zulu.2698.letterdec
Imfihlo yempumelelo
Imfihlo yempumelelo ilele kuwe uqobo. Noma ngubani angaphumelela uma ezinikela ekutheni izifiso zakhe zifezeke.
Ngamanye amazwi, ukuba nenhloso yokuphokophela okuthile empilweni, yisona sinyathelo sokuqala esibange empumelelweni. Uma nsukuzonke kukhona okwenzayo okuzokusondeza ezifisweni zakho, ngeke ungaphumeleli.
Lydia Munghono, Windhoek
Bazothini"
Kamumva uNgqongqoshe wezokuThutha ubenxusa ekhuthaza abantu ukuba basebenzise izinto zokuthutha umphakathi - ukuze kungabikho ukuminyana kwezimoto emigwaqweni yethu njengoba sekusondela u-2010.
Kodwa ngabe uNgqongqoshe uyawazi yini umculo obhedayo odlalwa ematekisini ethu. Enye ingoma yesiTswana ikhuluma "ngesitho sangasese" sowesilisa.
Cabanga ngoba le ngoma yayidlala kukhona izingane.
Abashayeli bamatekisi kufanele bafundiswe ukuphatha abagibeli ngendlela enesizotha.
Emily Leballo, Mabopane
Owine iBig Bonus
Okwamanje kusekahle
INTO engahlanganisa isizwe samasiko ehlukene, nesizwe esihlukaniswe wukubandlululana - wukubuyisana.
Ukubuyisana yindlela engcono yokuletha ukuzwana nokuthula phakathi kwezinhlanga ezehlukene.
Ngaphezu kwalokho, ukuzwana kwezinhlanga yinto ebalulekile kunoma yiliphi izwe ikakhulu ekulivuseleleni.
Uhulumeni wethu kufanele siwuncome kakhulu ngokukwazi ukuba ukwenze lokhu.
Kufanele futhi situse nabantu bakuleli abafana nawe nami ngokuba negalelo kulokho. Masiqhubeke sizibophezelele ekubuyisaneni nasekukhohlweni okwedlule kanjalo nasekuxolelaneni.
Ngakhoke masiqinisekise ukwenza umbuso wethu wentando yeningi usisebenzele.
Mateu Monama, Kwathema
Le-prepaid voucher ikunika
i-airtime kaR75 njalo
ezinsukwini ezingu-30
unyaka wonke. Uzokwazi nokwenza ama-prepaid calls ngamanani ekontileka ukwazi nokukhuluma kakhulu ngemali yakho.
Bhalela uBONA uwine iBig Bonus Voucher kaR899 yakwaVodacom
Izincwadi
BONA ZULU - December 2006
Ucabangani"
Abazali kufanele babe qotho ekukhuliseni izingane zabo!
ABAZALI abashayela izingane zabo imithetho eqinile, basethubeni elihle lokukhulisa izingane ezingazibandakanyi nezidakamizwa. Ngokwami ngibona sengathi izingane ezinobudlelwane obuhle nabazali bazo yizo eziziphatha kahle.
Lokhu kusho ukuthi, ukubheka izingane zakho zibuka iTV, nokushaya umthetho ngamaCD okufanele ziwadlale nokwazi ukuthi ziqhuba kanjani esikoleni, ngezinye zezinto ezinomphumela omuhle ekukhuliseni ingane kahle.
Kufanele futhi ubeke imithetho yokuthi yini ezingayenza ekuphumeni kwesikole nezingeke ziyenze, kanjalo nangezimpelasonto. Kufanele nidle i-supper ndawonye njengomndeni njalo ebusuku bese futhi uzihlukanisela imisebenzi yasendlini.
Lena iyona ndlela yokunqanda izingane zakho zingabi yimidlwembe.
Rhulani Wa Ka Chauke, Malamulele
lLuthini uvo lwakho" Ngabe ukukhulisa ingane ngendlela eqotho iyona ndlela elungele izingane zakho" Sibhalele usitshele...
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Yekani ukusebenzisa izingane njengezigqila zocansi
Amantombazane amancane kufanele akhulume angathuli uma obaba-mbumbulu bawo - noma abanye besilisa - bewadlwengula.
Wonke amantombazane amancane kufanele azi imizimba yawo akusiyo eyabanye abantu - kodwa ngeyawo. Angakuvumeli ukuba impilo yawo iphathwe abanye abantu.
Uma udlwenguliwe, bikela amaphoyisa.
Nani bomama, uma nazi ukuthi kukhona okungahambi kahle emakhaya enu, kusezandleni zenu ukuvikela izingane zenu. Yizona ezibaluleke ukwedlula lo myeni noma isoka lakho elihlukumezayo.
Zokwana Papikie, Koringpunt
Ngabe ukungazinikeli kwamaphoyisa"
Kwangethusa ukuzwa ukuthi amaphoyisa aziphikisa izinsolo ngokuba khona kombulali obulala ephindelela emva kokutholakala kwezidumbu zabesifazane eziyisikhombisa endaweni eyodwa.
Kufanele kuze kufe abesimame abangaki ukuze kutholakale ababulali. Yini esiyenziwe ukuthola umbulali. Ngabe abesimame kufanele bahlalele ovalweni ekuphileni kwabo"
Makhosonke Mkhaliphi, Piet Retief
Isikhathaza sonke
I-HIV/AIDS isithinta sonke ngisho ngabe siyathanda noma asithandi. Ngakhoke kufanele siqonde ukuthi kuyisibopho sethu ukunakekela asebephethwe yileli gciwane,
Hhayi ngoba kuyinto nje elungile ukuba siyenze - kodwa ubani owaziyo ukuthi thina kuzothatha isikhathi esingakanani ukuba singenwe yilesi sifo"
Ukunakekela abagulayo, kuchaza ukuthi ukuba positive akusho ukuphela kwempilo kodwa basengayiphila impilo ekahle.
Bantu baseSouth Africa masibe yisibonelo esihle ukuze nezizukulwane ezizayo zihambe ngaleyo ndlela.
Rocky Mapea, Soshangane
BONA ZULU - December 2006
u Yonke into yenzeka ngoba inesizathu. Yonke into inesikhathi sayo. Ngakhoke ungapheli amandla ngoba awazi ukuthi isikhathi sakho siyofika nini - isikhathi sakho sokuzibonakalisa siyofika uma nawe ungadikibali kokwenzayo.
DM, Mpumalanga
Izincwadi
Amazwi azokuphilisa...
Abefundisi abaphila ntofontofo
Ngabe kuhle ukuba abefundisi baphile kamnandi ngezimali zebandla ekubeni amalungu amabandla ehlupheka"
Bheka izimoto abahamba ngazo - kodwa "izimvu" zabo zihamba phansi. Bheka imizi yabo emikhulu kanokusho nezimpahla zokugqoka ezibizayo!
Ngabe lena iyona ndlela yokuKholwa" Ngabe laba bantu abaqoli amabandla abo becashe ngeBhayibheli"
MM, Soweto
u Ungaphumelela kakhulu uma uhlale uvule amehlo kunokuhlale ulele.
LM, Cape Town
u Masiyeke ukulokhu sibeka izaba sigxeka isikhathi esedlule, kodwa masisebenze. Ikusasa lilele ezandleni zethu manje.
AV, Ladysmith
u Uma ungapheli amandla akukho okuyokulahlekela.
QX, Dennilton [z]
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
