zulu.2679.cellphones
EZABATHENGI
Nqoba izinkinga
zama-cellphone
Ungadidwa yiwo wonke ama-cellphone akhona namuhla - sebenzisa umhlahlandlela kaBONA uzozizwa uthokozile kusukela ngosuku lokuqala. Indaba ngu-Patricia McCracken
ANGAPHEZU kuka-30 million ama-cellphone asetshenziswayo eSA ngokusho kuka-Arthur Goldstuck oyiMD yabeWorld Wide Worx.
"Siye sakhe uhlobo oluthile lwe-cellphone esikhathini cishe esiyizinyanga ezingu-18 kuya eminyakeni emibili," kusho uRaymond Fritz oyimenenja kwaNokia SA, inkampani emaketha cishe izinhlobo zezingcingo ezingu-40.
Kuvamile ukuba sithande ama-cellphone abanye abantu kunalawo thina esinawo nokuyinto eyabonakala ocwaningweni lukaBONA kubantu abangu-50 esabasebenzisa. Kukaningi abantu benexhala lokujaha ukuthenga i-cellphone. Lokhu kungenxa yokuthi abenzi bama-cellphone banekhono elimangalisayo ekwenzeni umkhiqizo okwaziyo ukuthatha amehlo abantu nangosizo lwemikhankaso yokumaketha imikhiqizo yabo - bese lokho mhlawumbe kuhambisane nesipho samahhala. Nakhu okungakusiza ekukhetheni i-cellphone.
Step 1: Khetha okuzwana nawe
Okutholwe iWorld Wide Worx noBONA ngabantu bakuleli nama-cellphone...
Iphuma phambili iNokia: Bobabili uWorld Wide Worx noBONA bathole ukuthi le nhlobo yocingo iphuma phambili njengoba abangu-43% bethanda ukuba ncane kwayo kanti u-53% usufuna ukushintshela kwiNokia. Kulula futhi ukuthola i-charger yayo.
Ilandelwa yiSamsung: Ngokocwaningo lukaBONA kuyacaca baningi abasebenzisa iSamsung. Izibalo zikaGoldstuck zikhombisa abangu-29% abazimisele ngeNokia belandelwa abangu-27% abafuna iSamsung.
I-Motorola: I-Motorola ingeyesithathu njengoba inabantu abangu-19% abayisebenzisayo. Kubona bangu-9% kuphela abathi ngeke bahlukane nayo.
I-Sony-Ericsson: Cishe bangu-4% abakuleli abasebenzisa i-Sony-Ericsson, kanti bangu-7% abathi nangokuzayo bayothenga yona.
Bukeka kahle ngeLG: Ukuhlotshiswa nokumakethwa kwayo kuyenza iLG igqame - kwabangu-4% abanayo, bangu-2% abasayifuna ngokuzayo.
Zikhulule uzimele: Cishe bangu-1% abanezinye izinhlobo zama-cellphone ngaphandle kwalezi ezinhlanu - kodwa u-2% ufuna ufuna ukushintsha - ngokusho kukaMark Taylor wabeNashua Mobile. Avame ukusetshenziswa ikakhulu ngabasemabhizinisini - njengeBlackBerry ne-HTC, kanjalo ne-iPhone ezokwethulwa kuleli ekuhambeni kwalo nyaka.
Step 2: Hlakanipha
Nakhu okungakusiza ekukhetheni i-cellphone:
Isitayela sayo: Ufuna ukukhombisa usesitayeleni ngocingo olwenza konke.
Qaphela... esesaphulelweni oyithengayo, ingasheshe iphelelwe yisikhathi.
Zama... ukwenza ucwaningo ngemikhiqizo yaphesheya ngosizo lwe-Internet noma amaphephabhuku abathengi ukuze nawe ukwazi ukulinda kuze kwethulwe entsha eSA.
Izinto zokuzithokozisa: Umculo, ama-games; iFM; ikhamera noma amaMMS ukwazi ukubuka izithombe nabangani; i-internet neTV imbala.
Qaphela... i-cellphone ekwenzela okuningi okudingayo noma engasebenzisi ubuchwepheshe obutheni ukuze ukwazi ukuyisebenzisa.
Zama... yihlole phambi komdayisi i-cellphone ukuze ungagcini ngokuthenga into ezokunika inkinga. Buza nakubangani nabomndeni abanenhlobo efana neyakho ukuthi isebenza kanjani.
Eqondene nebhizinisi: Mhlawumbe uzama ukuzivulela ibhizinisi - lolu hlobo locingo lungase lukusize ngezinto olukwazi ukuzenza - njenge-e-mail, internet - noma nge-video conferencing.
Qaphela... ama-cellphone amakhulu angabambeki kahle esandleni sakho nangasebenziseki kalula. Uhlobo oluhle olubenza ngokushesha lapho ungena kwi-internet ne-e-mail.
Zama... ezinye izinhlobo ezehlukile ungazikhetha ngokulawulwa ama-keyboard amise mhlawumbe okwekhomphyutha enye mhlawumbe ubhala kuyona ngokusebenzisa i-stylus.
Ukuxhumana nabantu: Ucingo lwakho uludingela ukuthola izingcingo nokukwazi ukushayela abanye uthumele namaSMS. Okungaphezu kwalokho, mhlawumbe ungadinga nolunekhamera, wenze amaMMS noma ama-GPS lapho uzimisele ngolusezingeni eliphezulu.
Qaphela... ungazibukeli phansi izidingo zakho - ucingo lwakho ulufunda ukulisebenzisa uma uzihlupha wenza noma yini ngalo ulichofoza, lapho kuningi ozothola ukuthi uzozazela ngokwakho.
Zama... nakuba abantu bethanda ukuthenga ucingo oluzobabeka emgangathweni, kodwa akufanele uthenge ucingo olubizayo kungenasidingo.
Step 3: Zilungiselele
Esakuthola ocwaningeni lukaBONA lokusetshenziswa nokuthengwa kwezingcingo ezingama-cellphone wukuthi izinkinga ezivamile ngokusho kwamakhasimende - izinkinobho (ama-keys) ezincane, ukungazwakali kahle komsindo lapho ukhuluma kwi-cellphone yakho, ama-screen angabonakali ngokucacile nokwenza ukuwafunda kube nzima, igilasi ye-screen esheshayo ukwamukela ukungcola ize igqwale, nezinye izinto ezibalulekile ziyashesha ukucisheka kwi-data kanjalo nama-calls. Bheka ukuthi yini ezozwana nawe kahle:
Abanye bakhathazwa yindlela evuleka ivaleke ngayo i-cellphone nokuthi izinkinobho zayo zicindezeleka kalula kangakanani nokuthi yona ime kanjani.
Ufuna encane engena kalula ephaketheni lehembe kanjalo nengena kalula esikhwameni sakho esincane, noma i-cellphone enkulu okuzokuba lula ukuyithola uma ufuna ukuyisebenzisa nokulula ukuyichofoza izinkinobho ngeminwe ngaphandle kokwenza amaphutha?
Kufanele ucabange futhi ukuthi ubucayi bayo i-cellphone yakho kuzoyibeka engcupheni yokulimala kangakanani uma kwenzeka iwa phansi, kulula kangakanani ukuba uyifakele nento yokuyivikela ukuze ingalimali?
Imuphi usayizi we-screen kanjalo nombala okuzwana nawe?
Ngabe i-microphone ikuphi, iyakwazi ukukwenza uzwe kahle ungaphazamiseki ngisho ngabe usendaweni enomsindo kangakanani ngaphandle kokuphazamiseka?
Ngabe i-cellphone yakho izwakala kakhulu noma kancane uma uyivulele yonke i-volume?
Ngabe i-cellphone yakho izokwazi yini ukuba ikwenze ukwazi uku-down-loader ama-ringtone owathandayo?
Ngabe ama-keys (izinkinobho) e-cellphone yakho angusayizi ongeke unike iminwe yakho inkinga lapho uwachofoza?
Ngabe i-battery yakho ikuthatha isikhathi esingakanani ukuze ibe sesimweni sokusebenza lapho kade uyi-charger - ithathe esingakanani futhi isebenza emva kwalokho njengoba ezinye izinto ezenziwa nge-cellphone ziyidla kakhulu i-battery?
Ngabe i-cellphone yakho ine-memory noma i-memory card enendawo enkulu ukugcina izithombe, umculo noma ama-games?
Inalo ithoshi elingakusiza uma kukhona isidingo sokukhanyisa - ngabe i-screen sikhipha ukukhanya okwanele?
Ngabe i-cellphone yakho uyakwazi ukuba wenze ngayo amaSMS nokunye okwenziwa ngezingcingo ukwenza ngolimi lwakho?
BONA ZULU August 2008
wabantu kuleli uzothenga ama-cell amasha ku-2008
BONA ZULU August 2008
UYAYIGCINA NOMA UYAYISHINTSHA
I-CELL?
Ibhizinisi lama-cellphone lingelinye lashintsha kakhulu emhlabeni - kangangoba kunzima ukungaheheki ekuthengeni i-cellphone njengoba lezi zingcingo zinakho konke:
Iningi lethu (57%) sekuyisikhathi esingaphansi konyaka linama-cellphone.
Cishe u-25% usunesikhathi esiphakathi konyaka kuya kwemibili - nokuyisikhathi esihle sokushintshela kwenye engcono - u-37% uhlela ukuba uthenge ama-cellphone amasha kulo nyaka.
Idlanzana lalabo kungenzeka liphume ku-15% osube nama-cellphone kusukela eminyakeni emibili kuya kwemihlanu. Iqiniso wukuthi laba bantu bayawagcina ama-cellphone ngoba...
Kunabantu cishe abangu-3% asebehlale nama-cellphone abo isikhathi esingaphezu kweminyaka emihlanu.
IMALI
Vikeleka kuma-
ATM
BONA ZULU August 2008
UBANI ongamelana nokunyamalala kwemali engu-R2 000 kwi-akhawunti yakhe ebhange? Okufanele sikwazi wukuthi iningi lethu kuyenzeka lokhu kulona, noma lilahlekelwe yimali engaphezu kwalena kuma-ATM nangobunye ubugebengu bamakhadi asebhange antshontshiwe.
Izinga lalobu bugebengu selenyuke laye lafinyelela ku-81% ngokwezibalo zabeSA banking Risk Information Centre esikhathini esingangonyaka. Uma lokhu kungakenzeki kuwena, kukhona umuntu omaziyo osekuke kwenzeka kuyena.
Njengamanje amabhange asemkhankasweni wokulwa nalobu bugebengu obenziwa abantu kuma-ATM bakudidise ukuze ungaboni lapho bekushintshela ikhadi lakho, noma basebenzise i-paperclip noma into ewupulasitiki ukuze kubhajwe ikhadi lakho.
Yithina okufanele sihlale sizivikela.
QAPHELA: Njalo uma uya kwi-ATM, qaphela abaseduze kwakho. Zama ukusebenzisa ama-ATM anonogada ukugweme nokukhipha imali ebusuku.
LIVIKELE: I-Pin yakho ayaziwe nguwena kuphela hhayi omunye umuntu, ngisho nemenenja yebhange lakho imbala ayinagunya lokukubuza yona.
LIFIHLE: Ngesikhathi ushaya inombolo yakho fihla ngesandla nomzimba lapho ushaya khona uqiniseke ukuthi akekho oyibonayo.
LIZWE: Uma ulifaka emshinini, ulizwa lingangeni kahle kukhona ukusola ukuthi umshini ucushiwe, uyeke uye komunye ubikele nebhange lakho.
HAMBA: Ungalokothi wamukele usizo kubantu ongabazi. Uma uzwa ungakhululekile, ungabe usayikhipha imali, thatha ikhadi lakho uhambe.
LIBHEKE NJALO
Ngisho usesitolo noma kwi-ATM, njalo bheka ikhadi lakho ngaphambi kokuba usuke lapho ukhona ukuze ubone ukuthi kusengelakho yini.
YAZI
Hlale unenombolo yebhange lakho ongabika kuyo ngokushesha lapho ikhadi lakho lilahleka noma lintshontshwa.
YIMA
Ungalokothi ubale imali yakho emshinini - linda uze ube sendaweni ephephile. [z]
Ubugebengu obenzeka ngamakhadi asebhange antshontshiwe sebuphindeke kabili esikhathini esingangonyaka - ngakhoke qinisa umkhankaso wokuvikela imali yakho kuma-ATM... indaba nguGrace Khuzwayo
VIKELEKA
Amabhange ehlukene anezindlela ezingafani zokulwa nobugebengu nokuvikela amakhasimende awo. Buza elakho ngosizo olufana nalokhu:
Umshwalensi.
Ulwazi abakunika lona ngokwenzekayo mayelana ne-akhawunti yakho.
Ucingo oluhlale lusebenza lapho ungabika khona ukulahlekelwa yikhadi noma ubugebengu obusolayo kwi-akhawunti yakho.
