zulu.2590.quads
BONA - August 2005
Umama oneminyaka engu-47 washaqeka kakhulu uma ethola ukuthi ukhulelwe abantwana abane...
KWASE kuphele iminyaka uTakalane Makapila oneminyaka engu-47 waseDzanani village eNzhelele kwaVenda ezama ukuthola abantwana. Kodwa kwenzeka ayengasazitsheli ukuthi kuyoke kwenzeke empilweni lo gogo onabazukulu abane. Wakhulelwa.
Okwabuye kwamethusa kakhulu wukuthola ukuthi wayekhulelwe abantwana abane.
"Kwathi uma ngizwa kuthiwa bane abantwana engizobathola ngashaywa wuvalo. Ngangingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani," kusho yena.
"Babezodlani - ngenzenjani uma begula"
"Kodwa kwanginika ithemba ukukhuthazwa abangani nabantu engingabazi."
Indlela uTakalane aphatheka ngayo emva kokuzalwa kwabantwana bakhe ibonakala emagameni abaqamba ngawo. Amagama abo bobane enza umusho wesiVenda. BangoThama (mngani), Rudzani, (phumula), Khonadzeo (yenza kwenzeke) no-Adivhau (kwazi bani).
Wayedidekile uTakalane osesebenze iminyaka engu-15 eMnyangweni wezoLimo eLimpopo ngesikhathi ephuma eGeorge Mukhari Hospital eGarankuwa.
"Ngicabanga ukufuna umuntu ozongisiza angibhekele abantwana bami ngoba kumele ngiphindele emsebenzini. Kukhona nodadewethu ongangilekelela," kusho yena.
Ochwepheshe bezokwelapha bathi kufana nomlingo okwenzeka kuTakalane njengoba engasebenzisanga imbewu yokwenziwa ngosizo lodokotela kodwa kube ngokwendalo.
Abanye bathi indawo yaseNzhelele yindawo yezimanga.
NoTakalane wakufakazela lokho. Wavuma ukuthi akashadile nokuthi akafuni ukunaba kakhulu ngempilo yakhe yesikhathi esedlule ngoba lokho kungamqhatha namasiko esiVenda.
"Mhlawumbe impilo yakhe ngingayicekela phansi uma ngiphawula ngaye," kusho yena ephawula ngobaba wamawele. Uthi akakaze amtshele lutho ngawo.
Yikusasa labantwana bakhe kuphela elibalulekile manje ngokusho kwakhe. "Ngifuna banginakekele uma sengimdala kanti ngethemba ukuthi bazothola imfundo ezobanika impilo engcono." [z]
indaba nguTEDDY GOMBA
isithombe nguSTEPHANIE
OOSTHUIZEN
Uthole abantwana abane
Isimanga kwezokwelapha
BONA ZULU - January 2006
Umama othokozile.
