zulu.2696.motoring_NEW
Okuthandwa
wumndeni
Ukuqhubeka kokwenyuka kukaphethiloli kukhomba ngokusobala ukuthi kuyinto enhle ukuthenga imoto yomndeni okulula ukuyinakekela nokuyigcina... indaba nguGavin Foster
BONA ZULU November 2008
ENCANE YOMNDENI
Ford Ikon 1,4 TDCi
I-Ikon yimoto yohlobo oluphambili olunendawo eningi ngaphakathi ne-boot ekahle. Ifika inama-airbags, ama-ABS brakes, i-air conditioner nomsakazo. Inenjini eyi-1,4 litre turbodiesel esebenza kahle kakhulu - isebenzisa 5,5 amalitha ebangeni elingu-100km. Okunye okuhle futhi wukuthi imoto yalolu hlobo eyisekeni esahambe amamayela amancane, akufanele ukuba kube yinto enzima ukuyithola.
Le moto entsha ibiza
R144 500 kanti ihambisana
ne-service plan yeminyaka emine njalo emva
kuka-60 000km.
EZEZIMOTO
UKUTHI imoto iwudla kangakanani uphethiloli yinto abaningi abayiqaphelayo namuhla uma bethenga imoto. Le moto enenjini eyi-1,6 litre ingakuhambisa wena nomndeni wakho cishe amakhilomitha ayishumi ngophethiloli oyilitha.
Uma uhamba ngale moto usuka eGoli uya eThekwini uphinde ubuyele emumva kungakudla imali cishe engu-R1 100 ngophethiloli uwodwa. Imoto enenjini eyi-V8 ingakudla R2 500 ngohambo olufanayo, ekubeni eyi-1,3 litre ingakudla cishe R700.
Make sicubungule sibheke ezinye zezinto ezingakwenza ukhethe le moto. Khumbula kuqala ukuthi indlela esebenzisa ngayo uphethiloli, iyona into ebalulekile.
Ngicabanga ukuthi nibonile ukuthi asikakhethi kakhulu izimoto ezisebenzisa u-diesel ngendlela nina bafundi engicabanga ukuthi ningafisa ngayo.
Lokhu kungenxa yokuthi u-diesel ubiza kancane kakhulu lapha eSouth Africa, akufani kunamanye amazwe - cishe ngo-10% ngaphezu kukaphethiloli.
Nakuba izimoto ezisebenzisa u-diesel ziwudla kancane kunalezo ezisebenzisa uphethiloli, lokhu kungasiza ezindlekweni zokukhanda.
EYAZO ZONKE IZIDINGO ZOMNDENI
Hyundai i10
1-1,1 litre Hyundai yimoto encane kodwa enendawo eningi. Ukuwudla kwayo uphethiloli kwatholakala ukuthi ingasebenzisa nje kuphela amalitha angu-6 ebangeni elingu-100km endaweni yejubane eliphansi kanjalo nakuthela wayeka wemigwaqo. Imali yayo ngu-R89 900. Ayinawo ama-airbags nama-ABS brakes.
EYASEDOLOBHENI
UMAKHANDAKHANDA
GWM 2,8 Tdi Lux
Sizoke siniqokele eyodwa yezimoto ezintsha zamaShayina. Esingakusho wukuthi, siyazi abathumela izimoto lapha eSA zisuka ngaphandle ngabantu abangochwepheshe abamangalisayo emsebenzini abawenzayo ngenxa yendlela abawuqhuba ngawo umsebenzi wabo. Kungakhoke lolu hlobo lwemoto olune-air-conditioner lubiza R149 990, lunenjini eyi-2,8 litre turbodiesel, i-power-steering, iyazikhiya, inomsakazo namafasitela asebenza ngogesi.
Idla cishe uphethiloli ongaphansi kwamalitha angu-12 ebangeni elingu-100km. [z]
Nissan Qashqai 1,6 Visia
Lolu hlobo lweNissan, yimoto enhle kakhulu yomndeni. Inendawo eningi ngaphakathi kanti futhi injini yayo yohlobo lwe-1,6 litre isebenza kahle kakhulu. I-Qashqai ifika inama-airbags ayisithupha nayo yonke enye into ongayidinga. Ngasekudleni uphethiloli ingathatha amalitha
angu-8,5 ebangeni elingu-100km.
I-Qashqai ibiza R199 990 ine-service plan yeminyaka emithathu ka-90 000km.
BONA ZULU November 2008
