zulu.2604.becfeedback
UDaniel Mogale (ophakathi) enabangani.
Izindaba zempumelelo zowawina kwiBEC Sasko Flour
UKHANYISILE Mkhaliphi nguye owawina ngo-June ezindabeni zakwaSasko zempumelelo. Njengoba esewake wasebenzela inkampani yezokuhlanza, washeshe wabona ukuthi uchitha imali eningi nsuku zonke egibela eya edolobheni lapho ayesebenza khona. Waqala wabhakela umphakathi wangakubo - emishadweni, emingcwabeni, emicimbini yezinsuku zokuzalwa neminye.
UKhanyisile usevulela abanye amathuba emisebenzi. Ngosizo lukaSasko uzokwazi ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe akhuthaze nabanye balandele ezinyathelweni zakhe.
BONA ZULU August 2008
UForce Khashane uMhleli kaBONA.
Amanye ama-dessert eSasko Flour.
I-Bake for Profit with Sasko Flour.
Ukungenela umncintiswano weSasko Flour wezindaba zempumelelo
UMA usebhizinisini lokubhaka noma lokuziphilisa ngokudla, noma nje ukuthanda ukubhaka, sibhalele usitshele:
● Iresiphi yakho oyenze ngeSasko Flour.
● Yini othanda ukuyizuza ngokubhaka. Sitshele okufisayo.
● Ungangenela emcimbini weBONA Empowerment Club.
Uma ukhethiwe njengomunye wazinyanga zonke owinile ngodaba lwakho lwempumelelo uyoziwinela izinto zokuqhuba ibhizinisi lakho. Ikheli lithi: Sasko Flour Success Stories, Box 1300, Rivonia, 2128.
◄ UKhanyisile Mkhaliphi owawina ngaphansi kwezindaba zempumelelo kwiSasko Flour.
► UMpho Thosago neqembu lomculo.
I-Avon
I-Avon, ngeminye yemikhiqizo yezobuhle enenkulu impumelelo. Maduze nje isanda kukhangisa ngomunye wemikhiqizo yawo ngosizo lukaBONA. Uchwepheshe wabo wezobuhle uMabel wasitshela ngamacebo okuzenza muhle nangezindlela zokusebenzisa iziphaqulo ngendlela eyiyo.
Bheka umkhiqizo omusha we-Avon i-Imari Seduction owethulwa ngoJuly 2008.
Ngemininingwane egcwele ngochunge lwemikhiqizo yakwa-Avon nokujoyina uphiko lwabo lokuthengisa, shayelani kule nombolo: 0860-10-23-45, noma nivakashele kwiWebsite ethi: www.avon.co.za
Izethameli zidansa.
U-MC uMakheni Motana noMarinda Stroh wakwa-Avon.
ULebo Mahlalela wabeMageu Number One.
Mageu Number 1 Business Start-up Awards – owine ngo-August
UKWAKHA iSouth Africa entsha kuqala khona emalokishini. Lena iyona into owawina kwi-June Mageu Number 1 business start-up eyayimbusa emqondweni ngesikhathi evula indawo yakhe yokujima.
UDaniel Mogale wumfundi ka-matric Eqinisweni Secondary. Ukukhonzile ukuhlale engumqemane ngomzimba kanti isifiso sakhe wukuba akhuthaze abanye abantu ukuba bahlale bephilile. Wavula indawo yokuvocavoca umzimba egaraji lakubo eminyakeni emibili eyedlule kanti kumanje usenamalungu angu-100.
Lo mklomelo usho lukhulu kuyena ngoba uzomsiza ekunwebeni indawo yakhe yokujima. Ngenxa yemizamo efana nalena, abeMageu Number 1 baxhasa amabhizinisi asemiphakathini yethu bakhuthaze nabanye abanjengoDaniel Mogale ukuba bagqugquzele umoya woku“Vuka uzenzele.”
IMageu Number 1 ingushampeni wamabhizinisi amancane!
Ukuze ungenele iMageu Number 1 Business Start-up Awards, sitshele kabanzi ngebhizinisi lakho, usinike izinombolo zocingo nekheli uthumele kuleli kheli: Box 3858, Rivonia, 2128.
Abawinile bakhethwa zinyanga zonke banikezwe umklomelo ka-R2 000 emcimbini kaBONA.
Ukwakha iSouth Africa eNtsha kuqala ezindaweni zethu, emadolobheni nasemaphandleni ekubeni nabeMageu Number 1 bayaqhubeka nokukhuthaza umoya wokwakha isizwe.
UVicky Kubheka obhakela iBake for Profit.
UMabel wakwa-Avon ecwala omunye.
BONA ZULU August 2008
Izethameli zicula uNkosi sikelel’ i-Afrika.
Abesimame bezamabhizinisi bakhuthaza abanye.
