Zulu.2545.lesson
UMQOMBOTHI
(Utshwala besintu)
* 4 izinkomishi imithombo
* 2 izinkomishi impuphu
* 5 amalitha amanzi abilayo
* iphini
Ngosuku lokuqala (ukudidiyela)
1. Ebhakedeni elingu-25 litre, hlanganisa izinkomishi ezingu-2 zemithombo nezingu-2 zempuphu.
2. Faka ilitha yamanzi abilayo, govuza. (Ingxube kufanele ibe mahhadla.)
3. Thela amanzi asele. Govuza ngephini.
4. Yeka kuphole kubile.
Ngosuku lwesibili (ukupheka)
Ingxube kufanele ibe namagwebu, inuke ibe muncu. Imithombo nempuphu kufanele kuzike esinqeni.
1. Yikha amanzi engxube uwabilise.
2. Thela kancane kancane ingxube yempuphu emanzini. Pheka amahora angu-2 kuze kushube.
3. Pholisa. Uma sekupholile, faka izinkomishi ezingu-2 zemithombo. Hlanganisa kahle. (Ukuvubela.)
Yeka kubile.
Ngosuku lwesithathu (ukuhluza)
Ingxube kufanele ibe namagwebu. Hluza. Yeka ubusuku bonke kuphuzwe ngosuku olulandelayo.
Ukukubeka: Ungakufaka efrijini. Kubeke endlini engafudumele kakhulu.
Iseluleko: Sebenzisa izinsipho (okusala emva kokuhluza) wenze obunye utshwala. Faka impuphu namanzi wenze njengoba kubhalwe ngenhla. [z]
Izithombe: Roelene Prinsloo
OKUMNANDI
Isifundo sokupheka
noNtwenhle Mpanza
Akukho okumnandi njengesiphuzo esipholisa siqabule uma kushisa ehlobo. Ngakhoke zitike ngentandokazi yesiphuzo saseSA - umqombothi!
Okuhlukile: Ungafaka u-ice-cream, i-yoghurt noma
u-custard wenze isiphuzo esehla esiphundu.
