zulu.2521.par comp
Mahle ezinganeni kanti futhi nabadala ayabathokozisa, lawa mathoyizi akhayo ngakwezemfundo nachithisana isizungu…
BONA ZULU – March 2007
Akhela ikusasa
NGABE ubufuna into ezokuthokozisa wena nezingane? Kungani ungazami ithoyizi elizokuba nomthelela kwezemfundo ngokufundisa amakhono ezokwakha futhi lijike likuthokozise wena nezingane.
Ukusiza ingane yakho ikwazi ukusebenzisa isiphiwo sokuzisungulela izinto, kubaluleke ngaphezu kokuchitha isizungu - izofunda ukuxazulula izinkinga, izithokozise bese ifunda nangezinto eziningi ezenzeka eduze kwayo.
“Ukuzisungulela izinto kwenza izingane zikwazi ukumelana nezimo eziningi,” kusho uSally Goldberg onguphrofesa wemfundo yezingane kwelaseMelika.
Lawa mahampa anezinto zokudlala zokwakha ongazisebenzisa ngezindlela ezahlukene.
Zitholele eyodwa!
UBONA unamahampa angu-10 amathoyizi ezingane eJunior Tradesman, abiza R1 000 iyinye onikezela ngawo.
Vele uthumele i-postcard elinegama lakho, ikheli nenombolo yakho yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Junior Tradesman Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 ukuze igama lakho lingene kowokutonyulelwa inhlanhla.
Usuku lokuvala ngumhlaka: 30 March 2007.[z]
WINA!
Izinto
zokwakha ezibiza
R10 000
BONA – August 2005
