zulu.2593.starsep
IZINKANYEZI ZAKHO
BONA ZULU September 2008
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Kungenzeka ungene emkhakheni omusha ngenhloso yokuzithuthukisa kokusha. Ngisho ngabe uyabambelela lapho ukhona, kodwa luningi ushintsho olubonakalayo oluzokuba khona.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Yisikhathi sokuba uqale ngohlelo okade wawunalo emqondweni uma uzimisele ngekusasa eliqhakazile. Imiphumela kuzokuba ngengcono kunaleyo obuyilindele.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Yisikhathi sokugxila emsebenzini wakho - noma emiqondweni emihle yokwakha imali. Zethembe kokwenzayo uqiniseke ukuthi wonke amathuba avelayo uyawasebenzisa.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Ungakhohlwa wukuthi impumelelo ingumphumela wemfundo enhle. Ukuzivivinya kwakho ngokomqondo kungakwenza uqhamuke nemiqondo ezokwenza ikusasa lakho liqhakaze.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Indawo ebucayi empilweni yakho yangasese izokuba noshintsho olungcono kangangoba lokhu kuzohambisana nentokozo enkulu. Kuyacaca usuqedile ukukhokhela inhlawulo yamaphutha akho edlule.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Inqubekela phambili ungase uyibone kwezamabhizinisi. Bheka amathuba amasha angakwakhela imali. Yiba ngumuntu ongawumeli neze udoti ukuze uphumelele kokuningi.
Mahlatse “Chiliboy” Ralepelle
September 14, 1986
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Kuningi okuhle okuzovuna wena kulo nyaka omusha kanti uma ubambelela emigomweni yakho kuzofezeka izinhloso zakho eziningi.
Uzokwazi ukuthatha izinqumo uma kunezinkinga ezidinga ukuxazululwa.
Uzosimama ngakwezezimali kodwa qaphela ungayimoshi imali yakho uma kukhona ofuna ukubajabulisa ngayo.
Isimo sempilo yakho sizoba sihle kakhulu kanti nabangani abasha bazokunika amacebo azoba yinzuzo empilweni yakho.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Yisikhathi sakho sokuba usukume ubhekane nempilo. Yiba nesineke kokwenzayo ngenhloso yokuphokophela impumelelo.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Abanye abayizihlobo noma cishe oyisivakashi ekhaya lakho, angase akulethele inhlanhla. Uma ufuna indawo yokuhlala engcono, yisikhathi sokuba usukume ubheke.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Impilo igcwele intokozo. Uma uzama ngokuzinikela, inhlanhla iyakuvelela. Okusha okuzamayo kungakuholela emathubeni amasha azokuba nembuyiselo. Ukunconywa ngabaphathi kungakwenza uphumelele.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Isikhathi sihamba impela kulokhu - kodwa kuningi okuhle ongavuna kukho uma uzibandakanya nezinto ezinhle. Zethembe, wenze bonke abantu babone ukuthi unalo ikhono.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Yisikhathi esihle kakhulu sokuqala uhlelo olusha lomsebenzi. Kubukeka uzokuba senhlanhleni uma wenza izinto ezihloniphekile. Nabantu ozosebenzisana nabo bazokusiza kokwenzayo uma kunesidingo.[z]
