zulu.2558.metropolitan
indaba ekhokhelwe
Indlela ongazigcina ngayo uhleka!
I-EASY STREET yindawo engineqiniso ukuthi ungathanda ukuba kuyona - ngabe awufuni ukuqiniseka ukuthi ungaphila unethezekile ngaphandle kokukhathazeka ngemali lapho uthatha umhlalaphansi"
Iqiniso ukuthi akunasiqiniseko sokuthi isikhwama sakho sempesheni sizokhokha imali eyanele ukuba ukwazi ukwenza lokhu. Yebo, ungakuthola okwanele ukuthi uphile ngako -kepha akunakuba ngokwanele ukuze uyithakasele impilo.
Kulula kakhulu okungakufinyelelisa ku-Easy Street - wukuqala ukonga. Lokho kungezwakala njengomsebenzi onzima, ikakhulukazi njengoba abantu baseNingizimu Afrika baziwa njengabanamahloni ngokonga, kepha uma uqala umncane kulula. Khumbula - konke ozobe ukwenza ukonga okuncanyana namuhla ukuze uphile kahle kusasa.
Indlela ejwayelekile yokutshala imali lapho usuthatha umhlalaphansi, yi-retirement annuity efana neMetropolitan FutureBuilder Retirement Annuity. Ukusebenzisa isibonelo esikhonjisiwe, uma uqala ukonga R200 ngenyanga ku-retirement annuity enjengale lapho uneminyaka engu-25, kuthathwa ngokuthi kunamandla okukhuphuka kwezinga lemali libe ngamaphesenti angu-10 ngonyaka ngamunye, ungabe usuqoqe cishe
R685 000 lapho usuthatha umhlalaphansi eminyakeni yobudala engu-65.
Lokhu konga okwakha ngesikhathi seminyaka yakho yokusebenza kungakunikeza imali engena njalo ngenyanga lapho usuthatha umhlalaphansi. Ngaleyo ndlela kumele ube nayo imali ethe xaxa oyidingayo ekufinyeleleni endleleni yokuphila ekufanele, ngemumva kwayo yonke leyo minyaka yokusebenza kanzima.
Kepha uma uthatha ukonga njengomsebenzi okumele uwenze ongawuhlehlisela isikhathi esizayo empilweni yakho, kuyodingeka wonge ngokuthe xaxa njengoba uzobe ungasenako ukusizakala ngemali eyinzuzo eyakhekayo.
Lokhu kusho ukuthi ngokwamanani anamuhla, kumele utshale imali ecishe ibe ngu-R1000 ngenyanga, nalapho kwethenjwa ukuthi kuzoba nembuyiselo yonyaka engamaphesenti angu-10, nokungaba wu-R760 000 lapho uthatha umhlalaphansi eminyakeni engu-20 ezayo. Lokho kuyokwenzeka uma unenhlanhla yokuthatha umhlalaphansi eminyakeni engu-20 ezayo.... uma ukudilizwa noma ukuyekiswa ukusebenza ngenxa yempilo kungafinyezanga impilo yakho yokuhola - kanye neyokonga ngaphambi kwesikhathi.
Ungalibali ukongela umhlalaphansi - uma uqala manje, imali ozoyikhokhelwa izoba nesikhathi esithe xaxa sokukhula. [z]
Ukuze uthole iseluleko sezezimali, xhumana nabeMetropolitan Life Contact Centre kule nombolo: 0860724724 noma uvakashele ihhovisi le-Metropolitan Customer Service eliseduze nawe.
Hlelela impilo enhle
BONA ZULU - March 2007
Okungu-3 okungakubeka
kwi-Easy Street
Ukuqiniseka ukuthi uyazimela futhi uphila impilo enhle:
1. Xhumana nomeluleki wezezimali ogunyaziwe: Khetha i-financial provider enelayisensi esinegama kwi-Financial Planning Institute nokungakuhle kube yi-Certified Financial Planner. Kufanele kube ngerejistiwe ngaphansi kwabe-Financial Advisory and Intermediary Service Act. (Bheka lokhu kwabe-Financial Services Board ngokushayela kule nombolo yamahhala ethi: 0800-202-087 noma 0800-110-443.)
2. Khetha uhlobo lokonga: Umeluleki wakho wezezimali uzocubungula izidingo zakho zamanje nezekusasa abale ukuthi udinga malini lapho usuthatha umhlalaphansi, nokuthi malini ozoyonga zinyanga zonke ukuze kwenzeke lokhu nokuthi iyiphi indlela yokutshala izimali ekufanele. Abantu abaningi, ukwenza isibonelo, bakhetha i-retirement annuity.
3. Zinikele ohlelweni lokonga usule izikweletu: Ungakwenza lokhu ngokwenza i-debit order yakho kokubili.
