zulu.2505.yourlifeguide_legal
AZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga sibheka ongakwenza uma owayengunkosikazi wakho efuna ukuyohlala nezingane zenu phesheya (nokuthi ningayihlukanisa kanjani ifenisha uma senidivosile
ENGANGISHADE NAYE UFUNA UKUYOHLALA PHESHEYA
Ngithanda ukubonga kwabeScorpion ngokusiza kwabo abafundi bakaBONA ezinkingeni abahlangabezana nazo emva kokudivosa. Senginolwazi ngezinto ezinjengokugcinwa kwezingane nesondlo kodwa engisafuna ukukwazi wukuthi yimaphi amalungelo ami uma kukhulunywa ngelungelo lokuba ngumgcini wezingane zami-
Siyadivosa kanti unkosikazi wami uthi useyohlala eMelika. Ngeke ngibe nemali yokugibelisa izingane zami ukuze zingivakashele eSA uma kuvalwe izikole noma yokuzivakashela eMelika. Ngabe lokhu sekusho ukulahlekelwa yizingane zami-
Ngenzenjani uma unkosikazi wami eyisa izingane zami kudokotela wamazinyo obizayo- Ngabe kufanele ngikhokhe ngivale umlomo-
Le nto iyangikhathaza ngoba ngiyazithanda izingane zami kanti ngifuna ukuzinakekela.
Senzenjani ngempahla yasendlini nokunye- Sabelana kanjani ngalezi zinto ngoba sobabili siyazidinga-
ISELULEKO SOFEZELA
Ngaphambi kuka-1993, ngisho noma ngabe izingane zazihlala nomama wazo, ubaba wayenelungelo eligcwele lokugcina izingane zakhe ngaphandle uma lelo lungelo eliphucwe yinkantolo.
Emva kwalokho kwaphasiswa umthetho omusha. Phakathi kwezinye izinto uMthetho wokuGcina izingane uthi kudingeka imvume yabazali bobabili ezinqumweni ezimqoka ezithathwa ngengane.
Lezo zinqumo zibandakanya ukuya nezingane phesheya. Okusempeleni kudingeka imvume yabazali bobabili ukuze ingane ikhishelwe i-passport.
Ungakhathazeki ngoba umthetho omusha uyakuvikela. Umama wezingane zakho ngeke akwazi ukuhamba nezingane ngaphandle kwemvume yakho. Ngeke futhi enze izikweleti ezinkulu ningavumelene.
Ukhumbule ukuthi nawe udinga imvume yakhe ezintweni ezimqoka ezithinta izingane zenu!
Omunye umbuzo wakho uthi niyihlukanisa kanjani ifenisha.
Asikukhumbuze ukuthi into yokuqala okumele unkosikazi wakho ayenze uma inkantolo isikhiphe isinqumo sokugcina mayelana nedivosi, wukulungisa indaba yekhaya azohlala kulona nezingane zakhe.
Lolu daba luvame ukuba nzima kakhulu kobaba.
Okokuqala, naye kumele abe nekhaya azohlala kulona, okwesibili, kumele akhokhe imali yesondlo sezingane. Phezu kwalokho, kuvame ukuthi unkosikazi ahole kancane kunomyeni wakhe uma kungukuthi uyasebenza ngesikhathi bedivosa. Kungenzeka nokuthi nidivose unkosikazi engasebenzi kudingeke ukuba afune umsebenzi.
Uma kwenzeka ewuthola, kungenzeka ahole imali encane kodwa aqhubeke abekezele ngoba ebona isimo abhekene naso.
Ngisho noma ngabe yini enixabanisile, ubaba uyohlala engubaba ezinganeni zakhe kudingeke ukuba azinike ikhaya, imfundo abhekele nezidingo zazo zempilo.
Izinto ezinjengemibhede nezingubo zokulala, ifriji nesitofu, itafula nokunye, kuthathwa njengezinto ezimqoka kumama nasezinganeni.
Kuyiqiniso ukuthi uma umyeni evuma ukuba unkosikazi athathe lezi zinto kuzodingeka ukuba athenge ezinye ekhaya lakhe ngemali azoyikhipha ephaketheni lakhe. Akukho okunye angakwenza ngalokhu.
Lokhu kungesinye sezibonelo zokubhekelelwa kwezidingo zezingane kuqala.
Kumqoka ukubhekela ukuphepha nenhlalakahle yazo ngisho noma lokho kungasho ukulahlekelwa yizinto ozidingayo empilweni yakho. [z]
UTHINI UMTHETHO
ESITHOMBENI ABAKHANGISI
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 473014, Parklands, 2121
- ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
