zulu.2584.Block Puzzle 56
BONA Block Puzzle
BONA ZULU – June 2006
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho, ulandele imicibisholo uzothola igama lomdlali wakuleli wezithombe ezikweleni ezimnyama.
No 56
Usuku lokuvala:
30 June 2006
WINA!
Am-CD
namaDVD
kaR4 550!
KULO msebenzi womculo, u-Usher oneminyaka engu-25 ongumculi weR&B ngokwakhe uthi “nginguchwepheshe okwesikhashana.” I-albhamu yakhe yakamumva ethi Confessions, yathengisa yedlula amakhophi angu-11-million emhlabeni jikelele kanti ngenyanga kuthengwa angu-1 million.
U-Usher Raymond wazalelwa eMelika ngo-1978, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala yesingili ethi Call Me A Mack ngesikhathi eneminyaka engu-14. Emva konyaka wakhipha eqanjwe ngaye ethi Usher, eyafinyelela ku-25 ngokwamashadi omculo. Ethi You Make Me Wanna, yaphuma phambili kumashadi omculo we-R&B yahlala khona cishe amasonto angu-71 yaze yamwinela i-platinum award yakhe yokuqala.
I-albhamu yakhe yakamumva ethi Confessions, iphula amarekhodi amashadi amadala akade abakhona ngezingoma ezithi Yeah!, Burn neConfessions II nokuyizo eziphezulu kwiTop 10 yeR&B. Lokhu sekwenze u-Usher waba ngumculi wokuqala ocula ngayedwana ukuba abe namasingili amathathu kwiTop 10 kwiHot 100 kusukela kumaBeatles ngo-1964 namaBee Gees ngo-1978.
UBONA unamahampa amahlanu ka-Usher onikezela ngawo. Iyinye iqukethe ikhophi yamaCD athi - 8701, Confessions, Live, My Way nethi Usher, namaDVD ezihloko ezithi Rhythm City, Truth Tour.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Kwi-postcard, bhala impendulo, igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Usher Block Puzzle No 56, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe impendulo ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
