zulu.2610.BEC feedback
BONA – January 2007
IBONA Empowerment ayikaze idumaze ePort Elizabeth ngakhoke kuhlale kuyintokozo ukubona umdlandla nokuziqhenya kwamalungu ahlala kule ndawo. Uhlelo lwaluphethwe nguLulu Haarmans kanti abantu baba nobusuku obumnandi. Le ntokazi inolwazi olugcwele ngendawo yase-Eastern Cape kanti kuhlale kumnandi ukuyilalela.
U-Force Khashane onguMhleli kaBONA wethula inkulumo enohlonze, watshela amalungu eClub ukuthi kumele abambisane emphakathini, asizane, asebenzele ukuzithuthukisa.
UNopinky Gqalo weNelson Mandela Metropolitan University, ongumeluleki wakwa-ABSA, waphinda wanxusa amalungu eClub ukuba axhumane namabhange ukuze athole usizo lwezimali nezeluleko. Wathi ukwelulekwa yinkampani ekusiza ngemali kuyasiza ngoba wenza okusohlelweni lwayo uthole nemiphumela egculisayo.
UPres Les uyaziqhenya ngokuba ngomunye wabaxhasi beBONA Empowerment Club kanti uLydia Wolmarans oyimenenja kulesi sifunda wakhumbuza amalungu ngamathuba okuvulwa kwamabhizinisi.
U-Lisanne Bower oyimenenja yemikhiqizo kwaSasko Flour wezwakalisa ukuthokoza kwakhe ngokujoyina iBONA Empowerment Club wasithembisa ukuthi maningi amaresiphi aconsisa amathe uSasko azosiphakela wona.
UDorah Ditshwene wakwaMageu Number One wamemezela abafinyelela kowamanqamu kwiMageu Number One Small Business Awards abakhishwe kulolu shicilelo.
Halala kubo bonke abafinyelela kowamanqamu ngo-2006! Wonke amalungu e-Empowerment Club siyawakhuthaza ukuba angenele lo mncintiswano okuhloswe ngawo ukuxhasa nokuthuthukisa amabhizinisi.
Abakwa-Aranda Textiles badume ngokwenza obhulankethi abayikhwalithi.
U-Peter Tlholoe wakwa-Aranda Textiles watshela amalungu ngamathuba abanawo okuvulwa kwamabhizinisi. Umuntu oyilungu angathenga obhulankethi abaningi abadayisele umphakathi athole inzuzo.[z]
NGENHLA: U-Force Khashane uMhleli kaBONA.
U-Lisanne Bower wakwaSasko Flour.
BONA ZULU – January 2007
Umculi uBelle.
UNopinky Gqalo ongumeluleki wakwa-ABSA.
U-Lydia Wolmarans wakwaPres Les nomngani.
U-Dorah Ditshwene wakwaMageu Number One noNomangesi Nonze.
U-Peter Tlholoe wakwa-Aranda Textiles noLulu.
