ZULU.2510.sis sarah
BONA ZULU - June 2006
Buza kuSis'Sarah
Ngilinde kuze kube yinini"
Ngino-35, isoka lami lino-38. Saqala ukuthandana ngino-16 nokwathi lapho ngino-17 sathola umntwana wethu wokuqala, sase sihlala ndawonye. Manje sinezingane ezintathu kodwa akakaqedi ukukhokha ilobolo ukuze sishade. Lokhu kubuhlungu kimina ngoba, yonke le minyaka ngithembekile kuyena. Kuyacaca ukuthi lokhu akakuthandi. Ngicela usizo.
LT, Standerton
nKufanele umcacisele ngokuphatheka kabi kwakho. Mtshele futhi ukuthi kule minyaka engu-20, seninomndeni ngakhoke kunye osekusele ukuze kuphelele injabulo - wukuba akushade.
Kuyilungelo lakho ukwazi ukuthi uzimisele ngokukushada yini, uma kunjalo kungani engakaqedi ukulobola. Ukuxhumana okuhle yisona sisekelo esiqinile sanoma yimuphi umshado. Naye unelungelo lokwazi ukuthi uphatheke kanjani njengoba nawe futhi unelungelo lokwazi mhlawumbe ukuthi kungani engafuni ukushada.
Ngikhathele wumyeni wami
Ngino-27 nginezingane ezimbili. Ngihlukene nomyeni wami kanti futhi ngifuna ukumdivosa. Phambilini ungibonisile ukuthi unobungqingili njengoba njalo ngangimbamba oqotsheni nabanye besilisa axolise. Ngoba ngangimthanda, ngangimxolela ngethemba lokuthi uzowuyeka lo mkhuba.
Isigameko sokugcina saba buhlungu kakhulu lapho athandana khona nowayesisiza endlini. Ngangisebenza emini yena esebenza ebusuku nokwakwenza singabi naso isikhathi esanele ndawonye. Ngelinye ilanga ngababamba embhedeni maqede ngapakisha izimpahla zami ngahamba. Manje abasathandani, usefuna ukuba ngibuye emzini wethu.
Sengikhathele yile ndoda. Sengifuna owesilisa ozonganelisa ngokocansi angisize ngikhohlwe yilo mlisa osengichithele isikhathi sami. Angizimisele ngokuphinde ngishade, ngakhoke kufanele kube wumuntu ongazimisele ngomshado. Manje sengakha impilo yami kabusha njengomzali ongayedwana. Ngicela iseluleko.
Okhathazekile, Lesotho
nKuyacaca umyeni wakho uhlale elangazelele ucansi - uma ubheka izenzo zakhe, akuyena umuntu ongamethemba.
Ngicabanga ukuthi uthathe isinqumo esiyiso ngokumshiya. Ngeke kube ngumqondo omuhle ukubuyela kuyena. Usuqalile ukwakha impilo yakho kanti kubukeka sengathi uyazi uzimisele ngani njengoba ungasazimisele ngomshado.
Kubukeka sengathi usudinelwe bonke abesilisa nokuyinto ekwenza uthi awusazimisele ngomshado. Zama ukungaqinisi umthetho kwabesilisa ikakhulu ngoba kungenzeka ushintshe umqondo uma uthola ozokuthanda ngeqiniso. Ngiyazi kunzima kodwa ungaqhathanisi bonke abesilisa nomyeni wakho.
Bambelela ezinhlelweni zakho. Usemusha, unezingane ezimbili ngakhoke ayikho into okufanele uyijahe.
Unezintombi eziningi
Ngiphatheke kabi ngoba isoka lami linezintombi eziningi. Lingenzela konke, kodwa inkinga wukuqonywa. Angazi noma liya ocansini ngezindlela eziphephile yini nalaba abanye besimame. Ngenzenjani"
SN, Witbank
nUngambiza kanjani lo mlisa ngesoka lakho uma enezintombi eziningi" Asikho isidingo sokuqhubeka uthandane nalowo muntu. Ngisho ngabe ukwenzela konke, kodwa ekugcineni, uzobeka impilo yakho engozini uma engayi ocansini ngezindlela eziphephile. Ngabe impilo yakho nekusasa lakho yizinto ezingabalulekile" Yisikhathi sokumshiya uthole umuntu ozothembeka.[z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - June 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
