zulu.2519.finances
Ubani ophatha imali?
Usumtholile umaqondana wakho kanti nihlela ukuhlala ndawonye impilo yenu yonke. Kodwa ngabe singakanani isikhathi enisichitha nibonisana ngezezimali?
OTHANDWENI, ngabe omunye wenu kumele alawule i-akhawunti yasebhange, akhokhele izikweleti abuye anike omunye imali azoyisebenzisa? Noma lowo nalowo uyazilawulela i-akhawunti yakhe?
Le mibuzo kungenzeka ukuthi ayizwakali kahle kodwa kufanele nizibuze yona uma nifuna ukushada, noma ukuhlala ndawonye. Phela ukulwa nibanga imali kuyaluqeda uthando!
Uma kukhulunywa ngezidingo zekhaya, akekho umuntu okufanele athwale kanzima kunomunye. Okubasebenzelayo abanye kungenzeka kungabasebenzeli abanye.
Bonke ochwepheshe bayavumelana: okumqoka wukuvumelana ngokuthi imali nizoyiphatha kanjani. Lokho kwenzeni ningakashadi - noma ningakahlali ndawonye.
Enye into, ngisho noma ngabe ngubani ohola kakhulu kunomunye, bonisanani ngokuthengwa kwezinto ezibizayo.
Ukufika ekhaya uhamba ngonyanyavu lweBMW ekubeni uhlulekile wukukhokhela iCorolla yakho endala kuzosusa umsindo.
Yini eningayenza?
IMALI YAKHO
Hluka-nani uma nilwa nibanga imali!
IZELULEKO
Thembekani omunye komunye. Lo muntu uzochitha impilo yakho yonke naye ngakhoke akufanele kube kukhona enifihlelana kona.
Uma imali izophathwa omunye wenu, qinisekani ukuthi lowo muntu uzoyiphatha kahle.
Yongani! Uma ninezinkinga ezithinta imali, uthando luyaphela.
Uma omunye wenu enenkinga yemali omunye engenayo, zibuze ukuthi lokho kudalwa yini. Ngabe kukhona ongazigcini izimfanelo zakhe noma odlala ngemali yakhe?
1 YABELANANI NGEZIKWELETI
Abaningi bathanda ukuzimela uma kukhulunywa ngezimali.
Isibonelo, ungathatha isinqumo sokuthi kube yindoda yakho ezokhokhela ibhondi, noma irenti, umshuwalense, isikweleti socingo, i-medical aid nemoto wena uthenge ukudla ukhokhele ugesi namanzi.
Ingasebenza: Uzokwazi ukusebenzisa imali ezosala ngendlela oyithandayo.
Ingangasebenzi: Qaphela ukuthi umali yakho ikhokhelani. Usengozini yokungenzi into ephathekayo ngomholo wakho! Uma ukhokhela igrosa nezinto zokuzijabulisa ngeke ube nento ozoyikhomba oyenze ngemali. Qiniseka ukuthi ukhokhela izinto ezibizayo ezinjengefenisha ozokwazi ukuthi ngezakho uma kwenzeka nihlukana.
ISELULEKO: Kumqoka ukuba niphinde nibheke izindleko zenu ukuze kungabibikho okuzodlalwa ngaye.
2 YIBANI NE-ACCOUNT EYODWA
Ningakhetha ukuhlanganisa imali yenu ingene kwi-account eyodwa, izindleko zenyanga zibanjwe ebhange.
Ingasebenza: Ningonga ezindlekweni zebhange kanti ikusasa lenu lingaqhakaza uma nifunda ukulawula imali yenu.
Ingangasebenzi: I-account kufanele ibe segameni lakho noma lothandana naye. Omunye wenu angaba nekhadi lakhe lasebhange abe namandla okusayina kodwa uma lowo okuvulwe ngaye i-account eshona i-account iyavalwa. Okunye uma omunye wenu engakhokhi kahle, kuzongcola amagama enu nobabili.
ISELULEKO: Kuhle ukuba ne-account yakho wedwa yokonga imali, noma wonge imali encane esitokofeleni.
3 IMALI AYIPHATHWE UMUNTU OYEDWA
Kungenzeka ukuthi wena (noma indoda yakho) awukwazi ukuphatha imali uze uthathe isinqumo sokuthi ayiphathwe yindoda yakho.
Ingasebenza: Uma imali iphethwe wumuntu oyedwa uzokwazi ukuthi yiziphi izidingo zekhaya ahlelele izinkinga ezingavela.
Ingangasebenzi: Uma nihlukana, osele ngeke abe nolwazi lokuthi imali uzoyiphatha kanjani.
ISELULEKO: Ukuthatha
isinqumo sokuthi kube ngumuntu oyedwa ozophatha izimali akusho ukuthi omunye makangazi okwenziwa ngayo. Naye makabheke izitatimende zasebhange abe nolwazi lokuthi imali yenziwani. [z]
Indaba: Gavin Foster
