ZULU.2581.yourfood_lesson_2
Yiba ngumpetha wombhaki utende umndeni wakho ngamabhisikidi afreshi
AKUSIBO bonke abantu abanekhono lokubhaka, kodwa uma ufunda, ungabhaka amakhekhe amnandi ukhiphele umndeni nabangani unyawo. Ukuze sikusize, sinohlu lwezinkinga abantu abahlangabezana nazo uma bebhaka, sinazo nezixazululo:
Ikhekhe lami litshekile ngaphezulu
Amakhekhe akho uwabhake kuhhavini ongashisi ngokwanele kanti namapani ayathintana noma athinte izinhlangothi zikahhavini.
Ikhekhe lami lishone phansi phakathi nendawo
Zintathu izizathu zalokho:
Weqise isikalo sikashukela.
Ubhake ethinini elincane kakhulu.
Uhhavini awushisi.
Amakhekhe ami awakhukhumali
Kusho ukuthi awusebenzisanga isikalo esifanele se-baking powder (noma se-bicarbonate of soda) noma ikhekhe ulifake uhhavini ungashisi kahle.
Uma ubhaka amakhekhe nama-muffins, i-crust iyaswakama noma ibe yinamfunamfu
Zine izizathu eziyimbangela yalokhu:
Weqise isikalo sikashukela.
Ikhekhe ulibhake walikhipha lingakalungi.
Weqise isikalo sebhotela noma semajarini.
Weqise isikalo se-baking powder (noma i-bicarbonate of soda).
Ikhekhe liyahlephuka uma ngilikhipha ethinini
Lokhu kwenzeka uma usheshe walikhipha kuhhavini noma weqise isikalo se-baking powder.
OKUMNANDI
Isifundo sokupheka
noNtwenhle Mpanza
TRADITIONAL BISCUITS
* 1/2 inkomishi (125ml) i-castor sugar
* 1/2 inkomishi (125ml) imajarini yokubhaka ethambile
* 1 iqanda
* 1 inkomishi (250ml)
i-cake flour esefiwe
* 1 i-teaspoon (5ml)
i-baking powder
* 1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-bicarbonate of soda
1. Shisisa uhhavini ngo-180°C. Endishini shaya ushukela nemajarini.
2. Faka iqanda, shaya uhlanganise kahle. Faka izithako ezisele. Govuza.
3. Goqa inhlama ngepulasitiki noma i-clingwrap, beka efrijini imizuzu engu-30. Lokhu kuqinisa inhlama ukuze indlaleke kahle.
4. Ebhodini elivuvuzelwe ngofulawa, hlukanisa inhlama ibe yizingcezu ezilugqinsi olungu-3mm. Okunye ongakwenza, ndlala inhlama ibe lugqinsi olungu-3mm. Qoba nge-cookie-cutter kume ngezindlela ezehlukene.
5. Beka amabhisikidi ethreyini lokubhaka eligcotshisiwe lavuvuzelwa ngofulawa ne-castor sugar. Bhaka imizuzu engu-12.
6. Beka amabhisikidi kwi-wire rack uwapholise.
Okunye ongakwenza: Faka i-coconut.
Iseluleko: Ukuze uthole imiphumela emihle uma ubhaka, akufanele imajarini neqanda kubande kakhulu.[z]
Iseluleko ngamabhisikidi
Uma ubhaka amabhisikidi afuna ibhotela, ungasebenzisa imajarini yokubhaka. Ithreyi lokubhaka kumele ligcotshwe - lokhu kwenza ukuthi amabhisikidi anganamatheli esinqeni noma ahlephuke.
Uma inhlama iqinile, yivuvuzele ngamanzi ayiqhwa.
Kala izithako zakho kahle
Enye imfihlo yokuba ngumpetha wokupheka isekukaleni izithako kahle. Izinto ozisebenzisayo:
I-teacup: Ikahle ekukaleni izithako ezomile. Khumbula, kwi-teacup eyodwa kungena u-250ml.
Izipuni: Ngazo kukalwa izithako ezincane ezinjenge-baking powder, i-bicarbonate of soda noma i-vanilla essence. Uma ungenazo izipuni zokukala khumbula lokhu: 1 i-teaspoon (elingaqongile) lilingana no-5ml, 1 isipuni esingaqongile silingana no-15ml.
Ujeke wokukala: Uyawudinga uma ukala okusaketshezi okusebenzisa uma ubhaka.
Izeluleko:
Uma ukala izithako ezomile ngesipuni, zikhe uzindlale ngommbese.
Uma ukala ibhotela noma imajarini, yiqobe ngommbese obukhali.
Uma ukala okusaketshezi, beka ujeke wokukala endaweni endlalekile.
Amatemu okubhaka
Mix: Hlanganisa noma uhlanganise ugovuze izithako eziningi ndawonye.
Whisk: Shaya izithako (ikakhulu ukhilimu namaqanda) usheshe. Lokhu ukwenza kahle uma usebenzisa esikubiza nge-whisk.
Fold: Faka iqanda elishayiwe engxubeni usebenzise isipuni noma i-spatula.
Chill: Beka efrijini kuze kubande.
Combine: Shaya izithako ingxube ize ibe bushelelezi.
Beat: Hlanganisa izithako uzishaye ngamandla.
Grease: Gcoba ithreyi lokubhaka noma ipani ngebhotela noma imajarini ukuze izithako zinganamatheli esinqeni.
Dust: Bhuqa ezithakweni ezomile ezinjengofulawa noma ushukela.
Blend: Govuza kuze kuhlangane izithako.
Glaze: Gcoba isidlo ngengxube ewushukela, usebenzise ibhrashi elenzelwe lokho.
Cream: Uma ubhaka, lokhu kusho ukuhlanganisa "izithako ezomile" - ezinjengoshukela - nebhotela noma imajarini. Ukwenza uma uhlanganisa inhlama yamakhekhe. Izithako ezomile zihlanganiswa nebhotela zize zibe lula zikhukhumaliswe amabhamuza. La mabhamuza abonakala enhlameni uma usuqede ukuyishaya kanti ayaqhubeka akhukhumale - avuleke - uma usubhaka.
