zulu.2537.yourfamily_child
Sixoxa nodado
UTshepang Sebola oneminyaka emihlanu ohlala eFlorida eNtshonalanga yeGoli usitshela akwaziyo ngezwe lakhe kanye nepolitiki!
Ngabe uyalazi izwe ohlala kulona?
Angilazi kodwa ngihlala eFlorida.
Ngabe awazi ukuthi iSA ikuphi?
Ngiyazi - isedolobheni.
Ngabe uyazi ukuthi omongameli benzani?
Yebo, bayakuvotisa.
Ngubani umongameli waseSA?
NguZuma uMsholozi.
Ngabe uyamthanda?
Yebo ngiyamthanda.
Umthandelani?
Ngoba ngishilo ukuthi ngiyamthanda!
Ngabe ungathanda ukuba ngumongameli?
Yebo ngoba ngingayovota ngisebenzise abantu.
Yini eyenza uthande ukuhlala eSA?
Angazi, kodwa ngizokushayela ucingo ngoMsombuluko ngikutshele.
UMZALI OYISIHLABANI
U-Keabetswe Motselanyane ongumculi nomlingisi weluleka abafundi bethu ngokuthi kunini lapho kumele uthi "cha" enganeni yakho
AKEKHO umuntu othanda ukubona ingane yakhe ikhalela ukufa emva kokujeziswa ngumzali emthanda kakhulu - kodwa kukhona lapho kudingeka ukuthi sithi "cha" khona!
Nazi izeluleko zikaKB weRhythm City onendodana eneminyaka emibili:
Angiliphakamisi izwi uma ngithetha, kodwa ngiyama kwengikushoyo.
Ngithi "cha" uma ngiqonde lokho ngempela - angiwushintshi umqondo wami. Ukushintsha umqondo kungayidida ingane.
Ngenza isiqiniseko sokuthi indodana yami iyakuzwa engikushoyo, ngenze iyibone imbangela yokuthi ngithi "cha".
Ngibuye ngiqinisekise ukuthi iyabona ukuthi uMama akadlali uma ethi "cha".
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko noKamogelo Sebola
INGANE YAKHO
Uma ufuna ukuba "sikhulume" nentombazane noma nomfana wakho omncane, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyo.
INDLELA YOKUBONA INABUKENI ELIWU "POMU"
Lisheshe libe manzi.
Uthola okukhokhelayo - wagade amanabukeni angenagama athengwa eyinqwaba.
Inabukeni eliwu "pomu" aliyilingani kahle ingane.
Liyabheda uma indle eningi isalela ezinqeni zengane - yebo izinqe zengane kumele zingcole kodwa uma zingcole kakhulu kusho ukuthi inabukeni aliwenzi kahle umsebenzi walo.
I-tape esezinhlangothini zenabukeni kumele inamathele kahle.
Inabukeni eliwu "pomu" liyavuza.[z]
