zulu.2688.allergies
BONA ZULU - February 2006
NGOKWENHLANGANO yabe-Allergy Society Of South Africa, aphakathi kuka-20 no-30 amaphesenti ezingane nabantu abadala abagula beguliswa yizinto ezingezwani nemizimba yabo (allergies) kanti lesi sibalo sihlale senyuka ngenxa yokudungeka komoya nokunye.
Ngabe yini i-allergy- I-allergy yindlela umzimba womuntu ozwela ngayo entweni ethile kodwa kwabanye abantu kungenzeki kanjalo uma bona besebenzise leyo nto.
Abanye abantu kungenzeka imizimba yabo ingezwani nento eyodwa kanti abanye kuyenzeka imizimba yabo ingezwani nezinto eziningi ezehlukene. Izimpawu zalokhu zincika kulolo hlobo lwe-allergy.
Ngabe yini i-allergen-
I-allergen yiyonanto edala ukuba umzimba walowo muntu ungaphatheki kahle. Okuhle ongakwenza wukugwema ukuba seduze nezinto ezidalela umzimba wakho izinkinga zokungaphatheki kahle (allergens) ukuze umzimba wakho ungahlukumezeki.
Nazi ezinye izinhlobo ezijwayelekile...
Impova
Impova (pollen) yizinhlayiya ezisambewu eziphuma ezitshalweni - zipheshulwa wumoya kwenzeke zihlale emzimbeni womuntu ongezwani nazo noma ngenxa yokuziphefumula emoyeni.
Lokhu kudala i-rhinitis ebuye yaziwe ngokuthi yi-hayfever.
Ama-allergies adalwa yimpova (pollen) avame ikakhulu ebusika lapho kukhona umoya, kodwa abanye abaguliswa yilokhu baba ne-hayfever unyaka wonke.
Izimpawu zalokhu zibandakanya amehlo abomvu, ukucinana, ukuvuza kwamafinyila, ukuthimula, ukuluma komphimbo, kwamakhala, kwezindebe kanjalo nokwamankanka.
Izindlela zokwelapha: Abasemtholampilo wakho, udokotela noma abasekhemisi bangakutshela ukuba usebenzise i-antihistamine noma i-decongestant okungasiza ekwehliseni izimpawu.
Indlela yokuvikela: I-pollen icolisiseke kakhulu kangangoba kunzima ukuyibona. Ongakwenza wukugwema ukuhamba lapho kunezihlahla nezimbali ugeze umzimba nezinwele ukuze kusuke impova ushintshe nezingubo.
Izintuli zasendlini
Izintuli endlini ngezinye zezinto ezidala ukuba abantu bangaphatheki kahle emzimbeni nokuyizo ezidala isifuba somoya (asthma).
Akulula ukuzigwema ngoba zisabalele emoyeni ngaphakathi endlini. Zivame endaweni efudumele njengakomatilasi, efenisheni, kokhaphethi nasezingubeni.
Izimpawu ziyefana neze-hayfever.
Indlela yokwelapha: Uma izimpawu zikuhlukumeza kakhulu, zama ukubonana nodokotela noma uye emtholampilo nakusomakhemisi ukuze uthole imithi eyiyo.
Indlela yokuvikela: Into engcono ongayenza wukuba ugcine ikhaya lakho lihlanzekile lingenazo izintuli uwashe nezingubo zokulala ngamanzi ashisayo.
Izinja, amakati nezinye izilwane
Uboya bezinja nobamakati nobezinye izilwane bune-dander etholakala nasematheni azo nasesikhumbeni.
Lokhu kungadala ukuhlaselwa yi-asthma noma i-hayfever.
Indlela yokwelapha: Iyefana neye-hayfever.
Indlela yokuvikela: Zama ukuba izilwane ozifuyile uzihlalise kude nendawo ohlala kuyo noma olala kuyo. Cela ongenayo inkinga yokuguliswa wuboya bezilwane ukuba akubrashele akugezele izilwane zakho emnyango. Uma ukugula kwakho kukuthatha ngamandla, kungcono ungazifuyi izilwane.
Ama-allergies esikhumba
Lokhu kwenzeka lapho isikhumba sithintana nezinto ezisidalela ukugula ezifana nezimbali, izinto zokuhlanza endlini, amakhemikhali neziqholo zomzimba ezingamakha.
Izimpawu zalokhu zibandakanya amabala abomvu alumayo kuleyo ngxenye yesikhumba ethintene nalezo zinto.
Izindlela zokwelapha: Uma kungekho ukweluma, lawo mabala azophela. Bakhona okhilimu abayisipesheli abehlisa ubuhlungu abatholakala emakhemisi.
Indlela yokuvikela: Gwema izinto eziphatha kabi isikhumba sakho. Sebenzisa ama-gloves uma usebenzisa izinto zokuhlanza endlini - kodwa kufanele uqiniseke umzimba wakho awuzwani ne-latex.
I-latex
Ochwepheshe bakholwa wukuthi siyanda isibalo sabantu imizimba yabo engaphatheki kahle ngenxa ye-latex - okuluhlobo oluthile lwe-rubber etholakala kuma-gloves nakuma-sole ezicathulo.
Izimpawu zibandakanya ukuqubuka, amaqhubu nokuyinto engaholela esifubeni somoya.
Thola ukwelashwa ngokushesha uma wazi ukuthi awuzwani ne-latex.
Izinto ezingezwani nomzimba womuntu (allergies) aziyona ingozi kodwa zingayenza ingabi mnandi impilo yalowo muntu...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Zisize
Ukumelana nezinto ezingezwani nomzimba wakho
BONA ZULU - February 2006
Ama-allergies okudla
Ukudla okujwayelekile okungezwani nabantu kubandakanya: amaqanda, ubisi, amakinati, ufishi, i-shellfish, ukolweni namanye ama-fruit nama-vegetable.
Kokunye abantu bahlushwa wukwaliwa wukudla okuthile kube kungesiwo ama-allergy. Ubuthi ekudleni nakho akufanele kudidaniswe ne-allergy.
Indlela ongabona ngayo ukuthi waliwa wukudla okuthile noma uphethwe yi-allergy ekudleni okuthile wukuba kubekhona okwenzekayo emzimbeni wakho uma udle lokho kudla.
Uma izimpawu zalokhu zinamandla, thola ukwelashwa.
I-asthma nama-allergies
Isifuba somoya (asthma) sidalwa wukuvuvukala kontwentwesi olusezindongeni ezingaphakathi kwamapayipu omoya.
Kuningi okungadala ukuqubuka kwalesi sifo okufana nokubhema ugwayi, izintuli, i-pollen (impova) i-stress, ukushintsha kwesimo sezulu nezilwane ezithile.
Izimpawu zibandakanya ukukhwehlela, ubunzima ekuphefumuleni nesifuba esicinene.
Uma usukwazile ukuqaphela izinto ezikuvusela ukuhlaselwa yisifuba somoya, kungcono ugweme ukuba seduze kwalezo zinto.
Uma usola ukuthi unesifuba somoya, thola ukwelashwa ngokushesha.
Bonke abantu abaphethwe yisifuba somoya, kufanele bahlale beyibeke eduze kwabo imithi - ngoba lesi sifo siyingozi.
u
t
Uma izimpawu zedlulela, kufanele uthole usizo lokwelashwa
Ukutinyelwa yizinambuzane
Uma lokhu kwenzeka - umuntu uzwa ubuhlungu kokunye kwelume kuphinde kuvuvukale kuleyo ndawo otinyeleke kuyo. Uma ukuvuvukala kuqhubekela naseceleni kwalapho utinyeleke khona kukhona nokweluma emzimbeni wonke kunzima nokuphefumula - thola usizo lokwelashwa. Ukutinyela kwezinyosi namabhungezi kokunye kungaphetha ngokufa.
Isexwayiso
Nakuba amanye ama-allergies engeyona ingozi kakhulu kodwa angaholela kwi-anaphylaxis, okuyisifo esingadala ukufa uma singelashwanga.
Izimpawu zibandakanya ukuqubuka nokweluma kwesikhumba emzimbeni wonke, ubunzima ekuphefumuleni, ukuvuvukala ebusweni noma emlomeni kanye nokuba nenzululwane.
Noma ngubani onalezi zimpawu kufanele athole usizo lokwelashwa ngokushesha.
n l-Allergy Society of South Africa ineWebsite enayo yonke imininingwane elusizo nezeluleko. Bheka kwethi: www.allergysa.org.
Ungababhalela ubabekele inkinga yakho. Bazokuthumelela impendulo. Ikheli lithi: The Allergy Society Of South Africa, Box 88, Observatory, 7935, Cape Town. Faka nemvilophi enestembu ebhalwe ikheli lakho noma i-international reply coupon uma ubabhalela ungaphandle kwaseSA.[z]
Ukwaliwa yimithi
Eminye imithi ingakudalela inkinga enkulu. Kudingeka ukuba uthole ukwelashwa ngokushesha uqiniseke futhi ukuthi uyayigwema leyo mithi yokwelapha ekudalela ukugula.
