zulu.2596.yourworld_knowall
UKUBINGELELANA!
Abafundi ababili basibhalele nemibuzo yezihloko ezifanayo - nesibone kungcono siyidingide lapha yomibili.
UBongani waseBloemfontein ufuna ukwazi ukuthi kungani sixhawulane uma sibingelelana, ekubeni uVC waseMamelodi ubuze ukuthi i-"high five" yaphuma kuphi.
Okokuqala: ukuxhawulana. Lokhu kusukela kudala ngezikhathi lapho amadoda ayephatha amahawu nemikhonto. Uma babekhombisa ukuthi beze ngokuthula babehlangana bebambe amahawu abo - ukuze bakwazi ukuzivikela uma kunesidingo. Emva kwalokho bakhiphe izandla zabo - zokuphatha umkhonto - ukuze bakhombise ukuthi abaphethe sikhali.
Kusukela lapho, ukuxhawulana kwaba yindlela yokubingelelana
noma yokuhalalisela othile - namuhla ngisho nabesimame bayaxhawulana.
Ngokuphakamisa isandla esivuliwe (high five) umdlali we-baseball uGlenn Burke uthi nguye owasungula le
ndlela ngasekupheleni kweminyaka yo-1970 - kodwa ochwepheshe abaningi bakholwa wukuthi nguye owayidumisa, kodwa ukushayana ngezandla ngenhloso yokukhombisa ukwaneliseka yinto eyayikhona emandulo ngeminyaka yo-1870.
UMA UBUBHA BUBHOKILE EZWENI LETHU, KUNGANI UHULUMENI UNGASHICILELI IMALI ENINGI?
DF, East London
Umbuzo wakho akulula neze ukuwuphendula kodwa ngizozama. U-R50 oyiphepha, ungaphezu kokuba yiphepha nje elijwayelekile. Uyiphepha elinenani elibiza R50. Ubani osho njalo? - nguhulumeni! Uhulumeni uqinisekisa ukuthi leli phepha olikhokhayo lapho uthenga okuthile lilingana nenani elibhalwe kulo. Ukuthi uhulumeni ungasenza kanjani leso siqiniseko, kunzima kakhulu ukwenaba kulokho - kodwa engiqonde ukukuchaza wukuthi uhulumeni ungakwazi ukukhipha isibalo esithile semali engamaphepha.
Uma uhulumeni ungakha imali engaphezu kwekhona, kungehla izinga lamandla emali.
Lokhu mangikuchaze kanjena - umholo wakho ungenyuka mhlawumbe ufinyelele ku-R70 000 ngenyanga, kodwa ulofu wesinkwa ukubize R20 000!
Kungakho bonke ohulumeni beqikelela ukuthi ingakanani imali abayigayayo. Uma sihlangana nemali yephepha entsha, lokho akusho ukuthi uhulumeni usuwenze imali entsha eningi. Lezo zimali zisuke zenzelwe ukuthatha indawo yalezo esezisesimweni sokuba sindala.[z]
IMIBUZO YAKHO
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola
khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
KUNGANI IZINGANE ZIWE NGAMAKHANDA, ABANTU ABADALA BAWE NGEZINQE?
AG, Joburg
Impendulo ilele kwi-"centre of gravity" okuyisizinda samandla okudonseleka phansi ngawo AG. Lawo mandla ayileyo ngxenye esindayo emzimbeni. Ungadidwa yigama elithi "centre". Uma kuziwa ngakubantu, ukwenza isibonelo - i-centre of gravity ayisho indawo ephakathi nendawo emzimbeni!
Abantu abadala ngisho ngabe basinda kangakanani kodwa i-centre of gravity kubona ingemumva ezinqeni.
Ezinganeni le-centre of gravity isemakhanda. Lokhu kunika umqondo uma ukucabanga - ikhanda lengane likhulu kunendawo esezinqeni zayo.
Kungakhoke uma izingane ziwa zijwayele ukushaya ngekhanda phansi kuqala.
BUZA KITHINA. Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 32083, Mobeni, 4060.
