zulu.1188.trivia
88 BONA ZULU June 2008
Umqondo omuhle
EJaphani abazali bezingane ezisanda kuzalwa banikwa izipho. Nabo bayaphoqeka ukuba banike abanye izipho ngokuzayo. Isitolo serayisi iYoshimiya eFukuoka sisanda kuqhamuka nomqondo omuhle wendlela yokubuyisela izipho: okuyizikhwama ezincane zerayisi elinesisindo esilingana ncamashi nesomntwana esinobuso balowo mntwana negama lakhe ukuze kuthi labo abakhiphe izipho - izihlobo nabangani - bakwazi ukuphatha ingane bayidlalise.
Yakha igama
Bheka mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha ngezinhlamvu zamagama ezisesikhaleni. Uhlamvu oluphakathi (olubomvu) malusetshenziswe kuwo wonke amagama bese ubheka ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu lwegama malusetshenziswe kanye.
BONA AMAKHASI ATHOKOZISAYO
IZIMPALA
■ Izimpala zitholakala ezindaweni ezinotshani nasemathafeni omileyo akwelase-Africa.
■ Zihamba ziyimihlambi kanti zidla izinto ezithambile eziyizitshalo namaqabunga.
■ Ziningi izinhlobo ezehlukene ezikhona kanti uhlobo oludumile ngama-Thomson’s Gazelle. Ububanzi buphakathi kuka-60cm no-90cm emahlombe kanti zinombala onsundu nomhlophe nemisho emnyama.
■ Lolu hlobo lwezinyamazane lugijima kancane lugxume kakhulu uma zibalekela izitha ezinjengamabhubesi nezingwe.
I-liquid silver
I-mercury ebuye yaziwe ngokuthi yi-quicksilver, iyikhemikhali okuthiwa yi-Hg, kusukela kwiGreek hydrargyrum okuchaza uketshezi olusasiliva.
Ingenye yama-metal aluketshezi ngaphansi kwezinga lokushisa lasendlini.
I-mercury isetshenziswa kuma-thermometers nakwamanye ama-instruments.
I-mercury yaziwa kudala emandulo emaShayineni nasemaNdiyeni kanti yatholakala emathuneni aseGibhithe ngeminyaka yo-1500BC.
EShayina, eNdiya naseTibet i-
mercury yayisetshenziswa ngoba bekholwa wukuthi ikwenza uphile isikhathi eside, yelaphe izinhlungu ikunike impilo enhle.
Iyubuthi obunzima. Kumanje elaseShayina yilo eliphambili emazweni akhiqiza i-mercury emhlabeni.
UKUVUSELELA
Ungasiza ekwehliseni izinga lokudungeka komoya ngokufaka ithini lesiphuzo emgqonyeni owehlukile. Uma uzama ukukhetha phakathi kwemikhiqizo emibili, khetha lowo ongapakishekile kakhulu. Uma ibhilidi lehhovisi labasebenzi abangu-7 000 bengavUselela amaphepha abawasebenzisa isikhathi esingangonyaka kungaba nokonga okufana nokukhishwa kwezimoto ezingu-400 emgwaqweni.
Izintaba ezimnyama
ISwartberg mountains (“intaba emnyama”) iwuchunge lwentaba ehamba igudle indawo esenyakatho yeLittle Karoo eWestern Cape. Enyakatho yeSwartberg kukhona iGreat Karoo.
Kunama-passes ambalwa adlula eSwartberg Range, kanti eyodumo kuwona ihamba inqamule phakathi kwe-Oudtshoorn eningizimu kanye ne-Prince Albert enyakatho. Le-pass ibukeka kahle kakhulu kwiLittle kanjalo nakwiGreat Karoo.
Izindawo eziningi zalolu chunge lwezintaba zeSwartberg zingu-2 000m ukuphakama nokuyenza kube wuchunge lwezintaba olude kunazo zonke eWestern Cape kanti futhi zingezinye ezinde ezihamba ibanga elingu-230km kusuka eningizimu yeLaingsburg entshonalanga kuya phakathi kweWillowmore ne-Uniondale empumalanga.
ISwartberg empeleni inochunge lwezintaba olukabili: iSmall neGreat Swartberg.
ISmall Swartberg Mountains okuyiyo esengxenyeni esentshonalanga yiyo ende kulolu chunge lolubili kubandakanya i-peak ende i-Seweweekspoortpiek engu-2 325m.
I-Great Swartberg isengxenyeni esempumalanga ngasemfuleni iGouritz. Kule ndawo iTierberg yiyo eyi-peak ende engu-2 132m.
Lezi zintaba ziyikhaya kumaCango Caves atholakala enyakatho ye-Oudtshoorn nokuyindawo enedumela eSouth Africa kulezo ezingaphansi komhlaba.
Ingxenye yeSwartberg ingaphansi kwe-UNESCO World Heritage Site.[z]
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto.
BONA ZULU June 2008 89
