zulu.2644.twins
EZOMSAKAZO
UHlelo ungakwesobunxele, uNtando ungakwesokudla.
Sixoxe ne
UHLELO wazalwa kuqala, emva komzuzu kwalandela uNtando Ekurhuleni eminyakeni engu-25 eyedlule.
"Asizange size sibone nanokuthi ukuba amawele kusenza abantu abehlukile ngesikhathi sisesesikoleni," kusho uNtando.
Ngo-1990 bathi baqopha umlando ngokuba abafundi bokuqala abamnyama ukwamukelwa eSt Dominic okuyisikole samantombazane.
Namuhla banesifiso sokuphumelela kwezikaqedisizungu njengamawele akwa-Olsen angosozigidi eHollywood.
Izincwadi abazitholayo zabalaleli bohlelo lwabo luka-6-9 ebusuku iDouble Up ngezimpelasonto, zikhombisa ukukhula kwabalandeli babo.
"Kungani abesilisa abaningi behlale bephupha ngokuba umuntu athandane namawele womabili noma acabange ngokuya nawo embhedeni womabili"" kubuza uNtando.
"Cishe ingxenye yezincwadi esizitholayo zimayelana nalokho. Enye ingxenye imayelana nomculo nokuyiyona into esikhuthazayo."
Umculo yinto yomndeni wakubo lawa mawele. Umfowabo uQuinton nguDJ Naked kanti ungomunye wabantu abashisayo kwezomculo eJozi. Wangena emsakazweni kwiYfm ngokuthakela uDJ Bad Boy T umculo kanti kumanje unguphrojusa wohlelo lwasekuseni lukaBad Boy kwiMetro FM.
Waphinde futhi wasiza odadewabo benza i-demo yabo eyiCD eyabenza bazethula kwiYfm ngo-April odlule.
"Konke esikwenzayo yinto yomndeni. Sibancane, kodwa bonke abafowethu - Quinton, Fortune noRamesh bayazifela ngomculo," kusho uHlelo.
Kwi-demo yabo babexoxa ngezinto ezifana nomculo, abafana, izingubo nokuthi ubani osebenzisa i-bathroom kuqala noshayelayo lapho sekuyiwa ekhaya kuphunywa ephathini.
Le-demo yiyo eyenza ukuba iYfm ibathathele izinhlelo zangezimpelasonto.
Kuningi abakhuluma ngakho njengokuthi - ubani omuhle, ubani okhuluphele, ubani ohlakaniphile - kusho uNtando.
"Emva kwalokho ngithi, 'Kungani ungavali umlomo wakho udlale ingoma elandelayo,'" kusho uHlelo. "Abalaleli bayathanda uma siqophisana."
Empilweni yangaphandle kwase 'moyeni' uHlelo nguye ophumelele ngokothando, ngokusho kukaNtando, ngoba yena uthando lwakhe seludonse isikhathi eside.
UNtando uqikelela kakhulu ngasekutholeni azozwana naye - abesilisa abakwazi ukubeka umqondo wabo koyedwa walawa mawele.
"Lokhu kungadala isikhwele," kusho uHlelo. "Iningi labantu alikwazi ukusihlukanisa. Uma owesilisa ephathini eqonda kimina engibuza ukuthi kungani ngingamshayelanga ucingo, isoka lami liyacasuka uma ngithi lo mlisa angimazi."
Isoka likaNtando namanje lisahluleka wukulawula ukukhombisa ukuthatheka kwalo nokudideka.
"Emva kwenyanga eyodwa sindawonye, wangitshela ukuthi kuyena kufana nokuthi kudlalwa ngaye uma ebona uHlelo," kusho yena ehleka.
"Ngenhlanhla njengamantombazane andawonye, asikaze sibe nesikhwele ngomuntu oyedwa wesilisa. Yibo abesilisa okufanele bakujwayele."
Ngesikhathi lawa mawele eqala emsakazweni, iningi labalaleli lalicabanga ukuthi i Da Twinz kwakungomunye nje umkhankaso weYfm wokusebenzisa umuntu oyedwa wesimame ekwenzeni amaphimbo amabili.
Lowo mcabango washeshe washabalala ngesikhathi lawa mawele eseqalile ukubonakala emphakathini.
Abantu abayizibonelo ezinhle kuwo ngoBasetsane Khumalo noConnie Ferguson ekwenzeni impumelelo yabo kwezikaqedisizungu ibe ngumsebenzi wezamabhizinisi.[z]
Indaba: Doug Gordon
Baya-thanda uma siqophi-sana
UHlelo noNtando Masina ngamawele asezakhele olukhulu udumo kangangoba izincwadi abazitholayo zikhombisa ukukhula kwabalandeli babo embonini yezomculo...
BEHLUKENE
Nakuba befana, kodwa bathanda izinto ezehlukene. UNtando uthanda ama-soapie nokufunda ekubeni uHlelo ukhonze ezemidlalo nokungcebeleka.
Lawa mawele anezindlu zawo kwi-complex eyodwa Ekurhuleni kodwa avame ukuziphilela ngokwahlukana emphakathini uma engasebenzi.
"Ngaphandle kwamaTwinz, sinempilo yethu ehlukene. UNtando ufuna ukuba ne-cocktail bar - mina ngifuna ukuba nesikole se-etiquette," kusho uHlelo.
Kodwake lokho kuzwana kuyohlale kukhona...
"Uma ngiyothenga ngihamba ngedwa, akekho ongiqaphelayo. Kodwa uma sihamba ndawonye siya e-mall, singungwa abantu. Lokho yikhona okusenza sibaluleke."
