zulu.2649.yourlifeguide_stars_2
ESITHOMBENI KULINGISIWE
NGITHEMBA ukuthi uzongisiza. Ngineminyaka engu-30 kanti ngisebenza kahle. Ngiyaphana kanti ngisola ukuthi kukhona owangiloya ngoba imali yami ayihlali. Anginamuzi anginayo nemoto kodwa lezo zinto ngingazithenga ngoba ngihola kahle.
Esther J, Soweto
Dear Esther
Awuloyiwe neze. Isizathu esenza ukuthi imali yakho ingahlali ephaketheni lakho wukuthi uyayikhipha uyisebenzise.
Okokuqala okuzokusiza ukuze kuxazululeke le nkinga obhekene nayo wukwazi ukuthi yini oyenza ngemali yakho. Uma uhola, yiba ne-diary ozobhala kuyona okwenze ngemali. Bhala nemali yerenti kuye ezintweni ezincane ozithengayo.
Uma sewazi ukuthi imali yakho iyaphi, bhala uhlaka lokuthi umholo wakho olandelayo uzowusebenzisa kanjani.
Lokho kubizwa ngebhajethi. Uma usunebhajethi yakho, bambelela kuyona. Zibekele imigomo, njengokuthenga umuzi noma imoto, ukuze ukhuthazeke ubambelele kwibhajethi yakho.
Ngabe yini inkinga ?
Ngineminyaka engu-25. Ubaba washona umama enezinyanga ezintathu ekhulelwe mina. Ngokuhamba kwesikhathi umama washada sasebenzisa isibongo sikasingamzali wami.
Ngaya enyuvesi ngo-2001, kodwa ngahlangabezana nezinkinga ezifundweni zami. Ngize ngaqeda ngo-2008. Njengamanje ngisebenzela inkampani yama-accountants kanti ngihola imali encane kabi.
Akungihambeli kahle nasothandweni. Ngisheshe ngihlukane nabesilisa engithandana nabo. Ngabe kukhona okushaya amanzi ngami? Ngabe ngijeziswa yidlozi likababa njengokusho kwabanye abantu?
Anonymous
Dear Anonymous
Siyakuhalalisela! Ubalwa kwabambalwa ababusiswe ngokuthola imfundo nomsebenzi.
Njengathi sonke, nawe unezingqinamba okufanele udlule kuzona empilweni. Lezo zingqinamba yizona okufanele zikukhulise. Mhlawumbe kuzodingeka ukuba ubekezele ngoba isimo asisibi kangako empilweni yakho.
Ikusasa lakho alinciki ezintweni ezedlule ezenzeke empilweni yakho. Gxila ekuzisimamiseni ngokomsebenzi uzethembe.
Akaziphethe kahle!
Umlisa engithandana naye uqonyiwe. Ngimthanda ngenhliziyo yami yonke kanti angazi ukuthi yini engingayenza ukuze akuyeke lokhu athembeke kimina?
Thandi, Cape Town
Dear Thandi
Zithande wena kuqala uzihloniphe! Khetha ukuthi yini oyifunayo empilweni. Ngabe ufuna ukuhlonishwa noma ukuqanjelwa amanga, ngabe ufuna ukubeka impilo yakho engozini ngokuba neHIV? Ngabe ubona kungcono uqhubeke nomuntu ongathembekile kuwena kunokuhlala ngaphandle kwakhe?
Akumqoka ukuthi yini amadoda ayenza kuwena okumqoka wukuthi yini uThandi ayifunayo!
Siza! Amabele ami mancane
Ngineminyaka engu-23 kanti inkinga yami wukuthi nginamabele amancane. Ngifuna abe makhulu kodwa angazi ukuthi ngingakwenza kanjani lokho. Ngicela ungisize.
Maria L, Polokwane
Dear Maria
Zimbili izindlela zokuphendula umbuzo wakho. Eyokuqala elula - khuluma nodokotela. Uzokutshela ukuthi yini okufanele uyenze ukuze uwakhulise.
Kuzodingeka ukuba ahlinzwe ukuze abe makhulu kanti lokho kuyabiza. Indlela yesibili yokuphendula umbuzo wakho - sizokukhuthaza ngokuthi kuhle ucabange kahle kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Sonke sinezitho emzimbeni wethu esingaphathekile kahle ngazo. Kukhona esikubheka sibone ukuthi akukuhle. Ukungakhululeki ngesimo umuntu ayisona kusihlupha kakhulu uma sisebasha. Usamukela uma usukhulile noma uma usunolwazi olusabalele ngempilo.
Kungenzeka ukuthi amabele akho awuwathandi ngoba kukhona owakugcona ngawo noma wakutshela ukuthi awamakhulu. Kungenzeka ukuthi lokho wakuzwa ngabangani noma ngesoka lakho.
Kodwa ungashintsha uzibongele ngokuba namabele amahle angenawo umdlavuza.
Okunye: funda ukubukisa ngokuhle emzimbeni wakho - kungaba yi-figure yakho noma isikhumba sakho.
Nakhu okufanele ukwazi Maria: umuhle ngoba wenziwe ngomfanekiso kaNKULUNKULU!
Angikwazi ukuphila ngaphandle kwakhe
Ngineminyaka engu-29 kanti eyentombi yami ingu-21. Sihlala endaweni eyodwa kodwa asakhelene. Angilali ebusuku ngoba intombi yami ingale ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Angikwazi ukuphila ngaphandle kwayo - singabuyelana kanjani?
Anonymous, Kroonstad
Dear Anonymous
Ngizwelana kakhulu nawe. Okukwehlele kwehlela noma ngubani - kodwa uma usesimweni esinjengalesi kuba sengathi uwena kuphela emhlabeni obhekene naso.
Okokuqala kwamukele ukuthi uthando lwenu seluphelile - lo muntu usambiza ngentombi yakho kodwa akaseyona.
Siyazi ukuthi ukuhlukana kwenu ngeke ukwamukele kalula: kuzokwenzeka ucabange ukumshayela ucingo, kokunye uzizwe unomzwangedwa - konke lokhu kuhambisana nobuhlungu benhliziyo.
Ungajahi ukuthola omunye ozothandana naye kodwa hlangana nabazokwenza ukuthi ukhohlwe wusizi lwakho.
Ukungakwazi ukuphila ngaphandle komunye umuntu yikona okuxosha abazama ukusondela eduze kwakho.
Bathi amanxeba ayaphola ngokuhamba kwesikhathi kanti okuhle wukuthi uzomthola umuntu ozothandana naye. [z]
AMANDLA OKUPHILA
Iphelelaphi imali yami?
NGABE ULOYIWE? NGABE UDINGA UMUTHI - NOMA UKUBONISWA?
USis Sarah
uzokusiza aphendule yonke imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Sarah,
Box 32083, Mobeni
4060.
Qaphela:
USis Sarah
akaqeqeshelwe ukuxazulula
izinkinga ezithinta impilo.
QAPHELA
Ngizokusiza uma unenkinga othandweni noma emphefumulweni kuphela. Angisiye udokotela kanti angikwazi ukuphendula izinkinga ezithinta ezempilo.
Xhumana nodokotela noma nomtholampilo uma unenkinga ephathelene nempilo. Lokho kuphephe kakhulu kanti khuluma nabo ubatshele konke okukuhluphuya. Bazokusiza uma ubambulele sonke isifuba sakho!
ISIHLABANI SALE NYANGA
Isihlabani sebhola
(wazalwa ngoMay 21, 1977)
Kwathi lapho uFortune eseneminyaka engu-11 waya eNgilandi lapho adlala khona eqenjini leTottenham Hotspur lamajuniya. Wagcina esayiniswe yiManchester United ngenxa yokudlala kwakhe kahle emuva kanti manje udlalela i-AFC Tubize yase-Italy.
IZINKANYEZI
Uzozithola uphuphuma uthando nokuyizindaba ezizojabulisa isithandwa sakho. Uma ungawedwana ungazama inhlanhla uthole umaqondana. Izinsuku zothando: 20, 21.
Othandana naye kungamjabulisa ukuzwa izinhlelo zakho zekusasa ngakhoke phumela obala. Uma ungawedwana ungajahi, uzomthola umaqondana. Izinsuku zothando: 22, 23.
Uma kukhona othandana naye, phumela obala ngemizwa yakho othandweni lwenu kube khona ukuxhumana. Izinsuku zothando: 24, 25.
Kunoma yiluphi uthando kuba khona izifundo ezifundwayo, ngakhoke khombisa omthandayo ukuthi unothando. Uma ungawedwana, ungasinqabi isimemo. Izinsuku zothando: 26, 27.
Yisikhathi esihle sokuzama ukubuyisela lelo langabi lothando othandweni. Kukuwena ukutshela umuntu omthandayo ukuthi uyamthanda uma ungawedwana. Izinsuku zothando: 1, 29.
Phumela obala ngemizwa yothando uma unesithandwa sakho ukuze uthando lwenu luhlale luvutha. Uma ungawedwana bekezela kuzolunga. Izinsuku zothando: 3, 31.
Uma ulangazelele ukuthola umaqondana, bheka izimpawu ozifunayo kumuntu omaziyo. Uma usothandweni ungavumi ukuxhashazwa. Izinsuku zothando: 5, 7.
Uthando olungena-migomo nokwamukelana yizinto ezikuwena nothandana naye. Wukwethembana nothando okuzoqinisekisa ukuthi isimo sihlala sinjalo. Izinsuku zothando: 8, 9.
Bekezela konke kuzolunga uma usothandweni. Sonke sihlangabezana nezinkinga othandweni kanti akukubi njengoba ucabanga. Izinsuku zothando: 10, 11.
Ungumuntu onothando kanti uzozakhela ugazi kulowo muntu omgaqele. Ungabi namahloni! Uma engakwemukeli, uyena ozolahlekelwa! Izinsuku zothando: 13, 14.
Yiba nobubele nozwelo ukuze othandana naye aziqhenye ngothando lwenu. Uma ungawedwana, lindela ukuthola umlayezo ovela kumuntu obalulekile. Izinsuku zothando: 15, 17.
Inhlanhla ikubhekile. Zitike ngalesi sikhathi esimnandi. Uma ungawedwana, qaphela abantu bangadlali ngawe. Kokunye kungcono ukuzihlalela wedwa. Izinsuku zothando: 18, 19.
IZINKANYEZI
