zulu.2697.hdtv
SETHA
iTV entsha
Uma kudingeka ukuba uthenge iTV entsha, qiniseka ukuthi uyayazi into oyifunayo... indaba nguPatricia McCracken
UMHLABA ungene shi ebuchwephesheni bezinombolo obubizwa nge-digital obusebenza kuma-CD amaDVD kuye kuma-cellphones namakhamera – manje ngisho nendlela yokusakaza kumaTV ethu izoshintsha ingabi eye-analogue kodwa ibe digital. Nakhu okufanele ukwazi ngaphambi kokubusisa umndeni wakho ngeTV entsha...
1SIZANI! KWENZEKANI? Eminyakeni emibili edlule i-International Telecommunications Union ithathe isinqumo sokuba umhlaba wonke ushintshele kulobu buchwepheshe ngokukaFreek Robinson oyingqalabutho kwezokusakaza eSA. ElaseSA kumele libe sezingeni lamazwe omhlaba kwezokusakaza ukulungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2010 – ukuba asizange sishintshe, besingeke sikwazi ukubukela izinhlelo zaphesheya ezihlelwe kabusha.
Isithombe nomsindo sekuzoba ngcono ngokukaConstant Fourie, oyimenenja yakwaMultiChoice. Izithombe zizogqama kahle njengoba kwenzeka kwiDStv. Phezu kwalokhu, izinhlelo ezi-digital zizokwenza ukuba abe maningi ama-channel eTV asakazwa ngesikhathi esisodwa abantu bakhethe abawathandayo kusakazwe nezinhlelo zakuleli sibone okwenzeka ezifundazweni zethu, sibone izinhlelo zemfundo mhlawumbe sithole ne-Internet.
2NGABE KUFANELE NGITHENGE ENYE I-TV?
Cha, ngokukaDkt. Mikhail Peppas, ofundisa eDUT – kodwa kufanele usethe iTV yakho. Kuzodingeka ukuba sibe ne-decoder ezohlala phezu kwamaTV ethu ebizwa nge-set-top box ukuze sigweme ukuba le-decoder ingaxabani nawakwaMultiChoice. Kodwa lama-decoder enza into efanayo, ashintsha ukusakaza oku-digital iTV ekwazi ukukuveza – yingakho nje singekho isidingo sokuthenga iTV entsha.
Ngisho noma ufuna ukuthenga entsha, akudingeki ukuba uze ubheke e-digital ngoba okwamanje asadayiswa eMelika ngokukaTyrone Vieira ongumqondisi kwaGame nakwaDion Wired. LawomaTV ngeke asebenze eSA ngoba kungaba nokushayisana kwezokusakaza.
3NGISHINTSHE NINI?
Kusazophela iminyaka ngaphambi kokuba kusebenze i-digital TV kanti kungenzeka iqale ukusebenza ngo-2011 ngoba kusazodingeka ukuba kuqedwe i-analogue signal esebenza manje kumaTV ethu. Uma une-decoder yakwaMultiChoice, isazokwazi ukuveza ama-channels angakhokhelwa. Kodwa uma kwethulwa ama-channels akhokhelwayo okungewona akwaMultiChoice unesifiso sokuwabona, kungadingeka ukuba uthole i-set-top box entsha.
Uma ungenayo i-decoder yakwaMultiChoice, kubalulekile ukuthi uthole i-set-top box ukuze uthole izinhlelo zeSABC neminye imisakazo. Kungabuye kudingeke ukuba uthole i-aerial entsha yeTV ngoba kungenzeka kube wukuthi lezi ziteshi zokusakaza zisebenzisa imisindo ehlukene.
Ungavumi ukutatazeliswa abadayisa izimpahla uma bekuyenga ngokuthi thenga iTV entsha. Okwamanje kusasethwa izinto ezisebenza kwi-decoder ye-set-top box eyoze ihlolwe ngoNovember iqale ukudayisa phakathi kuka-2009. Lolu daba silubhale kusakhulunywa eyokuthi le-decoder izobiza u-R700. Uhulumeni usubeke eceleni u-R2,5bn ukuze uxhase ngo-R500 enanini lale-decoder kusizakale amakhaya aseSA angu-5 million antulayo.
4KUNGANI ABANTU BETHI ASITHENGE AMA-TV AMASHA?
Lokho kungezinye zezindlela zokudayisa kanti nokungazi kuyahlupha ngoba kukhona izinhlobo ezimbili zobuchwepheshe ezishintsha ngesikhathi esifanayo. Ukusebenzisa indlela yokusakaza e-digital kuzosho nokuthi iSA izokwazi ukusakaza ngendlela esezingeni eliphezulu ebizwa ngeHigh-Definition (HD). Njengoba iHDTV isezingeni eliphezulu, isithombe sicaca kahle sigqame ngokukaNolo Letele oyiCEO yakwaMultiChoice SA.
Ububanzi beHDTV busho ukuthi ingasebenza kahle kumaTV amasha abanzi. Isithombe sicaca kahle uma i-screen singu-106cm.
5NGIYIBUKA KANJANI iHDTV?
U-Fourie wexwayisa ngokuthi yisithombe kuphela esizobonakala kahle uma ushintshela kwi-digital. E-SA okwamanje ongakwenza ukuze uthole izinhlelo ezisezingeni leHD wukuhlanganisa iMultiChoice HDPVR (kubiza R2 499 kuhlangene ne-subscription) neHDTV. Okwamanje iDStv ine-channel eyodwa yeHD ngoba kuyabiza ukusakaza ezingeni leHD ngokukaMarilyn Watson oyimenenja yakwaMultiChoice. Ngokuhamba kwesikhathi eSA kungenzeka kube khona nezinye izinhlelo ezisakaza ngeHD kodwa zikhokhelwe kanti lokho kungaze kwenzeka ngo-2012.
Uma i-screen seTV yakho sibanzi isithombe singabonakala kahle kodwa singabi sezingeni leHD. Uma unohlobo lwamaTV amadala, isithombe esisezingeni leHD ngeke sicace kahle. [z]
BONA ZULU November 2008
AMANDLA ABATHENGI
“Usengazibuka izinhlelo zeHDTV kwiTV
ejwayelekile”
NGIDINGANI?
Level 1: I-digital kuphela
Udinga i-set-top digital decoder,
i-aerial entsha
Level 2: I-digital ne-high-definition TV
Udinga iTV eneHD (enemigqa engu-768 noma 1080; ebandakanya namaHDMI namaHDCP connectors); HDPVR; kanye ne-set-top digital decoder uma uthanda (ne-aerial entsha)
Level 3: Digital & HDTV & HD gaming
Udinga okukuLevel 2, neX-Box 360 noma iPS3 kanye neBlu-Ray
BONA ZULU November 2008 93
QAPHELA UMA UKHETHA I-TV
1. Ungathenga ashibhile: Ama-set-top boxes kumele asebenze kunoma yimaphi amaTV, angasebenza nakwamadala angu-black-and-white ngokukaDkt. Peppas. Okusho ukuthi uma ufuna iTV ungenandaba neHD, akhona ongakhetha kuwona.
2. Cabangela ikusasa: Kuzodingeka ukuba uyisethe ngokushesha iTV yakho uma ufuna ukuzijabulisa ngeMultiChoice noma izinto ezinjengama-movie eBlu-Ray kanti uma ukhonze imidlalo ikhona iX-Box 360 noma iPS3.
3. Bhekisisa: Uma uthenge iTV noma i-home-cinema system eminyakeni embalwa edlule, bheka i-handbook yeTV yakho ukuze ubone ukuthi ingakwazi yini ukuveza okusakazwa ezingeni leHD. Okumele ukubheke wukuthi inazo yini izintambo ezingu-720 noma 1080 ezibizwa nge-lines of resolution kanye neDolby 5.1 surround sound. Ungaya naku-www.dstv.com uthole uhlu lwamaTV akwazi ukusebenzisa iHDPVR.
4. Ungalutheki: Ungavumi ukuluthwa umbhalo othi ‘HD compatible’ – lokho kusho ukuthi izoveza isithombe uma ufaka iHD signal ngokukaFourie, kodwa naso leso sithombe ngeke sibe yikhwalithi. Bheka i-logo ethi “HD ready” uthole ukuthi iTV inazo zonke yini izinto ezidingekayo kubandakanya nentambo yeHigh-bandwith Digital Multimedia Interface (HDMI) efaka iHD Copy Protection (HDCP). Khumbula ukuthi usazodinga i-set-top box noma iMultiChoice decoder kwiTV e-digital.
Cela isitolo sikukhombise ukuthi iTV esebenzisa iDSTV HD decoder idlala kanjani ngaphambi kokuyithenga!
