zulu.2621.missing
BONA – August 2005
100 BONA – July 2007
Want to get in touch with a long-lost friend or family member? Send us their details and, hopefully, together we can trace them.
Write to BONA/Missing, Box 32083, Mobeni, 4060. Don’t forget to let us have your name and address too!
Indodana yami uPaulos Aupa Teku Sekwati Mofokeng, umama wakhe okunguSetinie Chrestina Mofokeng, ngagcina ukuyibona ngo-1982 ngesikhathi ivakashele umndeni kamama wayo eWitbank. Umalume wayo nguLazarus Sechuman Lekgutla Mofokeng. Xhumanani noTekie Gideon Sekwati, Stand 3475, Ext 1 Tshepiso, Vanderbijlpark, 1902;
cell: 084-562-2133.
U-Anti wami uDitshewane Ramohodi owayehlala eFree State ngeminyaka yo-1960 kuya ko-1970 - abafowabo ngoRakoma Mojalefa noRabonne Ramohodi. Xhumanani noSeiso Ramohodi,
cell: 072-693-4680 noma 083-800-7609.
Umshana wami uThapelo umama wakhe nguMatshediso. Babehlala eKliptown kodwa manje ngikholwa wukuthi uThapelo kungenzeka abe seQwaQwa. Ngifuna nezingane zami futhi uLindiwe, Fano noMandla Kama, ababehlala kuBaker Union Road, eKliptown. Ngifuna nenye futhi ingane yami uPonono Lediya Maome, owahamba eKliptown ngo-1978 kanjalo nomzala wami uNiki Bonyongo, engagcina ukumbona ngo-1987. Xhumanani noSamuel Estora Mbolekwa, Kutama Sinthumile Prison, Private Bag X2006, Makhado, 0920.
UThemba Stanley Ngodi waseMqanduli ngagcina ukumbona eGauteng ngo-1984. Ufunwa wumntwana wakhe angakaze ambone.
Xhumanani noTheziswa B. Thiwani, Box 259,
Mt Frere, 5090;
cell: 072-261-0195.
Ngifuna u-Ephraim Ngubane owayesebenza eNuwe Tronk eKroonstad washintshelwa eVirginia ngo-1969. Ngifuna futhi noJames Nkosi waseBotshabelo eBloemfontein.
Xhumanani noMonica Mampoyie Nomasole Ntanga, No 1046 Ohlange, Box 89696, Inanda, 4310.
Umngani wami uPankie Christina Dyantyisi, ngagcina ukumbona ngeminyaka yo-1990 ngesikhathi efuna umsebenzi eGauteng.
Xhumanani noVuyisile Mpolongwana, St Albans Maximum Prison, Private Bag X6055, Port Elizabeth, 6000.
UBhekithemba Ndlovu, ngagcina ukumbona ngo-1991 eNquthu eNkandla. Ugogo wakhe nguNkk Ester Ndlovu, umfowabo omncane nguSabelo, umalume wakhe nguZakhele (owayeshadelwe ku Mirriam Tsotetsi) umzala wakhe nguThembani Mahlaba.
Xhumanani noNyanyadu, Box 8172, Dannhauser, 3080;
cell: Sibongile Dlamini,
079-288-9863.
UMzizi noGelly Ngubane, engikholwa wukuthi kungenzeka babe ePietermaritzburg.
Xhumanani noNtombizodwa Eunice Moloi, Box 22528, Dikgakeng, Qwaqwa, 9874;
cell: 073 849 5966
UPeter Sikhwambana waseMokganpeni, Tzaneen, weduka ngo-1999.
Xhumanani no-Ishmael Mushwana, No 99103184, Kutama Sinthumile Correctional Centre, Private Bag X2006, Makhado, 0920;
cell: Lucky Nkwashu 072-181-9543.
Umalume wami uThomas Mahloga, noMalogo Phillipine Mahloga noShadreck Mahloga ngabaseSephukubje. Ngikholwa wukuthi kungenzeka babe seSoshanguve Block R.
Xhumanani noJames Marino Maruthla, ODI Correctional Centre, Private Bag X515, Mabopane, 0190.
Umngani wami omkhulu uNokuthula “Yoliswa” Mthembu engagcina ukuxhumana naye ngo-1995. Udadewabo nguNomonde, kanti ungowaseRichmond. Sasihlala ndawonye e-Ansol Court, Kotze Street, eHillbrow, kodwa sehlukaniswa wukuboshwa kwami.
Xhumanani noNdabezinhle (Ndaba) Ndlovu, Krugersdorp Correctional Services, Private Bag X2023, Mogale City, 1740.
Uskwiza wami uKeosentse Kullie Rooibatjie wahamba eLesotho ngo-1976 nezingane zakhe ezintathu uThombo, Neo noThapana. Kungenzeka ukuthi useKuruman.
Xhumanani noCorina Majwalane Ngabane, 16784 Tidimalo Street, Kutlwanong Location, Mankurwane, Kimberley, 8348;
cell: Corina noPulane 083-515-6338 noma 076-997-8866.[z]
they’re missing
BONA – July 2007 101
