ZULU.2645.stars
Okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - June 2006
Umsebenzi: Khombisa ozakwenu ukuthi ungumuntu othembekile. Impilo: Yiba nesikhathi sokuphumula - uhlale unomdlandla.
Imali: Bonga okuphethe emsebenzini ngokukukhuphulela kwakhe iholo noma ngokuhle akwenzile.
Uthando: Ungenzi okuzomphula umoya othandana naye.
Umsebenzi: Sebenzisa ikhono lakho kwezobuholi ukuze uzisimamise.Impilo: Kuhamba kahle ngasempilweni kodwa qaphela isisindo sakho.
Imali: Cabangela ingomuso. Zama olunye uhlelo lokubeka imali.
Uthando: Xhumana nothandana naye - ugweme ukushaya imithetho!
Umsebenzi: Thatha izinqumo ezifanele ebhizinisini.
Impilo: Zivocavoce ugweme ukukhandleka kwengqondo.
Imali: Uma unemadlana ethe xaxa, yiphathe ngobuhlakani.
Uthando: Yisikhathi esizokuphatha kahle ngasothandweni lesi.
Umsebenzi: Khumbula ukuthi impumelelo incike kokwenzayo, ngakhoke sebenza ngokuzikhandla.
Impilo: Qaphela ungabi nozwelo ngokweqile. Lawula imizwa yakho.
Imali: Yiphathe kahle ugweme amabhizinisi angenambuyiselo.
Uthando: Qinisa uthando lwenu ngokwenza okuzomphatha kahle othandana naye.
Umsebenzi: Sebenzisa amasu onawo ukumele okushoyo uma uzama ukuheha ozakwenu.
Impilo: Impilo yakho ayihlelekile kahle. Zivocavoce ushaywe umoya.
Imali: Isihlobo sakho sizokusiza ngemali.
Uthando: Kukhona okuhle ozokuthola othandweni.
Umsebenzi: Ungakuvumeli ukufakwa eweni. Luhlaziye kahle ulwazi olutholayo.
Impilo: Ungakuvumeli ukuhluthulwa abantu abahlala beyinkinga.
Imali: Ukuhlela kahle izinto kuzokwenza ungabi nenkinga yemali.
Uthando: Lindela izikhathi zentokozo nesithandwa sakho.
Umsebenzi: Uzophumelela ngoba abakubonisayo bahlakaniphile.
Impilo: Zivocavoce udle ngokufanele ukuze ube sesimweni esihle.
Imali: Ungamoshi imali ngokuthenga izinto ezibizayo ongazidingi.
Uthando: Ukuhlalisana ngokuthula kwenza nihlale nithokozile.
Umsebenzi: Hleleka ubambelele kokwenzayo ukuze uthole imiphumela egculisayo.
Impilo: Ungakuvumeli ukugqilazwa umsebenzi. Yiba nesikhathi sokuphumula.
Imali: Ngeke ube nankinga uma uyiphatha ngokucophelela imali.
Uthando: Yiba nothando unakekele owakwakho. Gwema isikhwele.
Umsebenzi: Sebenzisa amathuba owatholayo. Gxila ekuzisimamiseni.
Impilo: Zithokozise ngemidlalo uphumule. Ungakuvumeli ukugqilazwa wumsebenzi.
Imali: Sebenzisa imali yakho ngobuhlakani.
Uthando: Mbekezelele umnakekele omthandayo ukuze nihlale kahle.
Umsebenzi: Ungabheki ukulungelwa yizinto ngokushesha. Kuyasiza ukungazijahi izinto.
Impilo: Qaphela okudlayo ushaywe umoya uzivocavoce.
Imali: Zihlolisise kahle izinto ezisendalini ukuze ungadlali abantu.
Uthando: Yisikhathi esihle ngasothandweni. Menzele okuhle othandana naye!
Umsebenzi: Gxila ezinjongweni zakho.
Impilo: Ungakuvumeli ukulawulwa yimizwa yakho. Gwema ukukhandleka kwengqondo nezinto ezizokuthikameza.
Imali: Uzoba sesimweni esizodinga ukuba usebenzise imali obuyibekile.
Uthando: Kukuhambela kahle othandweni!
Umsebenzi: Hambisana nesikhathi ukuze ibhizinisi lakho lisimame.
Impilo: Kubheke okudlayo uqale uhlelo lokunyakazisa umzimba.
Imali: Uma kukhona okukweletayo, yenza okufanele ukuze uyithole yonke imali yakho.
Uthando: Izithandani zizophathana kahle, abangabodwana bathole abangani abafanele. [z]
