zulu.2607.hleb
Umdlali we-Arsenal odlala kahle
Usebenzela iqembu lakhe
IGOLI alifaka lalimqoka kakhulu. Ngesikhathi u-Alexander Hleb ethola ibhola elaliphuma kuCesc Fabregas walifaka ekhoneni lamapali eFulham ngeSonto mhlaka 12 August, kwacaca ukuthi i-Arsenal yayisithole umdlali owayezovala isikhala sikaThierry Henry.
U-Aliaksandr Paŭlavič Hleb waseBelarus ungomunye wabadlali beGunners abasebancane kanti uzimisele ngokusebenzisa isitayela sakhe sokudlala kuleli qembu njengoba engasekho uHenry!
U-Hleb wazalelwa eMinsk ngomhlaka 1 May, 1981. Umama wakhe wayengumakhi ubaba wakhe eshayela amaloli athwala u-petrol.
ElaseBelarus laliyingxenye yeSoviet Union ngaleso sikhathi kanti abantu bakhona babethwele kanzima kuyingozi nokuhlala khona.
Ngo-April 26, 1986, kwaqhuma iChernobyl Nuclear Power Plant okwesine enyakatho ye-Ukraine engasemngceleni weBelarus. Umonakalo owadalwa yilokho kuqhuma wenza ukuba iziphathimandla zendawo zisuse izakhamizi zaseChernobyl nezakwezinye izindawo ezakhelene nayo.
Ubaba kaHleb wayephakathi kwabantu abathathwa ngenkani ukuba “bayosiza” emva kwaleso sehlakalo. “Wahamba izinyanga eziyisithupha. Kwakungekho ayengakwenza ngaphandle kokuthobela umthetho,” kusho uHleb.
“Umsebenzi wakhe kwakungowokudiliza izindlu ezazingasalungele ukuba kuhlalwe kuzona eChernobyl ngenxa yokuqhuma.”
Ubaba kaHleb wayephakathi kwabangu-200 000 ababezodiliza izindlu. Abanikwanga ababezokugqoka ukuze bazivikele ngesikhathi benza lowo msebenzi.
Kusenenkulumo-mpikiswano namanje mayelana nomonakalo owadaleka empilweni yabo. NgokukaHleb impilo kababa wakhe yathikamezeka ngenxa yalowo msebenzi.
“Impilo yakhe ibuthaka. Uvame ukuphathwa wumphimbo, akaboni kahle emehlweni kanti namasosha akhe omzimba awasebenzi kahle.”
U-Hleb wathi ubaba wakhe wayebuye abaxoxele nokuthi babethola amagundane amakhulu ezindlini ababezidiliza!
Ukhonkolo
Esakhula uHleb wabona ukuwa kwe-Iron Curtain – ngabe kwakuyinto enjani? “Ngangineminyaka engu-10 ngesikhathi lokho kwenzeka kanti angibonanga mahluko omkhulu,” kusho yena.
“Izinto eziningi zashintsha. Sasisebenzisa izinto ezaziqhamuka eNtshonalanga. Ngikhumbula ukuthi ubaba wafika ekhaya ne-video recorder kanti lokho kwaletha ushintsho olukhulu ngoba sasingasekho isidingo sokuba sime kolayini abade ezitolo.
“Abazali bami babethokozile ngoba sabe sesizimele. Mina ngangiseyingane ngaleso sikhathi.”
Ngaleso sikhathi kwakubusa ibhola empilweni kaHleb.
Waqala ukudlala ibhola esafunda – izinkundla ababedlala kuzona zazikhonkiwe!
“Sasilimala kakhulu uma sidlala ibhola ngaleso sikhathi,” kusho yena.
“Kwakuba lula ukudlala uma likhithikile ngoba ukhonkolo wawuthamba ngaphansi. Ehlobo kwakudingeka ukuba sihlale sithenga amakhokho amasha ngoba ayesheshe aguge,” kusho yena.
“Izingane eziningi kwakudingeka ukuba ziyeke ukudlala ibhola ngenxa yokulimala. Mina ngangingalimali kakhulu ngoba umzimba wami ulula awumkhulu.” Ngisho namanje iqembu lesikole ayefunda kusona lisadlala kuleyo nkundla ekhonkiwe.
E-Stuttgart
U-Hleb wayeneminyaka engu-17 ngesikhathi esayiniswa yiBATE Borisov, iqembu lenkampani yogandaganda esenyakatho yeMinsk. Ngesizini yakhe yokuqala edlala kuleli qembu bawina iligi. Ithalente lakhe labonwa ababefuna abadlali abanamakhono ngaleyo ndlela washiya eBelarus waya kwiVfB Stuttgart ngo-2000.
Ngaleso sikhathi wayebhekwe ngeso elibukhali nguFelix Magath owayeyimenenja yeStuttgart wazakhela igama njengomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu. Ngesizini ka-2002/03 iStuttgart yaqeda ifinyelele kowamanqamu kwiBundesliga.
Leli qembu labuye laba ngompetha beChampions League lihlula iManchester United.
Ngesikhathi uMagath eshiya leli qembu ejoyina iBayern Munich, iStuttgart yaba nenkinga yezimali uHleb waqala ukufuna amadlelo aluhlaza.
Lo mdlali wasesiswini wathathwa yi-Arsenal eyamdlalisa ngakwesokudla waba nenkinga yokungayijwayeli kahle leyo ndawo ayesedlaliswa kuyona.
E-Highbury
Wafika eHighbury ngesonto okwahamba ngalo uPatrick Vieira, omunye wabadlali ababemqoka kwi-Arsenal, eseya kwiJuventus. Ukufika kwakhe u-Arsene Wenger akakubonanga kuzovala isikhala esasivuleke ngokuhamba kukaPatrick kanti abalandeli be-Arsenal bona babenethemba lokuthi uHleb wayezosivala kahle leso sikhala.
Emva kwamasonto ambalwa efikile kuleli qembu, abalandeli bahluleka wukumbekezelela. U-Hleb wayebukeka engenalo ikhono elalifana nelikaVieira enkundleni – ngabe iyiphi indima okwakufanele ayidlale lo mdlali waseBelarus kuleli qembu?
“Kudlalwa ibhola elisheshayo kule ndawo. Kwakulula ukudlala e-Germany. Isitayela esasidlala ngaso sasingasheshi ngale ndlela,” kusho uHleb.
“Ngangingasitholi isikhathi sokucabanga kahle uma ngiphethe ibhola.”
Wabuye waba nebhadi lokulimala edolweni ngesikhathi eyodlalela izwe lakhe kwadingeka ukuba ahlale angadlali izinyanga ezimbalwa.
Kwezwakala amahlebezi okuthi usefuna ukuphindela eGermany. I-Arsenal waze wayijoyina ngoDecember 2005, wadlala imizuzu engu-60 ngesikhathi idlala ifayineli ye-UEFA Champions League ne-Ajax Amsterdam.
Waqala ukujwayela kahle ngoJanuary 2006 eqenjini lakhe.
U-Hleb uthi uyalikhumbula elaseGermany kodwa uyakuthokozela ukudlalela i-Arsenal. “ElaseStuttgart liyidolobha elincane elinokuthula. Noma kuphi lapho bengibona khona abalandeli, bayangijabulela,” kusho yena.
Ukugxekwa
Kwelakubo eBelarus uHleb uthathwa njengomuntu omubi osesanganiswe wukuhola kahle, abesimame nezimoto zohlobo oluphambili. Ingozi eyamehlela ehamba ngemoto yakhe yohlobo lwe-Audi ngesikhathi eyishayela eMinsk eminyakeni emibili edlule yenza ukuba ahlele impilo yakhe kabusha. Kwatholakala ukuthi leyo ngozi ayenzekanga ngenxa yobudedengu bakhe kanti owayegibele emotweni ashayisana nayo washonela esibhedlela. Yisigameko afuna ukusikhohlwa leso empilweni yakhe.
Nakuba esedlale ku-U21 waseBelarus izikhathi ezingu-30 wafaka negoli emdlalweni wabo neHungary ngo-April 2002 abawina kuwona ngo-5-2, uHleb useke wathola ukugxekwa abalandeli baseBelarus kanti uSurgei Gurenko owayengukaputeni wabo wamsola ngokuthi akazikhandli ngokwanele uma edlalela iqembu lesizwe.
E-Stuttgart wafaka amagoli angu-13 kuphela emidlalweni engu-137 kodwa wagqama ngekhono lakhe lokugijima nebhola alinike abagadli ukuze bafake amagoli.
“Kufanele ngizame ukufaka amagoli. Kodwa uma ngisenkundleni ngazijwayeza ukwakhela abanye amathuba okufaka amagoli. Yinto engadalwa nayo leyo,” kusho yena. [z]
BONA ZULU – October 2007
Izinkundla ezikhonkiwe, amagundane nokuqhuma yizinto ezibe yingxenye yokukhula kuka-Alexander Hleb…
UHleb edlala mhla bedlala neNewcastle.
NGEZANSI KWESOBUNXELE: KuHleb okubalulekile wukwakhela abanye amathuba okufaka amagoli kunokuwafaka.
BONA ZULU – October 2007
indaba ngu-ISAAC KWELA
u
t
Kuyintokozo ukwakhela abanye amathuba okufaka amagoli
