zulu.2611.teenjul
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
Yazi isitho sakho sangasese
Iningi labesimame alazi ukuthi kwenzekani esithweni salo sangasese...
KUNGENZEKA kukumangalise ukuzwa owesilisa ekhuluma ngesihloko esinjena kodwa nabesilisa kufanele babe nolwazi ngesitho sowesimame sangasese. Njengoba iningi labesimame lingazi ukuthi sisebenza kanjani lesi sitho, akumangalisi ukuthola ukuthi kukhona abesilisa abangenalwazi ngaso.
Siyacaca esinye sezizathu esenza abantu bangabi nalwazi. Isitho sowesilisa sangasese sisobala. Esowesimame "sifihlekile". Owesimame uze asibone kahle esakhe uma esebenzisa isibuko.
Sibonakala "kalula uma uthatha isibuko usibeke phakathi kwemilenze, ikakhulu uma uqala ukufaka i-tampon," kusho udokotela wezengqondo.
Uqhube wathi ngumzimba wakho lona kanti akufanele uwesabe. Kodwa ngokusho kwakhe kufanele uqaphele ukuthi awubambeleli entweni okuthiwa "ijwayelekile".
"Isibuko sibeke emva kokuba sewazi ukuthi yini ejwayelekile ngaso. Kungenzeka ubone ukuthi amalebe (labia) akho ayashintsha ngesikhathi ukhula, kungenzeka abe nombala onsundu, abe made noma angashintshi nhlobo. Lokho kujwayelekile kodwa akujwayelekile kwabadala.
"Kusemqoka ukwazi ukuthi umzimba wakho ubukeka kanjani ukuze ubone kalula uma kunoshintsho oluthile noma kunenkinga edinga ukuba ubonane nodokotela kodwa ungazihluphi kakhulu ngokuthi 'kufanele' ubukeke kanjani.
"Ubuso bethu abufani kanti nezitho zethu zangasese azifani."
AMALEBE
Isitho sowesimame sangasese singezansi kwembotshana yokuchama. Imbobo yesitho sangasese ikakwe amalebe amakhulu ("labia majora") ayizindebe ezithambile ezivame ukuba noboya.
Ngaphandle embotsheni yesitho sangasese kukhona ezinye izindetshana ezibizwa ngamalebe amancane ("labia minor".)
Imidwebo eminingi yalesi sitho iyadukisa. Isitho sangasese asisiwo "umgudu ovulekile." Izindebe zesitho sangasese zivame ukuxhumana. Zihlukana uma kukhona into efakwe phakathi kwazo yazihlukanisa.
Uma kukhona okufakwa esithweni sangasese, kufanele kungene kalula emzimbeni ngisho noma ngabe kukukhulu noma kukuncane kangakanani - leso ngesinye sezizathu ezenza ukuba bungabaluleki ubude besitho sowesilisa sangasese.
I-CLITORIS
I-clitoris iyi "nkinobho" eqinile etholakala ngaphezulu embotsheni yesitho sangasese. Ixhumene nezindebe ezingaphakathi esithweni sangasese. Iyazwela kanti umsebenzi wayo wukufinyelelisa owesimame kuvuthondaba uma eya ocansini, ifihlekile kanti ibonakala uma izindebe zesitho sangasese zihlukaniswa.
Ne-clitoris, njengesitho sowesilisa sangasese iyavuka kanti inemizwa. Okwenziwa yilesi sitho sekudale inkulumo-mpikiswano iminyaka eminingi.
Owachaza ngalesi sitho okokuqala ngo-1559 nguRenaldus Columbus wasePadua, owakhala ngokuthi izazi zakuqala azisichazanga kahle lesi sitho "esihle kangaka".
UMLOMO WESIBELETHO
Ubude bezitho zangasese bungama-centimetre ambalwa. Ngaphezulu esithweni sangasese kukhona okuyibhola eliqinile eliyindilinga. Yiwonake umlomo wesibeletho lowo.
Phakathi nendawo emlomeni wesibeletho kukhona imbobo encane eyindilinga ebizwa nge-os engenela esibelethweni. Uma usezinsukwini zakho igazi lihamba kwi-os lisuka esibelethweni liye esithweni sangasese.
I-os iyanwebeka uma ubeletha. Uma uhlolwa umdlavuza wesibeletho ama-cells ahlolwayo athathwa kuyona i-os.
Abanye abantu besimame banemilomo yesibeletho ezwelayo kanti kwabanye akunjalo.
UKUNGCOLA
Uma owesimame eselungele ukuya ocansini, izindlala ezisesithweni sangasese zikhiqiza uketshezi olwenza ukuba isitho sowesilisa singene kalula kwesowesimame. Kodwa isitho sangasese siyakwazi ukukhiqiza okuzosihlanza kusivikele nasezifweni.
Ukungcola okuphuma esithweni sangasese kuhlukene kanti kuhambisana nesikhathi sokuya kowesimame ezinsukwini zakhe.
Isitho sangasese siyakwazi ukuzihlanza ngokwaso.
"Uma abesimame begeza isitho sangasese mabasebenzise imikhiqizo engenaphunga ngoba enephunga ithakwe ngezinto ezingafanele," kusho udokotela wabesimame.
Geza ngensipho engenawo amandla kakhulu. Ungasihlikihli kuze kweqe ngoba kungonakala ulwelwesi olukusona. Asikho isidingo semikhiqizo "eyisipesheli" - ungayisebenzisa uma uphethwe yisifo esithile.
Uma kunephunga ongaliqondi kahle esithweni sangasese, kuphuma ukungcola okubabayo, okushisayo noma okunombala ohlukile, bonana nodokotela.
Ningakhathazeki bodadewethu, ukuba nesifo esithelelanayo akusho ukuthi usunesifo esithelelana ngocansi kanti nezintombi nto ziyaba naso.
IHLO
Abantu bacabanga ukuthi ihlo (hymen) litholakala esithweni sangasese. Akunjalo. Liwulwelwesi oluyingxenye yesibeletho kanti lingaphandle kwesitho sangasese.
Ihlo liyi-layer evale imbobo yesitho sangasese.
Ngesikhathi umbungu ukhula kusuke kungekho ndawo evulekile esithweni sangasese.
I-layer esuke ivale isitho sangasese ngaleso sikhathi ivame ukuhlukana kwakheke ihlo. Ukuma kwalo nobungako balo kuyashiyana.
Abanye abantu besimame bazalwa bengenalo ihlo ngenxa yokuthi lihlukana ngesikhathi besesesibelethweni.
Emantombazaneni amaningi ihlo libhodloka lapho egibele ibhayisikili, ihhashi noma ejima. Lingathinteka futhi ngesikhathi ufaka i-tampon.
Akulula ukuthi kubonakale uma lingasekho ngoba igazi lingaphuma noma lingaphumi nhlobo kanti kokunye nezinhlungu awuzizwa.
Yilezi zizathu ezenza ukuthi ihlo lingabi wuphawu lokuba yintombi nto. Ukuba yintombi nto kuphela mhla intombazane iya
ocansini. [z]
BONA ZULU - July 2007
Uketshezi olunukayo
Cishe bangu-80% abesimame ababa noketshezi olunukayo (yeast infection) okungenani kanye empilweni yabo. Nakuba kubaba futhi ungaphatheki kahle uma unalolu ketshezi, kulula ukulwelapha.
I-candida, ewuhlobo lwalolu ketshezi, ivame ukutholakala emzimbeni. Uma umzimba wakho uphila kahle lesi sifo asibi yinkinga.
Uma ungaphili kahle ngenxa ye-stress noma ukukhathala, asilapheki lesi sifo.
Nazi izimpawu zaso:
Ukuphuma koketshezi olushubile, olumhlophe olungenaphunga esithweni sangasese;
Ukubaba esithweni sangasese kushise;
Izinhlungu noma ukungaphatheki kahle uma uchama noma uya ocansini;
Ukuba bomvu nokubaba kwembobo yesitho sangasese.
Nakuba lesi sifo singesiso isifo socansi, umuntu angasithola ngocansi. Zama ukukugwema ukuya ocansini uze uqede imithi yakho kuphele nezimpawu zaso.
Lesi sifo selashwa ngamakhambi alwa namagciwane.
Kukhona nokhilimu bokuselapha ongabathenga. Udokotela angakunika imithi ephuzwayo uma lesi sifo simandla kakhulu singazweli noma seselashwa ngokhilimu.
Ukusebenzisa okokuqeda ukubaba akuselaphi lesi sifo. Uma usebenzisa umuthi ophuzwayo noma ukhilimu, kungenzeka kudingeke ukuba usebenzise nokhilimu ogcotshwayo uze ube ngcono.
Uma usebenzisa okhilimu abashuthekwa esithweni sangasese ungayifaki i-tampon ngoba ingamunca umuthi. Sebenzisa ama-pads noma ama- panty liner.
Nakuba kulula ukuthola imithi yokwelapha lesi sifo, qiniseka ukuthi uphethwe yisona ngempela ngaphambi kokuyisebenzisa. Xhumana nodokotela uma unokungabaza.
Izindlela zokwehlisa amathuba okuphathwa yilesi sifo...
Gcina isitho sakho sangasese sihlanzekile, sipholile somile.
Ungagqoki izimpahla ezikumpintshayo ezidonsa ukushisa zivalele umswakama ngaphakathi.
Gqoka okwangaphansi okwenziwe ngokotini ukuze umoya ungene kahle.
Sulisisa emva kokugeza.
Sula isitho sangasese uqale ngaphambili uye ngemuva emva kokuchama. Uketshezi lungaqala ukutholakala emathunjini luye esithweni sangasese kanti lusuke lunamagciwane.
BONA ZULU - July 2007
u
t
Ihlo alusilo uphawu lokuba yintombi nto
