zulu.2674.legalapr
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Akanalo iqiniso
INKINGA: Ngangisebenza epulazini ngaxoshwa emva kokuba umnini-pulazi ethe ngintshontshile ngajoyinisa nabasebenzi bakhe inyunyana epulazini lakhe. Angiwazi wonke lawa macala angethwesa wona.
Ngesikhathi engixosha akanginikanga i-unemployment card kodwa wangiholela imali yezinyanga ezintathu.
Izinkomo zakhe uzelusela emhlabeni wakithi kanti wathi akayifuni imfuyo yakithi epulazini lakhe. Ngicela usizo.
ISELULEKO SOFEZELA:
Umbuzo wokuqala esithanda ukuwubuza uthi: ngabe umqashi wakho wakunika incwadi yokukwethwesa icala wakubizela nasesigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe-
Uma engakwenzanga lokho, akaqhubanga ngokuyikho. Ngaphandle kokungabaza, abeCCMA bazokunika igunya lokuba umethwese icala ngalokho.
Icala ongamethwesa lona elokukuxoshela ukuba yilungu lenyunyana. Uma kunjalo, wenza okungafanele ukuba akwenze njengomqashi kanti neCCMA ingathokoza ukuzwa ukuphawula kwakho kulokho ngoba uma waxoshwa kungafanele, umqashwa uzojeziswa kabuhlungu yiCCMA.
Udaba lwekhadi lakho le-unemployment kumele ulubike kwi-Unemployment Office.
Isiphathimandla sakhona sizokusiza ukuze uyithole.
Mayelana nodaba lomhlaba wakini nezinsongo zomlimi, singakweluleka ngokuthi iya kummeli.
Uma ufuna ukuthola ukuthi yimaphi amalungelo akho mayelana nalolu daba kufanele usizwe wumuntu onolwazi olunzulu ngomthetho kanti wummeli kuphela ongakwenza lokho.
Uma ungesilo ilungu lombutho woFezela ungenawo namandla okufuna ummeli, xhumana nabeLegal Aid Board abaseduze ukuze bakutholele usizo lommeli.
Uma leli hhovisi likunikeza usizo, ibhodi lizokukhokhela izindleko zommeli.
Asikwazi ukukukhiphela uhlu lwamakheli amaLegal Aid Boards kuBONA kodwa uma uya eNkantolo kaMantshi eseduze nawe, uMabhalane weNkantolo angakusiza ngekheli leLegal Aid Board eseduze. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
IZELULEKOZOMTHETHO
