zulu.2641.bec success
Isikhathi sibalulekile
UKULAWULA kahle isikhathi ngendlela eyiyo ikakhulu emsebenzini owenzayo kukwenza ugweme ukuphathwa yi-stress. Lena yingxenye yesibili yalesi sihloko.
1. Ukulungiselela umhlangano
Lokhu kubandakanya yonke imihlangano oba nayo. Zibuze kuqala ukuthi sikhona yini isidingo salowo mhlangano.
Okwesibili, uma ubambe umhlangano qiniseka ukuthi uhlele kahle yonke into kusenesikhathi.
Enza uhlu lwezinto ozokhuluma ngazo (i-agenda) ubeke isikhathi sokuqala nokuqeda ngokwehlukana kwezihloko, wazise nabantu kuseyisikhathi ukuze bazilungiselele.
2. Ukuphatha umhlangano
Ngesikhathi somhlangano, bambelelani kwi-agenda. Bavumele abantu ukuba baphawule kodwa ungabavumeli baphume esihlokweni.
Hlela ukuba kube khona umuntu ozothatha amanothi noma ozokwenza uhlu oluzodluliselwa kubantu bonke ukuze bazi ukuthi yini okufanele bayenze.
3. Abazohambela umhlangano
Uma uhambele umhlangano wabanye abantu, qiniseka ukuthi uhambela lokho okuzokwenza uzuze ngakwezebhizinisi lomsebenzi wakho.
4. Izinto zokusebenza ezonga isikhathi
Lokhu kusukela ekuhlelweni kwabazosebenza, ama-diaries kuya kumakhomphyutha.
Enza uhlu lwezinto okudingeka uzenze. Ungasebenzisa uhlu lwamasonto onke, lwazinyanga zonke noma lonyaka ngokuzohambisana nomsebenzi wakho. Shaya uphawu eduze kosukuqedile.
Imisebenzi ethatha isikhathi eside idinga ukuhlelelwa kahle ngokwenyanga, isonto noma usuku.
5. Gcina indawo osebenzela kuyo ihlanzekile
Uma indawo osebenzela kuyona ihlanzekile, kulula ukwenza umsebenzi wakho.
6. Phumula
Kunezinsuku lapho kubuye kudingeke ukuba usebenze nangezikhathi zekhefu. Lokhu akufanele kube yinto oyijwayele. Ukuthatha ikhefu kuyasiza ngokwempilo nangokuhlangana nabantu.
Uma ungenaso isikhathi sokuthatha ikhefu, lokho kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle. Bheka indlela owuhlela ngayo umsebenzi wakho. Uma ukholwa wukuthi lokhu kukusebenzela kahle, zibuze ukuthi ngabe uzama ukwenza okungaphezu kwamandla yini.
Cazela ozakwenu umsebenzi okufanele wenziwe ukuze ubone ukuthi sikhona yini isidingo sokuqasha futhi-
7. Gwema ukusebenzela ekhaya
Gwema ukuthatha umsebenzi uyowenzela ekhaya. Kubalulekile ukuba uphumule - lokhu kuzokunika umdlandla nasemsebenzini.[z]
BONA ZULU - September 2006
NGENHLA: U-MC wethu uJoyce Skefu echaza ngokuhlela izinto zakho ngokubaluleka kwazo.
NGEZANSI: Amalungu e-Empowerment Club ezithokozisa kwi-forum eyayibanjelwe ePitoli.
Taste the soul of Africa...Taste success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza abafundi bakaBONA kwezamabhizinisi.
Lo mncintiswano waqala ngo-October nyakenye kanti uzophela ngo-October kulo nyaka. Abaphumelele zinyanga zonke, bazovela kuBONA.
Abawinile bayomenyezelwa emcimbini ophambili oyoba seGoli ngoNovember kulo nyaka . Ungakhohlwa wukuchwaneka i-barcode emngenelweni wakho ngamunye ufake nayo yonke imininingwane yakho. Sazise futhi ngebhizinisi lakho - njengezinto ezifana nosayizi walo, indawo oliqhubela kuyona, nokuthi lenzani. Udayisa ukudla, une-spaza, nanoma yini oyenzayo-
Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo angatholakala kule
Website yethu:
www.empowermentclub.co.za
Ukuze uthole ikhophi ethunyelwe nge-fax, shayela uWellington kule nombolo
011-883-8829
(ngezikhathi zomsebenzi)
-
