zulu.1197.drumming
BONA ZULU - November 2007
Indodakazi engumzukulu kaRakgeste ibukela abadala beshaya izigubhu.
ABESIMAME abasebancane nasebekhulile babephithizela behla benyuka bepheka ukudla womcimbi komcimbi wokugubha kwesangoma saseTafelkop. Abanye babekilina belungisa, abanye becwecwa ama-vegetable, abanye becanda izinkuni zokubasa umlilo belungisa inyama nepapa emabhodweni amakhulu anemilenze emithathu.
Bonke bayingxenye yezinkumbi zabantu ezase zilinde amahora ngamahora ukuze zibone isangoma eselaphayo uNtate Mpubane Julius Rakgetse owayegubha iminyaka engu-35 elapha umphakathi.
Umphakathi waseLimpopo eTafelkop waziwa kakhulu ngefestiveli yokushaywa kwezigubhu okumanje sekuphele iminyaka engu-15 le festiveli yasungulwa - kanti kuyona kulapho kuhlangana khona abashaya izigubhu bephuma kulo lonke elakuleli babuthane ekhaya lalo melaphi.
Le festiveli yasungulwa nguRakgetse emva kokuthola imiyalelo ngezwi okwakuwumbono wamadlozi akhe, wamema bonke abasinayo ukuba babuthane ekhaya lakhe. Ukugubha kwakhe, kungukubonga impumelelo yokukwazi ukuhlanganisa abadlala izigubhu, abelaphayo kanjalo nabantu bomphakathi.
Isibusiso
URakgetse wathola isibusiso sokuba ngumelaphi kumkhulu wakhe uMotswiri Rakgetse, ngaphambi kokuba uMotswiri adlule emhlabeni ngo-1920. Isibopho salo melaphi kwakungukuba ahlenge ngokomoya abantu baseTafelkop.
Uphinde aqeqeshe labo ababizelwe emsebenzini wokuba ngabelaphi abuye abhekane nezidingo zangokomoya zomphakathi waseTafelkop.
Ongumfundi nomkhulumeli wale ndawo yokwelapha uPaledi Sefoloshe uthi, ukuhlala lapho kukhona uRakgetse kufana nokuphila ezulwini elincane.
Ngelanga langalo mcimbi, uRakgetse wayehlabe izinkomo ezingu-30.
Abantu baya kule ndawo bephethe izipho abazibeka egcekeni lalesi sithabathaba somuzi kanokusho.
Izipho ziphuma kubantu asake wabelapha. Kulezi zipho zokubonga singabala obhulankethi, izimpahla zasekhishini nomata botshani. Ibhendi yomculo iREMS Immanuel Brass Band, yafika idlala ingoma ethi Ithemba Lami, okuyingoma yomculo woKholo enika ithemba.
Abadansi badansa benanela isigqi sebhendi, waqala kanjalo umcimbi.
Amathwasa
Amathwasa kaRakgetse alinda ekungeneleni komuzi wakhe. U-Eric Tsiane uthi emva kweminyaka eyisishiyagalolunye ezabalaziswa yimibono yakhe, ekugcineni wathola usizo kulo melaphi.
"Uphuma phambili. Nguyena kuphela futhi. Angicabangi ukuthi ukhona omunye umuntu owelaphayo ofana naye," kusho u-Eric.
URakgetse waphuma endlini elandelwa abazukulu bakhe abayisithupha namathwasa akhe, waqonda kubantu ababebuthene egcekeni.
Wafike wema phambi kwemoto kanokusho yohlobo lwe-Audi Q7 SUV, nokwakuyisipho esasiphuma ezinganeni zakhe.
Ukushaywa kwezigubhu
Ngesikhathi ilanga lishona, kwaqala umcimbi wokushaywa kwezigubhu.
"Ukushaywa kwezigubhu kusinika ithuba lokuba sixhumane nemimoya yamadlozi," kusho uPaledi Sefoloshe.
Abesilisa bafaka iziketshana ezithi mazifuze ezifakwa ngabesilisa baseScotland nokungumsuka wokusebenzisana kwabaPedi nabasizi babo eMpini yesiBili yoMhlaba. Bangena e-stage nezigubhu zabo ezintathu ze-meropa.
Amaqembu ehlukene abesimame ikiba noma ilebowa bakhipha unyawo e-stage ngesikhathi beshaya izingoma zabo.
"Yonke into eyenziwayo lapha, ingokomoya, ngisho nokuthokozisa abantu imbala," kusho uSefoloshe.[z]
Abesimame belungisa ukudla komcimbi.
Abantu bakithi
Yonke into bayenza ngokomoya!
Sidumisa amadlozi ngezigubhu nokugida
indaba nguBENJAMIN MOSHATAMA/FEATURENET izithombe nguMUNTU VILAKAZI
Indoda ilungiselela ukuhlatshwa kwezinkomo.
BONA ZULU - November 2007
