zulu.2624.white family
Kuyadabukisa ukuthola ukuthi nakwi-21st Century iningi labantu lisakholwa wukuthi abantu abayiziphiwo basuke beqalekisiwe nokuthi kufanele bakhishwe inyumbazana...
indaba nguGLACIER NKHWASHU
izithombe nguNEVILLE MAAKANA/NEWS FIRST
Silwa nokucwasana...
ABESIMAME base bakhe uzungu baqeda. Babezomdlisa ubisi lwenkomo olunobuthi bese beyamngcwaba. UWilliam Shipalana wayenamasonto amathathu ezelwe ngaleso sikhathi. Ngenhlanhla umama wakhe wezwa ngalolu zungu wabaleka waya ekhaya labazali bakhe lapho amkhulisela khona. Yini eyayizokwenza leli dlanzana labesimame lifune ukubulala ingane engenacala"
Impendulo ithi: yingoba uWilliam wayezalwe enesikhumba esimhlophe eyisiphiwo. "Esikhathini esedlule abantwana ababeyiziphiwo babethathwa njengesiqalekiso kokunye babulawe bezelwe," kuchaza uWilliam oneminyaka engu-60. "Ukube kwakungesiyo inxa kamama, ngabe nami namuhla angikho."
UWilliam wakhula kunguyena mntwana kuphela endaweni yaseBurgersdorp budebuduze naseTzaneen eLimpopo owayeyisiphiwo.
Kunenkoleloze engamampunge yokuthi uma owesimame okhulelwe ebuka umuntu oyisiphiwo, naye uzozala ingane eyisiphiwo. Ngakhoke kwakuthi lapho abesimame abakhulelwe bedlula uWilliam ezidlalela emigwaqweni, bangambheki babheke eceleni.
"Ngaqale ngangazi ukuthi yini ebenza bangafuni ukungibuka. Kwathi lapho umama engitshela ngale nkoleloze, ngafikelwa yizinyembezi ngakhala ngenxa yobuhlungu," kusho yena.
UWilliam, ongakaze alubhade esikoleni wakhula wangena esigabeni sokuthatha unkosikazi ashade. Kodwa abesimame babemsaba.
Umuntu owayezidlulela ngendlela watshela umama kaWilliam ukuthi kukhona owesimame osemusha oyisiphiwo onenkinga yokuthola umyeni. Kwahlelwa ukuba uWilliam nale ntokazi eyisiphiwo babonane.
"Sathandana siqala ukubonana," kusho uWilliam.
UWilliam kuphela owayeyisiphiwo emndenini wabantwana abahlanu kanti unkosikazi wakhe uSalphinah wayenabafowabo nodadewabo abayisithupha ababengezona iziphiwo.
USalphina udlule emhlabeni ngonyaka odlule ephethwe wumdlavuza webele, sekuphele iminyaka engu-40 beshadile.
Kwakuqala ngaye ukuthi kungcwatshwe umuntu oyisiphiwo kule ndawo kanti umngcwabo wakhe wawumkhulu kakhulu. Ukufa kwakhe kwaqeda inkolelo yokuthi abantu abayiziphiwo abafi bavele banyamalale.
UJosias Shikwambana uneminyaka engu-80 kanti wayekhona naye ngelanga lomngcwabo. "Kuningi esengikubonile empilweni kodwa ngangiqala ukubona umngcwabo womuntu oyisiphiwo," kusho yena.
UWilliam uhlala yedwa eBurgersdorp kanti uhola impesheni. Umthola esekhaya edlala isiginci sakhe.
Umphakathi waseBurgersdorp usumamukele kodwa akuzihambeli neze kahle izingane zakhe. Babusiswa ngezingane eziyisithupha, zonke ezaziyiziphiwo. Ezintathu zashona zisezincane kanti ezinye sezikhulile manje.
Enye yazo nguLindi Shipalana oneminyaka engu-36. Usanda kuba sematheni emva kokuba ezwakalise ukuthi abafuni ukumqasha ngokugcwele njengo-matron ehostela ngoba nakhu eyisiphiwo.
ULindi ubebambe njengo-matron ehostela eliseSetotolwane Elsen Secondary school eMashashane ngasePolokwane kusukela ngo-2001. Wafakwa ohlwini lwabahlungelwa ukuthola lowo msebenzi kodwa kwaqashwa omunye umuntu kulo nyaka. Uthi uthishanhloko wamtshela ukuthi lowo msebenzi akawutholanga ngoba eyisiphiwo.
"Ngashaqeka ngoba kwase kuphele iminyaka emine ngenza lo msebenzi kungakaze kukhale muntu," kusho yena.
Udaba lwakhe seludluliselwe kwiCommission For Conciliation, Mediation And Arbitration (CCMA) kanti usalindele usuku lwecala. Umnyango wezemfundo eLimpopo nawo uyaluphenya lolu daba.
"Sisakhula, sasiphathiswa okwezilwane," kusho yena. "Ngikhumbula ukuthi sisafunda kwakuthiwa asidaye izinwele zethu ukuze zibe mnyama njengezabanye abafundi.
"Sengathi kusafana nakuqala. Sisacwaswa namanje."
Enye indodakazi kaWilliam uBettie, inezinyanga eziyisithupha ikhulelwe kanti ubaba wengane wabaleka.
"Wabaleka emva kokuba ezwe ukuthi ngikhulelwe. Sisakhula sasihlukumezeka kanti namanje kusenjalo. Abesilisa bayasithanda kodwa abafuni ukubonakala nathi emphakathini," kuphetha yena.
BONA ZULU - December 2005
Ubuhlungu bokuba nebala elimhlophe
UWilliam ekanye nonkosikazi wakhe uSalphinah nezingane zomakhelwane.
Umuntu oyedwa kwabangu-4 000 eSouth Africa unesikhumba esimhlophe ngokukhanyayo kanti lokhu kwenzeka kubantu bazo zonke izinhlanga.
Abantu abanaso babukelwa phansi ngabanye ngenxa yokungazi kahle ngalesi simo.
Abantu abakulesi simo abanabala emehlweni, esikhumbeni noma ezinweleni, ngoba banofuzo olungakhiphi izinga elifanele lombala obizwa nge-melanin.
Lokho kwenza isikhumba nezinwele kube mhlophe, kanti amehlo aba bomvu noma abe pink. Abantu abanesikhumba esimhlophe baphila impilo ejwayelekile kodwa basengozini yokuphathwa umdlavuza wesikhumba.
Abazali bobabili uma bekulesi simo, bathola ingane enjalo futhi. Njengoba umzimba unamasethi amabili ofuzo, umuntu angabukeka ekahle kodwa lokho akusho ukuthi usuke engenalo lolu fuzo.[z]
KWESOBUNXELE: UWilliam namalungu omphakathi asamukelayo isimo sakhe.
NGEZANSI: UWilliam nesiginci sakhe.
Yisimo, akusona isiqalekiso
BONA ZULU - December 2005
