zulu.2554.petr
UPetr Cech cishe ngunozinti ovimba ukubedlula bonke emhlabeni nakuba yena ekuphikisa lokho…
UPetr Cech!
BONA ZULU – April 2006
“Uma ubeke umqondo ngokuphelele emdlalweni imizuzu engu-90, usengalenza iphutha kodwa futhi noma ungenelwa yigoli, uyazi ukuthi ukwenzile okungaphezu kwamandla akho,” kusho uCech.
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
UKUSAYINA kukaPetr Cech ngoJanuary 2004 kwabiza iChelsea imali eningi kakhulu ngaphezu kwabo bonke onozinti leli qembu esiyake yabasayinisa emlandweni wayo weminyaka engu-100. Abalandeli baba nokudideka ikakhulu ngoba ikilabhu yayinoCarlo Cudicini, owayethathwa abaningi njengongcono kakhulu kunabo bonke kwiLigi yaseNgilandi. Kodwa isikhulu seChelsea uJose Mourinho waqoka lo mdlali waseCzech njengonozinti oqala imidlalo, naye uPetr wakhombisa ukuthi unekhono.
Mude usukile emhlabeni kanti akanqeni ukushiya epalini ayonqanda ibhola enkundleni. Lokhu wakukhombisa emdlalweni wakhe wokuqala bedlala neManchester United. Emidlalweni yeChelsea engu-25 yePremiership ngaleyo sizini, kwengu-19 yayo akazange angenelwe ngisho elilodwa igoli. YiBolton ne-Arsenal abakwazi ukushaya amagoli angaphezu kwelilodwa emdlaweni ngamunye.
Empeleni ngoMarch 5, 2005, uCech waqopha irekhodi elisha kwiPremiership lokuqeda imizuzu engu-1 025 ngaphandle kokungenelwa yigoli kusukela ngoDecember 12 ngesikhathi uThiery Henry eshayela i-Arsenal igoli, kanti komunye washayelwa igoli nguLeon McKenzie weNorwich City.
UCech wanikwa umklomelo oyisipesheli enikwa yiLigi ngokuqopha irekhodi elisha wabuye wathola owe“Golden Gloves” ekupheleni kwesizini ka- 2004/5 njengonozinti ohamba phambili kunabo bonke kwiLigi yaseNgilandi. Imiklomelo asake ayiwina ikhomba ngokusobala ukuthi ungomunye wonozinti ophuma phambili kunabo bonke emhlabeni jikelele uma engalandeli kuGianluigi Buffon.
Omunye wababhali bezemidlalo wathi: “okubi ngokuhlale usefomini wukuthi abalandeli nabo bahlale bekulindele lokho kuwena zikhathi zonke.
“Selokhu afika eStamford Bridge, uPetr Cech usasiza leli qembu emidlalweni eminingi. Nathi lokho kuze kusimangaze.”
UMA engaphandle kwenkundla, ungumuntu ozithobile nozibeke phansi kanti ngokwakhe uthi iseyinde indlela okusafanele ayihambe ngaphambi kokuba azithathe njengonozinti ophambili.
“UBuffon weJuventus nguye ophambili bese kuza u-Iker Casillas weReal Madrid, oneminyaka engu-23 kanti noDida weMilan udlala kahle kakhulu,” kusho yena.
Echaza ngoBuffon uthe, “noma ngubani angawenza amaphutha, kodwa ukuzinikela kwakhe kuyamangaza. Ngeke nakancane umbone engekho efomini.”
Lokhu kuyefana nakuyena uCech. Kusukela esemncane, abaqeqeshi bakhe babemfundisa ngokubaluleka kokuhlela abadlali bakhe basemumva.
UCECH owazalwa ngoMay 20 ngo1982 ePlzen, Czech Republic, waqale wadlala njengomdlali ogijima ezimpondweni kodwa wagcina esesemapalini ngesikhathi eseneminyaka eyisishiyagalolunye ngenxa yokuthi unozinti weqembu lakhe wayelimele.
Ukuya kwakhe kwiSparta Prague eneminyaka engu-19, waphula irekhodi kwiLigi yaseCzech ngokuqeda imizuzu engu-903 ngaphandle kokungenelwa yigoli.
Emva kwemidlalo embalwa yokuqala babhekana neBayern Munich emdlalweni weChampions League ababewudlala ekuhambeni. UCech wakhombisa elikhulu ikhono phezu kokuba wayesemncane.
Wayengenakho ngisho nokuncane ukwesaba. “Angesabi,” kusho yena. “Kufanele njalo ubahloniphe abantu enidlala nabo, uhloniphe nomdlalo webhola uzinikele ngokuphelele.
“Uma ubeke umqondo wakho ngokuphelele emdlalweni imizuzu engu-90, usengalenza iphutha kodwa futhi noma ungenelwa yigoli, uyazi ukuthi ukwenzile okungaphezu kwamandla akho.
“Ngihlale ngizimisele ukuba ngivimbe kakhulu ngikhiphe ikhono lami, kungakho ngingenakho ukwesaba.”
UCech wadlala imidlalo engu-12 yeChampions League kwiSparta ngaphambi kokuba ayodlalela ikilabhu yaseFrance iRennes ngo-2002. Waphinde wasiza u-U21 waseCzech wawina isicoco sompetha base-Europe nokuyilapho avimba amabhola anzima kwifayineli bedlala neFrance ngaphambi kokuvimba ama-penalty amathathu ngesikhathi sekushaywa wona.
Ukholwa wukuthi iminyaka emibili ayihlala eqenjini leRennes yaba negalelo ekuthuthukiseni ikhono lakhe - njengoba onozinti eFrance bethola ukuqeqeshwa okuyisipesheli ngaphezu kwezinye izindawo emhlabeni.
UCHAZE impumelelo yakhe kwiChelsea njengekhuthazwa wukwethenjwa nguMourinho nozakwabo. “Uma abanye bekwethemba ngaleyo ndlela, nawe ukuzethemba kwakho kuyakhula.”
“Amaqembu afana noManchester United no-Arsenal ahlale eshintsha onozinti, nokuyinto engabakhubaza bangabi nokuzethemba. Lokhu akulungile neze.
“Uma unokuzethemba udlala kahle kakhulu, kodwa uma ungenakho - wesaba ngisho ukuzama into obungayenza ukube ubuzethemba.”
Esinye isizathu sempumelelo kaCech wukukwazi ukubeka ingqondo yakhe ngokuphelele emdlalweni imizuzu engu-90 nakuba engafukuzi kakhulu.
“Leyo yinto ozalwa nayo. Ngisho nasesikoleni nganginjalo ngoba ngangifuna ukufunda yonke into.”
Phezu kwalokho, lo mdlali akabuswa yimali nodumo.
“Imali ibalulekile emhlabeni, kodwa kukumuntu ukuthi uyiphatha kanjani,” kusho yena.
“Kimina ngicabanga ukuthi yimfundo nendlela engakhuliswa ngayo okwangisiza. Kufanele uyihloniphe imali - kodwa abanye ibenza bakhohlwe yimisebenzi yabo.
“Bafuna ukwenza noma yini abayithandayo ngoba benemali - mina ngeke ngikwenze lokho.” [z]
Ngabe uvimba kunabo bonke?
UCech ehlela abadlali bakhe basemumva.
BONA ZULU – April 2006
u
Yaqalwa yinja
I-Chelsea FC yasunguleka ngenxa yenja.
Le ndawo yaseChelsea esentshonalanga yeLandani yayaziwa kakhulu njengendawo osaziwayo kwezobuciko nababhali babezihlalela khona ngeminyaka ye-20th Century.
UHenry Mears nguye owahlela ukuba kwakhiwe inkundla yebhola endaweni yakhe eyayiseStamford Bridge kodwa wabuye wafikelwa wumqondo wokuyidayisa le ndawo.
Ngelinye ilanga kuyiSonto ekuseni ngasekupheleni kuka-1904, uzakwabo uFrederick Parker naye owayeweseka umqondo wokwakhiwa kwenkundla, waphinde wazama okokugcina ukwenza umngani wakhe ongusomabhizinisi ashintshe umqondo ngokudayisa indawo.
Kwathi ngelinye ilanga bezihambela kukhona nenja kaMears, (uMears) watshela uParker ukuthi wayechitha isikhathi sakhe ngoba uzoyidayisa indawo.
Kusenjalo inja kaMears yaluma uParker kwaphuma igazi.
Ngo-9 ekuseni ngosuku olulandelayo uMears washintsha umqondo wathi uzoqhubeka nohlelo lokwakha inkundla…
Yakhiwa inkundla kodwa uMears wabona ukuthi amaqembu endawo awadlali kahle wase esakhela le nkundla ikilabhu.
NgoMarch 14 1905 emhlanganweni owawubanjelwe e-pub engaphesheya kwale nkundla okumanje isiyaziwa ngokuthi yiThe Butcher’s Hook, kwasungulwa iChelsea FC…
t
Imali ibalulekile emhlabeni, kodwa kukumuntu ukuthi uyiphatha kanjani
Ngonyaka odlule uCech waqopha irekhodi elisha lePremiership ngokuqeda imizuzu engu 1 025 ngaphandle kokungenelwa yigoli.
