zulu.262.surfer
Usatshuza!
Usephindele olwandle
Ukunqunywa umlenze akumyekisanga ukuthanda ulwandle
indaba nguCONNIE MASINGA
NGESIKHATHI udokotela kaBongani Xulu ethi - "kuzodingeka ukuba siwunqume umlenze wakho" - uBongani wamphendula ngokuthi: "Kusho ukuthi ngeke ngiphinde ngitshuze." Wayeseludelile ulwandle ayeluthanda.
Kodwa kwenzeka isimanga ngoba emva kwezinyanga ezimbalwa waphindela kulona wabonakala etshuza eMalibu board.
UBongani wakhulela eBallito, enyakatho yogu lwaKwaZulu-Natal. Umama wakhe wayesebenza ekhaya lezivakashi elalingasolwandle nokuyilapho uBongani ayechitha khona isikhathi sakhe esiningi.
Wahlangana nabatshuzi abajoyina wagcina esetshuza nabo olwandle.
Kwathi lapho eseqala ukuzakhela igama ekutshuzeni, wehlelwa yishwa. Wabandakanyeka engozini yemoto walimala emlenzeni. Wayesezinhlungwini ezinzima ngesikhathi odokotela bemtshela ukuthi kuzodingeka ukuba bawunqume umlenze wakhe.
Kwathi lapho isilonda sakhe sesipholile, waphindela emanzini ngokushesha.
"Ngangingeke ngihlale isikhathi eside ngaphandle kolwandle," kusho yena.
"Kwakunzima," kusho yena. "Ngangikhala njalo emva kokuchitha usuku olwandle ngoba amagagasi ayebukisa ngami engichithela ngaphandle."
UBongani wayengagcini ngokuzwa izinhlungu emzimbeni kuphela kodwa nenhliziyo yakhe yayibuhlungu ngoba ukutshuza kwakuyinto ayeyazi kahle kodwa esefana nemfunda ngenxa yokunqunywa komunye umlenze wakhe.
Kwamthatha izinyanga ezimbili ukuthi ajwayele ukutshuza esekulesi simo.
Wayesefana nomuntu owayeqala ukudlala lo mdlalo ayengumpetha kuwona.
Ukuthanda kwakhe ulwandle nokukhuthazwa abangani kwamsiza ukuze afeze iphupho lakhe - useyakwazi ukuthatha ibhodi lakhe aye nalo olwandle ayobhekana namagagasi.
Kodwa udaba lwakhe alupheleli lapho! Kusukela ekulimaleni kwakhe, uBongani usephenduke ijaji emincintiswaneni yokutshuza kanti useke waya eBrazil, Australia nasePortugal eyojaja uma kunemincintiswano yokutshuza.
"Njengoba nami ngake ngaba umtshuzi, ngiyazi ukuthi amajaji asuke efunani kumtshuzi," kusho yena.
Sambuza ukuthi ngabe kukhona yini abafuna ukumjoyina emndenini wakhe.
"Cha. Umfowethu uSandile ukhonze ama-computer," kusho yena ehleka. [z]
3RD PAGE O/FLOW HEAD (IF NECESSARY):
