zulu.2541.heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
Umfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Luyini ukholo?
Ngineminyaka emibili ngingasebenzi kanti ngihlale ngitshelwa ukuthi angikholwe uNKULUNKULU ukuze izinto zami zilunge. Ngicabanga ukuthi ukholo nginalo kodwa ngiyalungabaza uma isimo singibhedela kanje. Ngabe ukholo luyini?
Grace, Waterfall
Dear Grace: Awuwedwa. Baningi abanenkinga ngokholo. Abanye bacabanga ukuthi ukholo lungukulangazelela noma ukuba nethemba. Ukholo lunjengerisidi oyithola esitolo sefenisha emva kokukhokha ube usalinde ukuba kudilivwe impahla yakho. Abanye abayiboni kodwa wena usuke wazi ngayo!
Ukholo uluthola ngembewu yeZwi likaNKULUNKULU. Funda: u-Isaya 3: 10; Marku 11: 23-24; Matewu 7: 7-8.
Ukuhlangana komoya wakho nokaNKULUNKULU kuzala ukholo. Khumbula: umusa kaNKULUNKULU ungaphezulu kokholo lwakho!
Ungakhethi uma usufuna umsebenzi. Yenza noma yimuphi owutholayo. UNKULUNKULU uzokunika umsebenzi ongcono kunalowo obuwufisa!
Inkinga yokweshumi
Njengomndeni ongamaKholwa sineminyaka engu-12 sikhonza ebandleni lethu. Asikaze sibe nenkinga ngemali yokweshumi okufanele siyikhokhe njalo ngenyanga. Kodwa sixakwe wukukhuphuka kwamanani okudla, izinto zokuthutha nezikweleti. Uma ngikhokha okweshumi umndeni wami uzolamba. Ngenzenjani? Ngifuna ukwenza okufanele emndenini wami kanti angazi ukuthi yikuphi okuhle emehlweni ebandla.
Odidekile, Bloemfontein
Odidekile: Ngibonga ukuzinikela kwakho ebandleni lakho. Kodwa khumbula ukuthi awunikeleli ibandla. Okweshumi kuyindlela yokubonga uNKULUNKULU ukuze kube UYENA ozokuhola kwezezimali.
Njengoba ukhokha okweshumi, unesabelo embusweni weZulu kanti ungacela uNKULUNKULU akusize ngezikhathi ezinzima. Izinto zomhlaba zinemikhawulo kodwa umcebo kaNKULUNKULU awunamkhawulo.
Ukukhokha okweshumi akunciki ekutheni unamandla kangakanani kodwa uma ukholwa umelwe wukukhokha. Khokha ngokukholwa ucele kuNKULUNKULU. Uzokunika ikhambi lokuthola enye imali uyiphathe kahle. Funda: uMalaki 3: 8-10; Philiphi 4:19.
Isiqalo esisha
Nginezingane ezintathu ezinobaba abehlukene. Ngazithola ngimncane lezi zingane kanti ngiyazisola kakhulu ngalokho. Umndeni wami ungibiza ngomqwayizi. Ngingazikhipha kanjani kulolu bishi?
Valentine Gabi, Mthatha
Dear Valentine: Ungikhumbuza owesimame owahlangana noJesu emthonjeni. Wayenamadoda amahlanu kodwa uJesu akamgxekanga. Wamenza umshumayeli.
Omunye wagcoba izinyawo zikaJesu ngamakha abizayo uJesu wangamkhuza. Kunalokho, wamthembisa ukuthi igama lakhe lizoduma njengoKholo uqobo lwalo.
UJesu ushintsha izinhlungu zibe yinzuzo, amaphutha abe yizimanga. Awasho lutho amagama esibizwa ngawo nendlela esiphatheka ngayo.
Okubalulekile wukuthi Yena ukubiza nge "ndodakazi". Bambelela emazwini Akhe. Cela ukuba Ashintshe inhliziyo yakho nokulangazelela kwakho ube yisidalwa esisha. Abantu bazowubona umehluko kuwema. [z]
ANGINANHLANHLA KWEZOTHANDO
Anginanhlanhla kwezothando. Umngani wami uthi yingoba ngilufuna ezindaweni ezingafanele. Uthi angithandane nomuntu okholwayo. Ngabe amadoda akholwayo angcono kunangakholwa uma kukhulunywa ngothando?
Anonymous
Dear Anonymous:
Ungapheli amandla.
Zihloniphe ubambelele kokuyigugu kuwena. Uma indoda ikholwa akusho ukuthi ingcono kunengakholwa. Okumqoka wubudlelwane bomuntu noNKULUNKULU. Akufanele uye esontweni ngenhloso yokuthola umuntu ozothandana naye. Uma ukhonza UNKULUNKULU ngeqiniso, Uzokwengezela ezinye izinto kubandakanya nothando lweqiniso olungapheli.
SONDLA UMPHEFUMULO
UMusa kaNKU-LUNKU-LU Mkhulu!
Bhalela uMfundisi uGeorge kuleli kheli: Usizo Lomphefumulo, Box 473014, Parklands, 2121
