zonke ibhizinisi lami lalikhula kangangoba sengiyakwazi ukuziphilisa nengane yami.
Niyazi ukuthini - manje sengiyakuthokozela ukuba ngumzali ongayedwana. Ngichitha isikhathi esiningi nendodana yami sizenzela izinto esizithokozela sobabili. Ngiyajabula futhi ukuyibona ifunda ukufunda nokubhala ngiyisize.
Sekukhona injabulo ngoba akusekho ukuhlukumezeka ezimpilweni zethu.
Ungakuvumeli ukuba isoka lakho lilawule impilo yakho. Zimele ube nokuzethemba. Ungazisoli ngokuqeda uthando ohlukumezekile kulo.
BG, Stilfontein
I-pre-paid voucher ikunika i-airtime ka-R75 ezinsukwini ezingu-30 onyakeni. Uzothola nama-pre-paid calls ngezindleko zekontileka nokuyinto ezokunika ithuba lokukhuluma kakhulu ngemali yakho.
Owine iBig Bonus!
Bhalela uBONA uwine iBig Bonus Voucher ka-R899 yakwaVodacom
Izincwadi
BONA ZULU - January 2007
Akusho lutho...
Akusho lutho ngisho ngabe uMoloko Temo akamdala njengokusho kwe-ID yakhe (ngokodaba lukaBONA kaSeptember) - yena mdala ngisho abanye bangathini. Ngakuthokozela ukufunda ngaye.
Qhubekani nokusibhalela izindaba ezimnandi!
AD, Soweto
Gwema ijele!
Ijele lifana nesihhogo.
Kukangaki uzwa abantu besho lokho"
Ngithanda ukunxusa abantu abasha ukuba bagweme isihhogo esisemhlabeni ngokuba bayeke ubugebengu. Mabaziqhelanise namaqembu ezigelekeqe kanjalo nezidakamizwa.
Ukufuna izingubo ezinhle akusho ukuntshontsha. Uma uhlukumeza amalungelo abanye abantu uzozithola ususejele nokuyilapho ungeke ube namalungelo.
Ungabenzi ubugebengu.
Zokwana Papikie, Koringpunt
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Ngabe ucabangani"
Cha, ngabokuhamba...
ISIQUBULO sakuleli sithi "Proudly South African," hhayi "Proudly Brazilian." Njengoba uMr Parreira awina iWorld Cup neBrazil - ngabe kuchaza ukuthi uzoyiwina neSA"
Kungani singabathembi abaqeqeshi bethu" Awucabange-nje ngeholo lalo mqeqeshi omusha. Le mali ingaxosha indlala kwabaningi.
Ngikholwa wukuthi kukhona okungahambi kahle ngokuholelwa imali engu-R1,8-million kwalo mqeqeshi webhola, njengoba engeke asiqinisekise ukuthi usiphatheleni.
Mokopa Mokobodi, Pietersburg
lNgabe asibathembi abaqeqeshi bakuleli" Ngabe sinaye umqeqeshi wezinga leWorld Cup kuleli" Ngabe umuntu kufanele simbheke ngokobuzwe bakhe" Ngabe lokho akusikona ukubandlulula" Nithini ngeholo lakhe" Sibhalele sizwe uvo lwakho...
BONA ZULU - January 2007
Izincwadi
Ukwenza akufani nokukhuluma
Akukho ongakwenza ngokukhuluma-nje kuphela. Ukuze into yenzeke kufanele nawe uzibophezele ekutheni uyenze. Ikhambi lokwesaba noma lokwenqena wukuba kube khona okwenzayo. Ayikho into engenzeka iqhubekele phambili uma ungasukumi uzibophezele ekuyenzeni.
Lebogang Mfudi, KwaXuma
Ngabe kuliqiniso"
Abantu bathi ayikho imisebenzi, ngabe lokhu kuliqiniso"
Angicabangi kanjalo. Ngokwami ngicabanga ukuthi abantu abaningi bavilapha ukuphuma bayofuna umsebenzi ngoba becabanga ukuthi umsebenzi uzozizela.
Ngaze ngabadabukela! Yebo ngiyavuma ukuthi impilo inzima, kodwa futhi iningi labantu lizenzela ngokwalo imisebenzi ukuze liziphilise. Maningi amathuba akhona emhlabeni - ngakhoke kufanele siwasebenzise.
GD, Osizweni
Kubi!
Ngikhathazwa wukukhula kwesibalo sabafundi besimame abathandana nothisha.
Sekuyisikhathi sokuba labothisha besilisa bayeke ukusebenzisa izikhundla zabo ukufeza izinkanuko zabo. Okwabo wukuba bafundise izingane zethu hhayi ukuthandana nazo.
Sekuyisikhathi sokuba uhulumeni alungenelele lolu daba ukuze kunqandeke lo mkhuba.
Abantu abasha kufanele bakhuthazwe ukuba bazibike lezi zenzo. Bangaki abesimame okufanele bafe ukuze kubanjwe ababulali. Koze kube yinini abesimame behleli ngokwesaba"
ZP, Limpopo
Izingane zethu
Izingane zethu azikhuli-nje ngomzimba kuphela, kodwa zikhula nangezinye izindlela ezingezinhle. Zikhula ngesikhathi lapho izidakamizwa zitholakala khona kalula nezifo zocansi zibhokile.
Abazali badinga ukubheka izingane zabo zingasuki emehlweni abo, bazi futhi ukuthi zenzani noma kuphi lapho zikhona.
Khulumani nazo, niphendule imibuzo ezinayo ngokwethembeka ngisho ngabe leyo mibuzo ikwenza ungakhululeki.
Rhulani Wa Ka Chauke, Malamulele [z]
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
