zulu.2628.parenting
GREAT STOCK!
BONA ZULU - May 2006
siqoqelwe nguNONI KHUMALO
Okwabazali
Umhlahlandlela wokwenza kahle
Kule nyanga sibheka okukuphatha uma ukhulelwe, ukungalali kwengane,
ukubaluleka kokudlala nendlela yokonga imali. Sina uzibethele!
UKUBONA umzimba wakho uguquka ngesikhathi ukhulelwe kungaba mnandi, kodwa ukungaphatheki kahle empilweni okuvame ukuhambisana naleso sikhathi akumnandi neze. Nakhu ongakwenza kokunye okuhambisana nokukhulelwa...
uIsilungulelo: Sijwayelekile uma sekusondele isikhathi sokubeletha kanti ngaleso sikhathi ingane isuke isithathe indawo enkulu esiswini.
Ukudla amaqoqo amancane okudla udle njalo kungasidambisa isilungulelo uthole nomsoco owanele.
Gwema ukudla okunama-spice ukhulume nodokotela wakho ngaphambi kokusebenzisa umuthi ozokusiza.
uInhliziyo encane: Iyadamba emva kwezinyanga ezintathu ukhulelwe kanti ingadonsa kuze kufike isikhathi sokubeletha.
Yiba nama-cracker ne-ginger biscuit okusiza ngokudambisa le nkinga.
uUkubaba komzimba: Isikhumba sakho sizobaba ngoba siyanwebeka uma ukhulelwe. Ukuphuza amanzi amaningi nokusebenzisa isiswakamisi kuzogcina isikhumba sakho sithambile kudambise nokubaba kwaso. (Xhumana nodokotela uma ukubaba kumandla kakhulu ngoba kungenzeka ukuthi unesifo esihlasela isibindi nokuyinto eyenzeka uma ukhulelwe.)
uInzululwane: Kunezinto ezimbalwa ezingenza ube nenzululwane uma ukhulelwe.
Ukulala ngohlangothi lwesobunxele kwenza igazi liphakeleke enhliziyweni ungaquleki.
Uma kungelula ukuba ulale, hlala ufake ikhanda phakathi kwamadolo. Uma usukuma, sukuma ungajahi.
Makungapheli isikhathi eside ungadlile noma ungawaphuzile amanzi kanti kuyeke obukwenza ngesikhathi uqalwa yinzululwane.
Biza udokotela wakho uma inzululwane ihambisana nokunye.
uUkuvuvukala kwezinyawo namaqakala: Hamba usheshe ukuze igazi ligijime kahle emzimbeni uphuze namanzi kakhulu. Thola ukwelashwa uma ukuvuvukala kuhambisana nekhanda elibuhlungu.
uUkuqunjelwa: Kujwayelekile uma ukhulelwe ngenxa yezinguquko kuma-hormones. Yidla okune-fibre kakhulu, phuza amanzi kakhulu uzivocavoce. Gwema ukusebenzisa okuhlambulula isisu ngoba kuyawaqeda amanzi egazini.
uUkuqaqamba kwamabele: Amabele akho ayagcwala uma ukhulelwe kanti ubhodisi ongakulingani kahle uyawaqaqambisa athambe.
Xazulula lokho kungaphatheki kahle...
Okomama nobaba...
Obaba nokukhulelwa
Obaba bavame ukungazi ukuthi yini abangayenza uma umama ekhulelwe. Eyakho nawe le ngane kanti kuyilungelo lakho ukuthokozela ukukhulelwa kukamama kanye naye.
Ukuxukuzwa kukamama emtholampilo kusemqoka kanti nobaba kumele abe khona.
Ngale ndlela uzokwazi ukubona zonke izigaba zokukhula kwengane yakho.
Abafundiswa kona omama uma beyoxukuzwa kungasiza ngokwehlisa uvalo kuwena kukunike ulwazi olumqoka ukuze wazi ukuthi yini okumele uyenze uma unkosikazi wakho esesikwa nokuthi yini ongayenza uma ninengane encane.
Yiba ngubaba owusizo. Faka isandla emsebenzini wasekhaya ukuze umama abe nesikhathi sokuphumula.
Menze azizwe ethandwa ikakhulu uma engaphathekile kahle njengoba naye esuke esajwayela umzimba wakhe oshintshwe wukubeletha.
Kuthokozeleni ndawonye konke okwenziwa yingane.
-Preggy pains
kwengane
Nakuba kubukeka kuyinto engabalulekile, ukudlala kusemqoka ekukhuleni kwengane ngokomzimba nangoko-moya
n Okumangaza kakhulu ngezingane yindlela ezixhumana ngayo phezu kokuba zingakakwazi ukukhuluma. Uma ingane yakho idlala nezinye ithola ithuba lokufunda ngabantu ifunde ukuhlalisana kahle nabanye nokwabelana ngezinto.
n Indlela eziphatheke ngayo ziyikhombisa ngemidlalo ikakhulu uma kungukuthi kukhona okuziphathe kabi.
n Ukudlala kwenza imisipha yayo inyakaze kahle, isebenzise izandla namehlo ngokuyikho. Ukudlala kudambisa ukukhandleka kwengqondo kugweme nokukhuluphala ezinganeni.
n Izingane zithanda ukudlala ngokuzenzisa! Ngokwazo, yonke into ingumlingo. Zingashintsha noma yini ziyenze udaba olukhethekile.
n Ngokudlala izingane zifunda ukwenza okuhle kokungekho.
n Ukudlala indawo ethile kusiza ngokuzifundisa ngezindawo ezihlukahlukene ezifuna ukuzidlala.
n Ama-puzzle nama-game ayazikhuthaza ukuba zisebenzise umqondo zithathe izinqumo ngokushesha. Lokhu kusiza ekwakhekeni kobuchopho ingane ifunde nokuzimela.
Ukudlala
BONA ZULU - May 2006
u
t
GREAT STOCK!
uyilalise kuphi kanjani"
sana lwami
ngokumele ukwenze uma ulalisa
Izingane ezincane azilali neze kahle.
Okokuqala, kumele wazi
ingane. Ngabe uyazi ukuthi kumele
Masonge imali...
Nazi izimpendulo...
Izeluleko zabazali
PZijwayeze ukwenzela umndeni wakho umphako. Iyona ndlela enempilo leyo ngoba uzobona ukuthi yini oyifaka esitsheni kanti nezingane ngeke zithenge ukudla okungenamsoco okubizayo esikoleni.
P Izingane azinandaba nezinto ezibizayo ngakho uma uthenga okokugqoka khetha okuyikhwalithi okuzoziphatha kahle. Wonga imali ngale ndlela uthenge izimpahla ezizohlala isikhathi eside. Njengoba izingane zikhula ngamandla, izingubo esezizishiyile zingagqokwa ezinye ezingaphansi kwazo.
PThenga okunesidingo. Udinga okokusula ingane uma uhamba nayo - uma usekhaya sebenzisa uvolo namanzi uma usula izinqe usebenzise i-face cloth ebusweni nasezandleni emva kokuyipha ukudla kunokuthenga ama-bib amaningi adinga ukuwashwa. Beka inabukeni ehlombe uma ubhodlisa ingane - sebenzisa onakho kunokuthenga okubizayo.
BONA ZULU - May 2006
Lala
Ngabe ingane izolalaphi"
lI-nursery: Bambalwa abantu abangaba namandla okuba ne-nursery ikakhulu uma indlu yakho incane ubuye ube nabanye abantwana. Kodwa uma unegumbi ongalisebenzisi, lingaba yi-nursery. Alibe nezimpahla ezimbalwa ngoba izingane zisheshe zikhule ngaleyo ndlela umoshe imali ngokulihlobisa ngezinto oyogcina ungasazisebenzisi. Uzoyidinga ne-baby monitor ukuze uzwe uma ingane yakho ikudinga.
Egumbini lakho: Uzokwazi ukuyibona kahle ingane uma ulala nayo.
Ngiyilalise ngesisu noma ngomhlane"
Odokotela bathi kuhle uyilalise ngomhlane ingane kunokuyilalisa ngesisu. Imisipha yomqala wengane ayiqinile kanti ngenxa yalokho ngeke ikwazi ukuphendula ikhanda ngokuthanda kwayo. Uma ilele ngesisu kungenzeka ihluleke wukuphefumula.
Ngokososayensi, ingane elala ngesisu ifudumala kalula ihluleke wukuphefumula kahle nokuyinto engaba yingozi kuyona leyo.
Kuthiwani ngeSIDS"
Akekho umzali ongayisabi iSudden Infant Death Syndrome (SIDS). Nakuba kungaqondakali ukuthi idalwa yini, ochwepheshe bezempilo bathi idalwa yizinga lokushisa nokuhileka.
Ingane yakho ayikudingi okokulala okuwubukhazikhazi. Qiniseka ukuthi umbhede wayo uqine kahle, nayo ihlale kahle kwi-cot yayo. I-cot mayingabi namathoyizi, amaribhoni nokunye okungayihila.
Ama-comforter nobhulankethi kungayifudumalisa ingane nokuyinto engadala iSIDS. Kungcono usebenzise ubhulankethi owenziwe ngokotini.[z]
Okomama nobaba...
PSebenzisa amanabukeni endwangu noma usebenzise uhlobo ongabuye ulusebenzise kulawo alahlwayo. Amanabukeni alahlwayo ayabiza kanti amasonto amabili angaphela ingane isisebenzise angu-60. Ungonga imali enhle uma unalawo angalahlwa.
