zulu.2654.teensep
BONA ZULU - September 2006
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
Ukubhekana nobuhlungu benhliziyo
WALIWE kangangoba usulahle ithemba, nekusasa lakho ulibona likuzela nezinkinga. Ungakhathazwa yikusasa, cabanga ngokuthi uzophila kanjani ehoreni elilandelayo"
Uma ukhathazekile, into okufanele uyikhumbule wukuthi lesi akusona isikhathi sokuba uphume uyophuza noma uyodla izidakamizwa, "ngoba ungasenandaba!"
Lokhu kusho ukuthi ungayenzi into ewubuwula - kubandakanya nokwenza imizamo yokubuyela kowawuthandana naye.
UDr Phil McGraw uthi: "Ukwedlula lapho kuhlala khona umuntu owawuthandana naye, ukumshayela ucingo nokumthumelela ama-e-mails, akuyona indlela yokukhohlwa okwedlule. Ungazifaki esimweni lapho uzocabanga ngokwedlule bese uzizwa uphatheke kabi uphoxekile."
Ukukhohlwa okwedlule...uye ufise sengathi ungalala isikhathi eside uze uvuke lapho ubuhlungu sebudlulile. Jabulela isikhathi sanamuhla njengokuthi uphatheke kanjani manje...
Ukuphatheka kabi
Kuhle ukuphatheka kabi ngesinye isikhathi nokuyinkomba yokuthi ubhekene nobunzima.
Ngisho abangani bakho beseduze kwakho, kodwa phela nabo bazodikibala uma belokhu bekubona wena umoya wakho wephukile.
Zibekele isikhathi sokuba ngelinye ilanga uzihlalele wedwa ngaphandle kokuphazanyiswa, cishe imizuzu engu-15 hhayi ngaphezu kwalokho.
"Imizwa yakho nokulila kwakho kudinga isikhathi nendawo ukuze uzinikele ekubhekaneni nakho," kusho omunye wochwepheshe. Lena iyona ndlela oqala ngayo ukubhekana nale nkinga yokukhathazeka, ngoba uyazikhethela ukuba ukuvumele ukukhathazeka.
Bhekana nezinkinga zakho
Ukukhathazeka yinto okumele ubhekane nayo ngqo. Ukuthi waliwe kuchaza ngokusobala ukuthi lowo muntu akasazimisele ngokuba nawe.
Ngakhoke nawe kufanele ukwamukele emoyeni ukuze ukhululeke kwehle nobuhlungu. Lokhu kuzokusiza ukuba ungagcini usuzisola usuthi "Ukube ngazama kakhulu..." Mhlawumbe usuze wacabanga nokuba uyoxolisa kulowo muntu umthembise ukuthi uzoshintsha. Musa ukuchitha isikhathi sakho ngoba uzobe uzenza isilima nobuhlungu bedlulele.
Uma uhlukana nomuntu othandana naye, kuye kube khona lokho kuzibeka icala lokuthi mhlawumbe kukhona okwenzile. Lokhu kwenza lowo muntu acabange ukuthi lisekhona ithemba. Empeleni akunjalo.
Kungakhoke kudingeka ukuba ubhekane ngqo nenkinga yakho. Ungagxili ezizathwini lowo muntu akunika zona, noma ufune izincazelo ezicashile. Konke lokho akuthi 'shu'.
Uma lowo muntu wayenezizathu eziphathekayo wayezobonisana nawe, ngaleyo ndlela kuqine uthando lwenu.
Kodwa kulokhu wazithola usuwaliwa nokuyinto ekhomba ukuthi wayengenandaba nawe.
Ukuvuselela ukuzwana nabangani
Ngesikhathi usesothandweni, mhlawumbe wawungasitholi isikhathi sokuba uhlale nabangani bakho. Manje sekuyisikhathi sokuba uvuselele ubungani ukulungise lokho.
Lokhu akusho ukuthi uyabacindezela. Uma kungabangani abakahle, bazokuzwa.
Kodwa nabo uma besothandweni, ungaxakanisi ukujabula kwabo. Abangani bazokukhombisa ukuthi bayakuthanda, nawe-ke kufanele ubanike lolo thando. Kufanele wenze imizamo yokuba babone lokho kuthokoza kwakho "kwakudala" hhayi ubuso obungathokozile obugcwele ukukhathazeka.
Zinike isikhathi
Njengoba usakhathazekile, akukabi yisikhathi sokuba ube sothandweni ngoba lokho kuzokwenza ukuba nawe ngakolunye uhlangothi uphathe kabi omunye umuntu. Zinike isikhathi sokuma kancane othandweni.
Nampo-ke ubuhle bokushiywa obumthanda, ukwazi ukuzenzela noma yini oyifunayo, uzidlele imali yakho wedwa.
Zethembe
Uyasidinga nawe isikhathi sokuba uzinike ukuzethemba. Lokhu kungathatha isikhathi ngaphambi kokuba uphinde uthembe omunye umuntu. Ukwethemba kubalulekile uma sekuziwa ngasothandweni.
Wawungaphambuki uma wawuthemba umuntu owawumthanda. Uma kukhona odlale ngawe, akuwena okumele ubekwe icala. Ukwethemba omunye umuntu othandweni, akusilo uphawu olukhomba ukuba ntekenteke kodwa iyonanto ekhuthazayo omunye umuntu angayenza.
Azi ukuthi kungani
Ukuba nokuzethemba kuhle lapho kade uphatheke kabi. Ukwaliwa kubuhlungu.
Ubufuna ukuthandana nalo muntu, kodwa yena wayeka ukuthandana nawe. Ngenxa yokuthi sidinwa wukungakutholi lokho esingenako, lena iyonanto ehambisana nobuhlungu. Ngabe kuyiphutha lakhe ukungathandi ukuthandana nawe" Cha. Uma kungekho akubonayo ngawe, ngabe kufanele uchithe isikhathi eside ulokhu ukhala"
Noma ungakhala njengoba uphatheke kabuhlungu, kodwa ngelinye ilanga lezo zinyembezi ziyonqamuka.
Shintsha!
Ekuqaleni sithe khohlwa yizizathu, zitshele ukuthi uthando seluphelile. Ngesikhathi usazama ukudambisa ubuhlungu benhliziyo, azi ukuthi ungubani, wenze ushintsho empilweni yakho.
Lucabange uthando lwakho. Ngabe ubudinge kakhulu noma ubunesikhwele" Cishe ukushayela umuntu oyedwa izikhathi ezingu-6 ucingo akukhombisi uthando oluhle.
Funda ukuzithiba okuncane.
Ngabe ucabanga ukuthi ungenza okungehlisa isisindo somzimba" Ungasichithi isikhathi sakho ngokulokhu udla ukudla okungathi-shu. Makube khona okwenzayo, joyina ejimini noma uzishayele umgwaqo.
Lena ngenye yezindlela zokudambisa ukungaphatheki kahle kwakho.
Ukuziphindiselela!
Ukuziphilisa kahle iyona ndlela yokuziphindiselela ukuze abone lowo owawuthandana naye ukuthi uyakwazi ukuphila ngaphandle kwakhe.
Uma uhlangana naye, yehlisa umoya ukhombise ubungani bese uba ngowokuqala ukuqeda ingxoxo. Lokhu kungadinga ubuchule obumangalisayo, kukwenze futhi uphatheke kahle.
Kungakwethusi uma owawuthandana naye emangala ngokuba mhlawumbe acabange ukuphelisa ubuhlobo benu. Kungenzeka futhi athi ufuna ukuba niphinde nithandane.
Ungaba nentokozo empilweni ngokumela iqiniso umtshele lowo muntu ukuba ahlukane nawe.[z]
BONA ZULU - September 2006
Ngezinye izikhathi kuye kubukeke sengathi ubuhlungu ngeke buphele, kodwa kunezindlela zokumelana nabo - kufanele uzimisele ngokuphuma kulolu sizi
Isifundo esibalulekile
Konke okuhle osumenzele kona, sekufana nokulahlekelwa kuwena. Kukhona futhi esinye isifundo okudingeka usifunde: khohlwa wukwenza izinto ungacelwanga ngoba ubuhle bazo abubonakali njengezinto ezisuke zingacelwanga.
Izindlela zokudambisa ukungaphatheki
kahle kwakho
BONA ZULU - September 2006
NGOKWETHEMBA. Ungazivumeli izinto ezimbi ezedlule ukuba zikwenze ungabi nokwethemba. Lokhu kubuke ngale ndlela: uma umuntu umethemba, waphoxeka kuyaphela. Kodwa uma unomona nesikhwele, uyohlale umsola ukuthi wenzani lapho engekho eduze kwakho nokuyinto ehlukumeza wena emqondweni. Ngakhoke kungcono ukwethemba.
