zulu.2539.yourbackpage_last
Izwi lokugcina
Izingubo zokugqoka engingazithandanga...
Yibhulukwe elingibambayo engalithenga ohambweni lwami lwaseParis. Ngavele ngangena esitolo ngathi, "Ngifuna leli!" Ngangifuna ukuligqoka ekhaya lapho ngizikhiphile ebusuku - kodwa lavele langiphoxa! Lalingenza ama-hips amabi. Angizange ngibe ngisalifaka. Isifundo engasithola ngesokuthi - linganisa ngaphambi kokuthenga.
Isihlabani sokugcina engasebenzisana naso...
Ngowesilisa. Ngangigqokisa uDumisani-Sizwe Mbebe weGenerations odlala indawo yesoka likaKhethiwe, ngesikhathi kuthwetshulwa izithombe kodwa wangazithanda izingubo. "Cha ngeke ngikugqoke lokho, akusona isitayela sami," kusho yena.
Ngamtshela ngathi, "Bheka lapha kudala ngawuqala lo msebenzi, lena iyona ndlela okugqokwa ngayo manje. Uma ungakwazi lokho, kufanele ufunde."
Ukugcina kwami ukuvaleka...
Kwakungu-2001. Ngangimodela, imali ngize ngiyikhokhelwe mhlawumbe ezinyangeni ezintathu. Ngangilamba kangangoba inkomishi yetiye yayisho lukhulu. Ngangazi ukuthi kufanele kube khona engikwenzayo ukuze kube khona imali engenayo. Kulapho ngaqala khona ukwenza izitayela zabama-shows eTV nokusikwa kwengqephu.
Ukugcina kwami ukulala nomuntu embhedeni...
Inja yami encane! Ngobunye ubusuku ngavuka ngezwa kukhona into ehamba embhedeni wami - kanti yinja yami uRickymol. Ngavele ngayivumela yalala.
Okokugcina ngigibela itekisi...
Ngadinwa umshayeli owayefuna omunye wesimame waseCongo akhulume isiZulu. Ngamkhulumisa ngesiSuthu (umshayeli), wathi akangizwa ngase ngithi: "Kunjaloke! Awunalo ilungelo lokubukela phansi omunye umuntu."
Umuntu wokugcina engamqabula...
Umsiki wengqephu uDavid Tlale - ezihlathini zombili ngendlela yamaFulentshi. Kwakungumzuzu wefeshini ngempela. Mncwah!
Ukudla kokugcina engakupheka...
Emasontweni ambalwa edlule, inkukhu ne-beef namadombolo. Umama nogogo babehlale bethi abafana kufanele benze noma yini ekhaya, bangifundisa nabazala bami ukupheka, ukuthunga nokuwasha izingubo.
Ukugcina kwami ukwesaba...
Ngesikhathi umfowethu uThabiso edunwa imoto ngase-Ellis Park. Sengike ngaqolwa ngakhonjwa nangezibhamu, kodwa lokho kubuhlungu uma kwenzeka kumuntu omthandayo ungakwazi ukumvikela.
Isonto lokugcina engaya kulo...
Yi-NG Reformed Church eSebokeng. Kulapho abahlobo bami behlala khona. Ngiye ngihambe nabo ngamaSonto.
Into yokugcina engayisho kumama wami...
"Ngiyohlale ngikuthanda. Angifuni ukukubona uhlupheka." Uyazi ukuthi ngiqinisile ngoba ngangihlale ngimethembisa ukuthi ngizomakhela umuzi. Eminyakeni emithathu eyedlule wawuthola. Ngihlale ngibeka umndeni wami phambili, ngisho ngabe lokho kusho ukuthi kufanele ngihlale emkhukhwini.[z]
Nihlanganiselwe nguPatricia McCracken
IKHASI LAKHO LOKUGCINA
Owengqephu owayengumkhangisi u-Ephraim Molingoana usitshela ngowesilisa amqabula, isihlabani somfana nokuthenga eParis
