zulu.2603.yrlifeguide_talk
Liquketheni igama
U-Angie Diale uchaza ngokubaluleka kwegama lakho empilweni yakho
Igama oliqanjwe abazali bakho yilona elichaza ubuwena. Impilo yakho yakhiwa yindlela ophila ngayo nowamukela ngayo impilo.
Lokhu kuncike ezinkolelweni, nezinqubo esizincele kubazali, imfundo, inkolo, abangani, omakhelwane, nalokho ozikhethela ukukufunda empilweni.
Igama lami elithi Angeline lisho ukuba njengengilosi: ngabe lingumthwalo noma liyisibusiso?
Ngisakhula impilo yami yayilawulwa ngubaba okwakunguyena owayenqumela umndeni ukuthi yini okumele yenziwe, ukuthi siyakuphi esikhethela nabangani. Emzini wakhe udlame nenhlamba kwakuyinto yansuku zonke.
Okwehlukile kwakuyimpilo yesonto eyayifakwa ngumama owayekholwa futhi ezithobile. Lokhu kwasinika ukuthula ngoba wayengasivumeli isihluku sikababa.
Ngaleso sizathu kwadingeka ukuba kube yimina onakekela umfowethu omncane nomama uma udlame seluqala. Ngangimhlonipha engithanda ubaba (kwakuyimina kuphela indodakazi yakhe) - kuyena ngifuze umama wakhe ongasekho. Nakuba ngangimhlonipha, ngangiba nesibindi sokumkhombisa ukuthi angikuthandi ayekwenza.
Ugogo ngangimkhonze kakhulu eyisibonelo esihle kimina. Yonke into wayeyibheka ngokweNcwadi eNgcwele nokwaba nomphumela wokwakheka komqondo wami.
Kwakuthi lapho ngidiniwe noma ngilimele sengifuna nokulwa angibuze ukuthi:
"Ingelosi ibizokwenzenjani? Khumbula ukuthi uyingelosi."
Wukungikhumbuza kwakhe ukuthi ngiyingelosi okwangifundisa ukunakekela, ukuxolela ngibe nomthelela omuhle nakwabanye. Ugogo wangikhombisa ukuthi ngingabasiza kanjani abantu abangaboni ngaso linye bazwane.
Uma abantu besenkingeni kulimaza ingaphakathi labo, ngethuba engilinikiwe ngizozama ngibuyisele ukuzwana nentokozo kunoma yibuphi ubudlelwane.
Ngibonga ugogo ngalokhu, ngihlala ngibuka futhi ngithola okuhle kwabanye abantu bese ngizama ukwakhela kukhona nakuba ukukhula kwami kwakungekuhle, kodwa lokhu kwenza ngabuka impilo ngendlela enhle.
Igama lami laba yisibusiso futhi liseyisibusiso ngoba ngiyazi ukuthi izingelosi zimeleni futhi ngiyazama ukuphila ngobungcwele njengaleli gama. Wena?
lichazani igama lakho?
Wonke amagama achaza okuthize, uma ungazi ukuthi elakho lichaza ukuthini enza lokhu okulandelayo ukuze uzazi. Bhala phansi:
Buza abazali bakho kungani bakuqamba ngalelo gama.
Ucabanga ukuthi igama lakha ubuwena uma kunjalo kanjani?
Unamagama ngezilimi ezahlukene? Ngabe achaza izinto ezifanayo?
Buka abantu abadumile abanegama elifana nelakho. Kukhona yini enifana ngakho?
Uma ubungashintsha igama lakho, ubungakwenza lokho? Lingathini futhi kungani?
Uqanjwe ngegama lomunye wasemndenini wakho? Uma kunjalo, uyasazi isizathu?
Uke ube nengcindezi yokuphila ngokwegama lakho?
Ufisa sengathi igama lakho belingadumile, noma alijwayelekile? Uma kunjalo, kungani?
Iqiniso wukuthi amagama ethu achaza okuthize okubalulekile futhi ngokusebenzisa lokhu singazama ngayo yonke indlela ukwenza impilo yethu ibe yinhle sibe ngabantu abangcono.
Angie Diale
Ingelosi ibizo-kwe-nzani?
ASIKHULUME
