ZULU.255.sisarah
Ngabe uyangithanda"
Nginenkinga nesoka lami. Sihlala ndawonye, nginengane yomunye umuntu. Inkinga wukuthi alifuni ngikhulume nabanye abantu.
Alithandi futhi abanye abantu bangivakashele. Uma sindawonye likhuluma kahle nami, kodwa uma ingane yami ikhona liyathula.
Mhlawumbe aliyithandi ingane yami - kodwa futhi noma kukhona izihlobo zami lenza ngendlela efanayo.
Lifuna ukungishada lithenge nomuzi - iyoba njani impilo esiyoyiphila"
MM, Parys
lAngiboni ukuthi leli soka lakho liyoke lishintshe ngisho noma senishadile. Into eliyilo manje ngeke ishintshwe wukushada.
Kuyacaca le ndoda yakho inesikhwele. Ifuna ube ngowayo kuphela nokuyinto eyenza ishintshe uma ingane ikhona noma uvakashelwe abantu.
Kungakho futhi ingafuni ukhulume nabanye abantu. Ifuna wena ubhekane nayo kuphela.
Ngabe iyakuthanda" Mhlawumbe ikuthanda ngeyayo indlela kodwa mina ngokwami angicabangi ukuthi lena iyonanto oyifunayo ngisho ngabe uyayithanda.
Ngahlukumezeka
Ngineminyaka engu-28. Ngathandana nomyeni wami ngo-1998 sashada ngo-2000. Izinkinga zethu zaqala emva kokuba sithole umntwana.
Wathi ingane akuyona eyakhe waqala wangiphatha kabi, waqonywa.
Ngayibika le nkinga kubaba wakhe, owathi kufanele amenzele usiko ukuze izindlela zakhe ziqonde.
NgoDecember 2003 lwenziwa lolo siko kodwa kwathi ngo-2005 wabuyela ezindleleni zakhe ezindala - wathola omunye unkosikazi futhi okungumuntu esimazi sobabili.
Ngadinwa ngaze ngaphinda ngathandana nomuntu engangithandana naye kuqala. Kuthe lapho umyeni wami ekuthola lokhu, wathatha izimpahla zami zonke wazinika umama wami ukuba anginike zona.
Ngabe ngenza into efanele" Ngabe umyeni wami wayengithanda"
PMM, Cape Town
lAngiboni ukuthi ukuziphatha kwenu nobabili yinto enhle. Uma nifuna ukuhlenga lo mshado wenu, kufanele nibhekane nomsuka wale nkinga - ngisho ngabe ungubaba wengane yakho.
Ngakolunye uhlangothi, ukuphathe kabi kakhulu isikhathi eside. Ngabe wena usazimisele ukuhlala kulo mshado" Nguwe kuphela ongazithathela isinqumo kulokho.
Leli ikusasa lakho nempilo yakho - ngakhoke ungadlali ngakho!
Ngidinga ozongithanda
Ngineminyaka engu-24, isoka lami linengu-35. Linezingane komunye umuntu kanti futhi njengamanje linenye intombi.
Ngiyalithanda kodwa sengiqala ukulingabaza. Liye lingivakashele isonto lonke bese linyamalala ngezimpelasonto.
I-cellphone yalo liyayivala. Uma lifika lizongibona lifika ebusuku, asibi naso isikhathi sokubhunga ngezinkinga zethu.
Uma ngimala uyangincenga ukuba sibuyelane athi ngeke akwazi ukuphila ngaphandle kwami.
Ngifuna umuntu ozongithanda. Ungenzela konke kodwa angidingi mali yakhe ngidinga yena.
NCM, Kriel
lNgicabanga ukuthi wenza into enhle ngokumala ngoba kuyacaca ukuthi lo mlisa uphila impilo embaxambili.
Ukube wayekuthanda wayezochitha isikhathi sakhe sonke nawe, hhayi ukuvala i-cellphone yakhe uma engekho eduze kwakho. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi kukhona azama ukukufihla - mhlawumbe ukuthi unenye intombi.
Enye into wukufika kuwena ebusuku. Kungani" Yingoba enamahloni mhlawumbe ngawe, noma kukhona akufihlela kona" Uyakuxhaphaza, kodwa futhi nguwe ongamyekisa lokho.
Ushilo ukuthi usuyamngabaza, ngakhoke sekuyisikhathi sokuba uhlukane naye okokuphela. Baningi abesilisa ozobathola bakuthande ngeqiniso hhayi abazodlala ngawe.
Uthando lwasejele
Ngaboshwa ngo-2002 nokuthe lapho sengiboshiwe, intombi yami yangazihlupha ngokungivakashela. Ngaphambi kokuba ngiboshwe, yanginika isiqiniseko sokuthi iyangithanda. Ngo-2004 ngagwetshwa iminyaka elishumi. Angazi ukuthi ngenzenjani ngoba ngiyayithanda kakhulu angifuni ukulahlekelwa yiyo.
LN
lOkwenzeka kuwena yinto esiyenzeka kubantu abaningi besilisa. Kulula ukutshela umuntu ukuthi uyamthanda ngesikhathi izinto zisahamba kahle. Kodwa kuthi lapho sezingasahambi kahle, 'uwubone kahle umbala womuntu'.
Iqiniso wukuthi, uma umuntu omthandayo eboshwa, kulapho uthando lwenu luvivinyeka khona.
Ngeshwa kuvamile ukuba abantu besimame bahluleke wukuhlala balinde umuntu aze aphume ejele. Lowo muntu usuke engamthandi ngokuphelele loyo omunye asuke esezichithela ngaye isikhathi.
Angazi ukuthi intombi yakho ineminyaka emingaki yobudala, kodwa uma isencane, cishe isithathe isinqumo sokuba ingakulindi. Nakuba lokhu kunzima kuwena, zama ukuba ukwamukele ukuthi uthando lwenu alusekho.
Ukukhulelwa okunezi-
nhlungu
Ngineminyaka engu-26 kanti ngikhulelwe ingane yesibili. Inkinga yami wukuthi isisu sami sibuhlungu ekubeni ngiyaphalaza selokhu ngathatha isisu. Sengiye kodokotela abaningi kodwa angilutholi usizo.
Akuzange kube njena ngesikhathi ngikhulelwe okokuqala. Ngenzenjani"
LD, Heilbron
lAngiqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga zezokwelapha. Ukuze kube khona ukuphepha kuwena nomntwana, ungachithi sikhathi - bonana nodokotela oyi-gynaecologist ukuze akubonise.
I-gynaecologist ngudokotela onguchwepheshe, ikakhulu obhekene nokwelashwa kwabesimame okuncike nasezinganeni. Uzokwazi ukuba akuhlole ngendlela efanele ukuze abone ukuthi kukhona inkinga noma cha.
Kufanele le nkinga uyisukumele ngokushesha ukuze impilo yakho neyomntwana ingabekeki engcupheni.
Akayondli ingane
Ngineminyaka engu-40 kanti sekuphele engu-13 ngishadile. Nginezingane ezintathu. Eyokuqala ngayithola ngaphandle komshado. Ubaba wayo wayeselikhiphile ilobolo ngesikhathi sehlukana. Inkinga wukuthi akafuni ukondla ingane yakhe. Uthi mangiyondle ngemali ayikhiphela ilobolo. Angicabangi ukuthi lokhu kuyikho. Ngenzenjani"
SK, Newcastle
lZimbili izinto ubaba wengane yakho yokuqala okufanele aziqonde.
Okokuqala, ilobolo yisivumelwano phakathi komndeni kamakoti nowomkhwenyana. Ngisho ngabe ungashadanga kodwa ilobolo lalingaqondene nawe noma nomntwana.
Kodwa laliyinkokhelo yabazali bakho. Uma ebona ukuthi kukhona okufanele akwenze ngalo, kufanele mhlawumbe akhulume nabazali bakho abacele ukuba bambuyisele.
Lokhu akuhlanganise lutho nawe noma nengane yakho. Kuphakathi kwakhe nabazali bakho.
Okwesibili, ubaba womntwana uphoqelekile ukuba akhiphe isondlo somntwana wakhe ngisho ngabe ingane yazalwa ngaphandle komshado noma emshadweni. Ngokomthetho, ingane yakho kufanele ithole isondlo kubaba wayo.
Unelungelo lokuthola imali yesondlo somntwana kuyena, kodwa akanalo ilungelo lokukutshela ukuba usebenzise ilobolo elakhokhelwa abazali bakho.
Yisikhathi sokuba uthathe umgudu wezomthetho ukuze uthole isondlo sengane yakho. Kufanele uye enkantolo yezondlo zabantwana ukuze bakutshele ukuthi wenze njani. Kukuyena nabazali bakho ukuthi ilobolo liyabuya noma cha.
Wephula isethembiso
Ngisejele kanti selokhu ngafika nginentombi. Iyangivakashela futhi yangethembisa ukuthi iyongilinda ngize ngiphume. Siye sibeke izinsuku okufanele ingivakashele ngazo kodwa manje ayisafiki. Lokhu kuyangikhathaza kakhulu njengoba bekuyiyo ithemba lami. Ngenzenjani"
MMK, Boksburg
lNakuba kubuhlungu kangakanani kuwena, azi ukuthi uthando akuvamile ukuba lusimame uma omunye esejele ngaphandle kokuba ongaphandle ezinikele ngempela othandweni lwenu.
Ngeshwa lakho, ngicabanga ukuthi intombi yakho isizitholele umuntu ethandana naye. Kulula ukwethembisa umuntu ukuthi uzomlinda, kodwa uma kuqhamuka omunye ongcono, kulula ukwephula isethembiso sakho.
Intombi yakho iyabona ukuthi ayikho into ongayenza ngoba uboshiwe. Kungabuhlungu njengamanje, kodwa kuzothi lapho usuphumile, uthole inkululeko yokuthola noma yimuphi umuntu omfunayo.[z]
BONA ZULU - May 2006
Buza kuSis'Sarah
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - May 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
